Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago ekhuluma ngesimo somnotho weNingizimu Afrika ngoLwesihlanu emhlanganweni walo wesi-105 eGauteng. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika inemali eyanele yokusiza ezimweni eziphuthumayo – uKganyago

YINTATHELI YOMBELE 

PHEZU kokuthi umnotho emhlabeni jikelele ungakhuli ngendlela efanele ngenxa yezimpi eziphakathi kwamazwe ahlukene nentela ekhokhiswa izimpahla ezidayisa eMelika kodwa umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi akufanele abantu baseNingizimu Afrika babenexhala.

Ekhuluma emhlanganweni wesi-105 waleli bhange obuseGoli, eGauteng, ngoLwesihlanu, uthe i-International Monetary Fund ibilindele ukuthi umnotho ukhule ngo-3,2% kulo nyaka kodwa yakwehlisa loku ngenxa yezimo eziqhubeka, yakubeka ku-3%.

Uthe intela yezimpahla ezidayisa eMelika izonyusa izindleko zentela nakuleliya lizwe, okuyinto eyenza iFederal Reserve, iBhange lomBuso laseMelika, ingenzi lutho ngemalimboleko.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/01/izindaba-ezimnandi-kumakhasimende-kwehla-imalimboleko/

Kwamanye amazwe ukuzamazama kwemali yaseMelika kuthele izithelo ezinhle kodwa eNingizimu Afrika akukho okutheni okushintshile njengoba uKganyago ethe imikhiqizo embiwayo neyezimoto kukhona engeke ikhokhe intela enkulu. Imboni esenkingeni eyezolimo nezinye ezikhiqizayo. 

Lesi simo uthi senze babona ukuthi kulo nyaka umnotho waseNingizimu Afrika uzokhula ngo-0,1 percentage points.  

“Umnotho wethu ngeke ukhule ukudlula u-1% kulo nyaka. Loku kusho ukuthi umnotho wethu wagcina ukukhula 4% ngo-2000. Emva kwaloko ubuloku wehla kancane. Sidinga ukubona amadolobha esebenza, izitimela namaguzu kuhamba, kubenogesi owanele ozosiza izimboni ukukhiqiza namachweba asebenza kahle. Yizona zinto ezizokhulisa umnotho lezi,” kuchaza uKganyago. 

Uthe ukhona umehluko owenzekile njengoba ugesi ungasacimi njalo futhi wethemba ukuthi imizamo yomNyango weziMali wokunciphisa isikweletu sezwe izokwenza umehluko. 

Ubalule ukuthi amandla emali asesimweni esihle ngoba bakwazile ukwehlisa imalimboleko yize kuke kwaba neziqubu zokunyuka kuka-oyela ohluziwe kulo nyaka. 

Uthe ulindele ukuthi amanani okudla ehle ngoba ebenyusa ukubheduka kwezifo ezihlasela izilwane nokunyuka kukawoyela ongahluziwe. 

Uthi uma izinto zingashintshi balindele ukuthi amandla emali ahlale ku-3% kodwa izinto zingashintsha noma nini kwezomnotho. 

Ezinye izindaba ezimnandi ezokuthi uhlelo lomshwalense osiza abantu uma kuwa amabhange iCorporation for Depositors Insurance lunemali eyanele ukukhokhela bonke abantu ababeke uR100 000 emabhange aseNingizimu Afrika. Lo mshwalense yiwona ozonxephezela abantu baseDitsobotla, eNorth West, njengoba ibhange eliwumfelandawonye iDitsobotla Primary Savings and Credit Co-operative Bank lihlelwa kabusha. Useqokiwe umlawuli ozolungisa izindaba zalo. 

UKganyago uthi imboni yezimali eNingizimu Afrika iphephile futhi iyayilandela imithetho eshaywa emhlabeni jikelele. Phakathi kwezinselelo ezibhekene nale mboni wukusimama kobuchwepheshe obuza bobugebengu bamakhompyutha okufanele amabhange nezinye izikhungo zemali zihlale zibuqaphe ngeso lokhozi. 

Uthe imali yaseNingizimu Afrika isenamandla futhi ibalwa nenye ethenjwayo emhlabeni. 

Ubalule ukuthi bayaqhubeka nokusebenza udaba lwezindlela zokukhokha uma amazwe edayiselana izimpahla, ikakhulu aseNingizimu ye-Afrika. 

Uthi bakwazile ukungenisa uR118 billion emva kokukhokha intela beyiBhange lomBuso. Le mali ibalwa kulo R100bn wokubheka okungenzeka ezweni ophuma emNyangweni weziMali. Uthe le mali ekahulumeni futhi isuke igade ukuwutakula uma kunezimo ezibucayi. 

Emalini esiza iNingizimu Afrika uma kunezinkinga emhlabeni jikelele, phecelezi ama-foreign reserve, kuno-$68bn (uR1.2 trillion) Le mali uKganyago uthi inyuke ngaphezu kwango$20bn eminyakeni eyishumi  edlule.


“Yebo umnotho unezinkinga zawo kodwa unawo namandla. Amanye amandla omnotho yiBhange lomuso. Ngiyajabula nokubika ukuthi izisebenzi ezazisebenzela emakhaya zizobuya ehhovisi ngokugcwele. Zazisebenzela emakhaya ngesikhathi se-Covid-10. Ngesikhathi zisemakhaya sikwazile ukulungisa amahhovisi ethu. Iqoqo lokuqala lalezi zisebenzi lizobuya ngokugcwele ehhovisi (namhlanje),” kuphetha uKganyago.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page