Umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke ukhiphe umyalelo oyalela imenenja kamasipala ikhokhe uR4.6 million. Esebenzisa amandla anikwe ihhovisi lakhe. Isithombe: Sithunyelwe

Umcwaningimabhuku uhlawulise imenenja kaMasipala uR4.6 million

YINTATHELI YOMBELE 

KUPHELILE ukushaya indiva izinqumo zomcwaningimabhuku-jikelele njengoba eseqalile ukujezisa abantu abangawulandeli umthetho wokuphatha imali.

NgoLwesihlanu umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke usebenzisa amandla akhe engeziwe ngaphansi komthetho i-Public Audit Act ukuhlawulisa imenenja kaMasipala iNgaka Modiri Molema uMnu u-Allan Losaba uR4.6 million ngokukhokhela inkampani ethwala amanzi ngamaloli imali eningi kunobekufanele ikhokhelwe yona.

ULosaba yimenenja yokuqala yomasipala ukuthola le ncwadi emyalela ukuthi akhokhe ngokumoseka kwemali kumasipala. 

Kuvela ukuthi ngoJuni wango-2018 kuya ngoDisemba wango-2020 kwaqokwa inkampani eyayizothumela amanzi kwizakhamuzi zaseNgaka Modiri Molema ngamaloli. Le nkampani kwavela ukuthi ikhokhisa umasipala imali okungesiyona ngokuqamba amanga ngamakhilomitha namahora asetshenziwe. 

Abasebenzi beHhhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele babona loku ngesikhathi benzwa ucwaningo lonyaka wezimali wango-20018/19 baphakamisa ukuthi kusukunyelwe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/29/umcwaningimabhuku-usole-izimeya-nosomlomo-ngokungaphathi-kahle-izimali-komasipala/

Lo masipala awuzange ukulungise loku njengoba imali iqhubekile ukulahleka ngonyaka wezimali wango-2019/2020 nowango-2020/21. ULosaba wathembisa ukuthi uzokulungisa okwakuphakanyiswe wumcwaningimabhuku-jikelele kodwa akangakulungisa. 

“Isinqumo ngisithathe ngoba imenenja ihlulekile wukubuyisa imali elahleke kumasipala. Sixoxe nayo kabanzi, sathumela nezixwayiso ezibhalwe phansi ngaphambi kokukhipha isitifiketi esithi (umyalelo othi) ayiyikhokhe imali elahlekele umasipala siqu sayo,” kusho uNks uMaluleke.

Uthe emva kwalo myalelo wakhe kufanele imeya uMnu uKhumalo Molefe yenze isiqiniseko sokuthi uLosaba uyayikhokha imali futhi iyabonakala esikhwameni sikamasipala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page