Kuhlwanyelwe imbewu yentuthuko nobambiswano kwi-reSURGEnce Durban 2025
YINTATHELI KAMASIPALA
NGEMVA kwempumelelo enkulu ye-reSURGENCE Conference Durban 2025, kuhlwanyelwe imbewu yokuvuseleleka komnotho we-Afrika.
Le ngqungquthela eqale ngomhlaka-20 kuya ngomhlaka-24 wangoSepthemba e-Inkosi Albert Luthuli International Convention, ibihlanganise abaholi abanombono, abatshalimali, abasunguli bezinto ezintsha nosomabhizinisi base-Afrika nabadabuka e-Afrika abazalelwe phesheya.
Le ngqungquthela, ebinendikimba ethi “A Thicker Slice of the Economic Pie,” okusho ucwezu lomnotho olukhudlwana, ibigxile emaqhingeni okuqinisekisa ukuthi umnotho wase-Afrika ufaka bonke abantu futhi bayahlomula.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/19/kuzohlomula-osomabhizinisi-ngombukiso-i-resurgence/
Izithunywa ziphume zinenjongo nezinhlelo eziphathekayo zokudala amathuba emabhizinisini amancane, ukuvula amathuba ohwebo emhlabeni jikelele nokugxilisa umnotho ofaka bonke abantu.
Izingxoxo bezigxile ekufukuleni amabhizinisi abantu ababencishwe amathuba, ukuvuselela izindawo ezisemadolobheni ngaphandle kokususa abantu ezindaweni zabo nokwenza ukuthi iTheku libeyisizinda sobuchwepheshe nokusungula izinto ezintsha ngohlelo iSilicon Durban, olufuze iSilicon Harlem eyimpumelelo yaseNew York.
Isikhulu esiphezulu seSilicon Harlem uMnu uClayton Banks ubalule ukuthi iTheku lingahamba kanjani ezinyathelweni zalolu hlelo ukuze libeyisizinda sezobuchwepheshe esivelele e-Afrika.
Enkulumweni yayo yokuphetha, iMenenja yeDolobha eThekwini uMnu uMusa Mbhele igcizelele ukuthi impumelelo incike ezenzweni, hhayi ekudleni ingevu.
Ithe ukusebenzisana okugcwaliseke kwi-reSURGEnce kudinga ukubambisana phakathi kukahulumeni, amabhizinisi nomphakathi ukuze kuphucuke izimpilo zabantu futhi kubenemisebenzi.
“Sihlela ukusebenzisa izinhlaka ezikhona ukuqinisekisa ukuthi iTheku ligcwalisa izibopho elizenze lapha,” kusho yena.
Ubalule izinyathelo ezizothathwa ngokushesha ukufeza loku, abale kuzona izinhlelo zokucija ababencishwe amathuba nezokuhweba namabhizinisi aphesheya, ukusungula i-digital database yentsha, ukuphucula indlela yokuthi amabhizinisi amancane akwazi ukuthenga ezinkundleni zobuchwepheshe nokuthi izinhlaka zohwebo zasekhaya nezaphesheya zihambisane.
Wengeze ngokuthi okunye okufanele kwenzeke wukuvikela usizo lwezimali zaphesheya nokuhlanganisa izinhlangano zamabandla asekhaya nezawabantu base-Afrika baphesheya ukufukula imiphakathi.
IMeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ichaze le ngqungquthela njengengqophamlando enkululekweni yezomnotho yase-Afrika. “Sinethemba lokuthi ukusebenzisana okuqale lapha kuzosho imisebenzi ebhekile, amabhizinisi achumayo nomnotho wedolobha osimamayo. Ngokubambisana, sibhala kabusha umlando we-Afrika kwezohwebo emhlabeni,” kusho yena.
Izingxoxo ngamabhizinisi nemibukiso ngenye yezinto ebeziseqhulwini. Kukhethwe amabhizinisi endawo amahlanu ukuthi azokhuluma ngawo phambi kwezethameli zonke.
UNks uThando Chisane we-Uthando Glow Skin uthe: “Ukubayingxenye ye-reSURGEnce Durban kunginike ithuba lokwaziwa ngabaningi. Ngithole amakhasimende amasha angaphandle kwaseNingizimu Afrika, okubalwa i-Uganda. Leli thuba livulele ibhizinisi lami iminyango yokuthi likhule emhlabeni jikelele.”
Ingqungquthela iphele izolo ngokuthi izithunywa zivakashele izindawo ezingamagugu zaseThekwini ukugubha uSuku lwamaGugu.
Njengoba iTheku selibheke i-reSURGEnce 2026, amahlo asethe njo ekufezeni lezi zibopho ukuze kubenemiphumela ebonakalayo ukuqinisekisa ukusimama komnotho nobudlelwano bokusebenzisana.

