Isikhulu esiphezulu se-Airports Company South Africa uNkk uMpumi Mpofu sichazekile ngemva kokuthi le nkampani ebheke ukusebenza kwezikhumulo zezindiza ingenise inzuzo ewuR1.1 billion ngonyaka wezimali ophele ngoMashi

I-Acsa ingenise inzuzo ewuR1.1 billion 

INTATHELI YOMBELE

INKAMPANI kahulumeni ephethe ukusebenza kwezikhumulo zamabhanoyi i-Airports Company South Africa (i-Acsa) iqhubekile nokungenisa inzuzo njengoba ibike ukuthi ingenise inzuzo kaR1.1billion. 

Lezi zindaba zimenyezelwe yisikhulu esiphezulu sale nkampani uNkk uMpumi Mpofu izolo ngesikhathi ethula umbiko wezimali wango-2013/24. 

UNkk uMpofu uthe inzuzo yabo isuke kuR472 million ababewungenise ngonyaka odlule. Isiyonke imali engenile iwuR7.9bn, okusho ukuthi ikhule ngo-13% isuka kuR7.0bn.

“Imali esingayitshala ukuze senze enye imali  isuke kuR568m, yaya kuR861m. izimpahla esinazo zibiza uR32bn, imali esinayo esandleni iwuR3.4bn. Uma kuqhathaniswa imali esinayo nezikweletu esinazo ziwu-8%,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/09/16/izinkampani-ezishicilele-imibiko-yezimali-yifirst-rand-i-airports-company-south-africa-i-universal-partners-igrowthpoint-properties-iwbho-i-african-rainbow-capital-investments/

Uthi yize kukekwaba nezingqinamba edlule kuzona i-Acsa kodwa izinto ziyihambela kahle. Ukulungisa ingqalasizinda okungaphazamisanga ukuhamba kwamabhanoyi nabagibeli uthi kubasizile ukungenisa imali enhle. 

“Imiphumela yethu yezimali ikhombisa ukuthi i-Acsa yinkampani ekwazi ukusebenza kahle kodwa futhi iwubufakazi bokuthi izinto sezingcono embonini yamabhanoyi emva kwezinselelo ezihlukene,” kusho uNkk uMpofu. 

Uthe eminyakeni emihlanu ezayo bazotshala uR21.7bn ukulungisa ingqalasizinsa ezikhumulweni zamabhanoyi i-OR Tambo International Airport, iCape Town International Airport nezinye izikhumulo ezincane. 

Ekulungiseni ingqalasizinda kubalwa ukuphucula ubuchwepheshe ukuze kubenokunye okuzongenisa imali kule nkampani yezikhumulo zamabhanoyi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page