Ukuphuma kwi-grey list yisiqalo – umGcinimafa
WUSLINDILE KHANYILE
UKUPHUMA kweNingizimu Afrika ohlwini iFinancial Action Task Force (iFATF) efaka amazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izinhlangano zabashokobezi i-grey list yisiqalo somsebenzi wokuqinisa izinhlaka zomthetho eNingizimu Afrika.
Usho kanje umNyango weziMali ngesikhathi umemezela ukuthi izwe seliphumile ngokusemthethweni kwi-grey list emva kokufakwa kulolu hlu ngoFebhuwari wango-2023. Amanye amazwe akhishiwe kulolu hlu yiNigeria, iMozambique neBurkina Faso.
Lesi simemezelo senziwe ngoLwesihlanu olwedlule emva komhlangano weFATF Plenary obuseParis, eFrance, ngesonto elidlule. Loku kusho ukuthi iNingizimu Afrika isizilungisile izinto eziwu-22 ebezidinga ukulungiswa emithethweni nasemigomweni yezwe.
“Kulezi zinyanga eziwu-32 ezidlule iNingizimu Afrika isixoxisane nethimba lababuyekeza izinto abebejutshwe yiFATF ukubheka inqubekelaphambili ezintweni ebezidinga ukwenziwa. Loku kuholele ekutheni bafike ekupheleni kukaJulayi lapho bebezoqinisekisa khona ukuthi lezi zinguquko esizenzayo ziyasebenza yini.
“Loku kuphothulwe ngomhlangano obekhona phakathi kwephini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt uDavid Masondo, iphini likangqongqoshe lomNyango wezobuLungisa nokuThuthukisa umThethosisekelo uMnu u-Andries Nel, abaqinisekise iFATF ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika uzimisele ngokuqhubeka uqinise izindlela zokulwa nokushushumbisa imali nalabo abaxhasa abashokobezi,” kusho umNyango weziMali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/29/ukuphuma-kwi-grey-list-kunezifundo-esingazisebenzisa-kwezinye-izinguquko-kuloba-ubusi-mavuso/
UmGcinimafa uthe umsebenzi wokuqinisa lezi zinhlaka kufanele uqhubeke njengoba ethe ukuphuma kulolu hlu akusho ukuthi sekufanele kusongwe izandla. I-FATF izoqhubeka nokubheka ukuthi iNingizimu Afrika iqhuba kanjani, okuzoqala ngonyaka ozayo kuzekuphothulwe ngo-2027.
Umlawuli embonini yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uthe iNingizimu Afrika ikwaze ukwenza loku ngenxa yokubambisana kwabo bonke abantu kuhulumeni, abalawuli, izinhlaka zomthetho nemboni ezimele ukulungisa izinto iFATF ebikhala ngazo. Uncome ubuhuli bomNyango weziMali ngokuzikhandla ukulungisa lesi simo.
Ukhomishana weFSCA uMnu u-Unathi Kamlana uthe: “Isinqumo seFATF siqinisekisa ukuthembeka kwemboni yezimali eNingizimu Afrika. Kutshengisa nokuzinikela kwezikhungo zikahulumeni nezizimele ekusebenzisaneni ukuqinisa ezokuphatha, ukuphucula ukuhlalisa yonke into obala nokusebenza ngokuthembeka.
“Lesi sinqumo asithinti nje ukuphuma kwi-grey list kuphela kodwa kodwa siqinisa nokuthenjwa kwethu kwamanye amazwe,” kusho yena.

Ukhomishana wophiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Edward Kieswetter uthe yigxathu elikhulu leli kodwa wagcizelela ukuthi akusho ukuthi izwe sekufanele lidembesele ukuqikelela ukuthi alizitholi liphindela kulolu hlu ngomuso.
“Siyazi ukuthi ukukhishwa kwi-grey list akusho ukuthi sesifike ekugcineni kodwa kusho ukukhathula indima enkulu ohambweni oluzothatha isikhathi eside ukuqinisa izinhlaka zemali. Impi yokulwa nobugebengu obuthinta imali nenkohlakalo iyaqhubeka.
“I-Sars iyaqhubeka nokuzibophezela ekuphatheni imali ngobunono njengoba sekuseduze ukubuyekezwa kwendlela esenza ngayo ngo-2026. I-Sars izoqhubeka nokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ilwa nemali engena ngobugebengu,” kusho yena.

