‘Uma unemali udinga umakadebona ozokubonisa’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Aphelele Ntuli, odume ngelika Apherh Londiwe. Usanda kukhipha iculo elithi Somandla, Ngizophumelela, Sobabili namanye. Phakathi kosaziwayo aseke wacula nabo kubalwa u-Aphiwe Naledi

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo kodwa uma ngiphasile noma ngihamba nesikole.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?

NgoMeyi kulo nyaka, ngiyivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi uma unemali akufanele uyisebenzise budedengu. Kufanele uyibeke, ucabangisise ukuthi ufuna ukwenzani ngayo.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawusebenzisa ngokuthi ngithenge izimpahla zokugqoka enye ngayinika uMa ukuthi athenge izinto zasendlini.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukuthi ngizenzele mina izinto uma nginemali, angimhluphi uMa.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Cha anginalo, ngabe ngiqamba amanga.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angilazi ngisho ukulazi.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma usunemali ungabaphakameli abanye abantu. Ungakhohlwa lapho ophuma khona nokuthi isimo sakini sasinjani.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/26/iyabekwa-imali-ayidliwa-yonke/

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawusebenzisa ngokuthi ngizakhele indlu enamagumbi amabili enendlu encane yokugeza bese nginweba nomuzi wasekhaya ngiwenze ukuthi ube muhle, enye ngiqale ibhizinisi ngayo njengoba ngithanda ukwenza abantu ikhanda nezinzipho nokucwala ubuso.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi kumele kubekhona umuntu oseceleni omdala ozokweluleka ngemali, akuchazele ukuthi iphathwa kanjani, ungadidiswa yimali ngoba iyafika futhi iyaphela. 

Kumele iphele isiyenze izinto ezibalulekile, ezizokusiza eminyakeni ezayo, hhayi ukuthi izokusiza namhlanje kuphela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page