UMagashula uzokhunjulwa ngokuthanda izwe nabantu abampofu – uRamaphosa
YINTATHELI YOMBELE
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthi owowayewukhomishana womqoqintela iSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Oupa Magashula, oshonile, uzokhunjulwa ngokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika.
Izolo umndeni kaMagashula, obeneminyaka ewu-63, umemezele ukuthi ushonele esibhedlela emva kokugula isikhathi eside. Yize aduma kakhulu ngesikhathi ewukhomishana weSars kodwa uke waphatha izikhundla eziphezulu eTelkom, eSouth African Breweries nakwezinye izinkampani ezizimele.
Waba wukhomishana weSars kusukela ngoJulayi wango-2009 kwaze kwabawuJulayi wango-2013, waqinisekisa ukuthi le nkampani kahulumeni iyaqhubeka nokuqoqa intela kahle emva kokufadabala komnotho okwenzeka ngo-2008 emhlabeni.
URamaphosa udlulise amazwi enduduzo emndenini kaMagashula emncoma ngokunikela ngempilo yakhe ukusimamisa umnotho waseNingizimu Afrika.
“Wayephethe iSars ngesikhathi esinzima, lapho umnotho wawuntenga emva kokuwa kwezimakethe ngo-2008 emhlabeni jikelele. Wayekhona ngesikhathi sihlanganisa imali ukuze iNingizimu Afrika ibenemidlalo yeNdebe yomHlaba eyimpumelelo ngo-2010.
“Ubengumholi onozwelo, owuthandayo umsebenzi wakhe nokusiza abantu baseNingizimu Afrika abahluphekayo. Akasebenzanga nje eSars kuphela kodwa nasembonini ezimele ebesebenzisa ubuchule bakhe ukuletha impilo engcono kubantu bakuleli zwe,” kusho uRamaphosa enkundleni yokuxhumana i-X.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/26/i-sars-iqinisa-ubudlelwano-nezimboni-ezinkulu/
Esiatimendeni somndeni kaMagashula, uthe uzokhunjulwa ngobuntu, ukuzithoba, imfudumalo akade eyinika abantu uma bekhuluma naye nothando lweNingizimu Afrika nabantu bakuleli zwe.
Eminye imininingwane izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi njengoba umndeni uthe usematasa nezinhlelo.

