Isikhulu se-Emirates eSouthern Africa uMnu u-Afzal Parambil sithi, bahlela lukhulu eNingizimu Afrika njengoba bezokwandisa abantu ababaqashile eNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

I-Emirates izonciphisa isibalo sabangasebenzi eNingizimu Afrika 

WUSLINDILE KHANYILE 

ISIBALO sabagibeli nemali engeniswa yinkampani yamabhanoyi i-Emirates sekungaphezu kwezibalo zale nkampani yamabhanoyi ngaphambi kwe-Covid-19, kanti iNingizimu Afrika inesandla esikhulu kuloku. 

Umphathi we-Emirates eSouthern Africa uMnu u-Afzal Parambil uthe ukubuyisa abagibeli emva kwalesi sikhathi umhlaba wonke owawuvalwe ngaso kwabalula kodwa kwadingeka ukuthi basebenzisane kakhulu nezinye izinhlaka ngoba kuningi okwase kushintshile.  

“Senza ngale ndlela esenza ngayo ngesikhathi siqala (ukufika eNingizimu Afrika) saqala ngebhanoyi laseGoli. Indlela abantu abahamba ngayo isishintshile,” kusho yena.  

Ukubaluleka kweNingizimu Afrika kule nkampani yamabhanoyi yase-United Arab Emirates akuyona into abayiqabukayo njengoba bethi seloku bafika kuleli zwe ngo-1995, abantu babamukele ngezandla ezimhlophe. Yikona futhi okwenza bazibophezele ekutshaleni kakhulu kuleli zwe njengoba sebezokwandisa isibalo sabantu baseNingizimu Afrika ababaqashile. 

“Sivele sinabantu abawu-1 300 baseNingizimu Afrika abasisebenzelayo, iningi labo elizinze eDubai. Sizimisele ukuqasha abantu abangaphezu kwabawu-700 abanakekela abagibeli emabhanoyini nabashayeli bamabhanoyi abangaphezu kwa-300. Sinezinhlelo ezinkulu zokukhulisa umsebenzi kuwo wonke amazwe esiwahambelayo kodwa ngeke sikwazi ukwenza loko singenazo izisebenzi ezanele. Uzothi uphela unyaka wezimali esikuwo, sizobe sesiqashe abantu abawu-70 000,” kusho uParambil.  

ENingizimu Afrika banamabhanoyi awu-49 ngesonto, isibalo abasanda kusenyusa sisuka kwawu-42. U-Parambil uthi iNingizimu Afrika imqoka futhi ngoba bayisebenzisela nokufinyelela kwamanye amazwe aseningizimu ye-Afrika. 

“Cishe sesithuthe abagibeli abawu-20 million abasuka eNingizimu Afrika kusukela ngo-1995 kanti ukusungula imisebenzi kuyingxenye enkulu yaloku ngoba cishe isivakashi nesivakashi esifikayo sakha amathuba amathathu emisebenzi. Abagibeli bethu abawu-60% ngabantu asebeke bawagibela amabhanoyi ethu. Loko kudalwa wukuthi siyawaqonda amakhasimende ethu, sinokudla kwaseNingizimu Afrika namawayini aseNingizimu Afrika emabhanoyini ethu. 

“Imisebenzi ayiqhamuki nje ngathi ngqo kuphela kodwa siyasebenzisana nezinye izinkampani zamabhanoyi njengeSouth African Airways, i-Airlink neFlySafair kodwa iSAA yiyona esesisebenzisane nayo isikhathi eside.” 

U-Parambil uthe kuningi kakhulu okuhle ngeNingizimu Afrika nabantu bayo futhi yizwe okulula ukulidayisa kungabe kwizivakashi noma abatshalimali. Nokho uthe kunento eyodwa nje leli zwe elidinga ukuyisukumela ukuze libe ngcono kakhulu kuneliyikona.  

“Siyinkampani ekwazi ukushintsha ukuhambisana nesimo futhi izinselelo iNingizimu Afrika ebhekana nazo azenzeki kuyona kuphela, zikhona nakwamanye amazwe. Kungaba yizibhicongo ngenxa yesimo sezulu noma ukuwa komnotho kodwa uma ngingabalula into eyodwa edinga ukulungiswa eNingizimu Afrika ngingathi wukuthuthukisa ingqalasizinda. Imigwaqo nezokuthutha ezisebenza kahle, ezokuphepha nokuvikela kubalulekile. Izikhumulo zezindiza ezisebenza kahle, kumqoka,” kucebisa yena.  U-Parambil uthe okunye abakwenzayo ukukhulisa umsebenzi wukuthi basebenzise u-$5 billion ukuphucula amabhanoyi abo amadala njengoba sebenophiko abalubiza nge-premium economy oluphakathi kwe-economy ne-business class abasanda kulethula, abathi abagibeli bayazifela ngalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page