Umphakathi kufanele ubambisane nomasipala ukulwa nenkohlakalo: imeya yaseThekwini
YINTATHELI KAMASIPALA
IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ifuna kuqiniswe ezokuphatha, kuphuculwe ubuchwepheshe futhi kufundiswe nomphakathi izindlela zokulwa nenkohlakalo.
UXaba ubekhuluma esigcawini sokulwa nenkohlakalo i-Anti-fraud and Corruption Seminar ebise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre izolo.
Uthe inkohlakalo yinkinga enkulu umasipala obhekene nayo futhi incisha imiphakathi izinsiza njengoba iphazamisa ukuhambisa izidingo.
“Amacala abantu abadle imali kufanele asheshiswe futhi imali ebuyayo ilingane necala abasuke belenzile. Kufanele siqinise ukusebenzisana phakathi kukahulumeni, umphakathi, izinhlaka zomthetho neziphethe imisebenzi,” kusho yena.
Utuse umNyango oLwa neNkohlakalo kumasipala, wathi wenza umsebenzi omuhle futhi kubalulekile ukuthi usebenzise ubuchwepheshe besimanje, abale kubona i-artificial intelligence nobunye.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/04/isabelomali-sasethekwini-sango-2025-26-sibeka-eqhulwini-izidingo-zabantu/
UXaba uthe uma umphakathi ufundisekile ngomphumela omubi wenkohkalalo nokukhwabanisa kubalula ukuthi ubike.
Onyakeni wezimali wango-2024/25 eThekwini kubikwe ukuthi:
1) Amacala awu-17 enkohlakalo avuliwe, awu-11 asenkantolo.
2) Izinkampani eziyisishiyagalolunye zifakwe ohlwini lwezinkampani ezingavumelekile ukusebenzisana nomasipala.
3) Amacala awu-15 kufanele abawenzile babuyise imali elinganiselwa kuR35 million
4) Amacala awu-81 abantu obekufanele bajeziswe bajezisiwe.
5) Ukwebiwa kukadizili nezinye izinsiza kusewubugebengu obuphambili.
U-Adv Bulelwa Vimbani-Shuma woPhiko lokuShushisa uthe kufanele abantu abaveza inkohlakalo bavikelwe.
“Kufanele umphakathi ufundiseke ngobubi benkohlakalo nokukhwabanisa, wazi ukuthi lezi zinto ziphazamisa ukuhambisa izidingo,” kusho yena.
Umqondisi womNyango oLwa neNkohlakalo kumasipala uMnu uJimmy Ngcobo uthe abayibekezeleli inkohlakalo eThekwini.
“Sibanemihlangano nyanga zonke lapho sisuke sibhunga ukuthi amacala enkohlakalo asekusiphi isigaba. Ngeke sivume ukuthi izigebengu zingcolise igama likaMasipala waseThekwini,” kusho yena.Ucele izakhamuzi ukuthi zibike inkohlakalo nokukhwabanisa okwenzeka kulo masipala ngokushayela ku-0800 202 020 noma ku-031 311 4002 noma bathumela i-email ku-ombuds@durban.gov.za

