Umphathi-jikelele weStatistics South Africa uMnu uRisenga Maluleke uthi sebewu-8.2 million abantu abangasebenzi ezweni. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni awuze namacebo okudala imisebenzi – izingqapheli

WUBONISWA MOHALE

KUFANELE uhulumeni udale imisebenzi uma uzimisele ukushintsha impilo yabantu nokukhulisa umnotho. 

Sisho kanje isazi somnotho saseStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ngemva kwezindaba ezithi bawu-291 000 abantu abaphelelwe wumsebenzi ngekota yokuqala yalo nyaka. 

Loku kusho ukuthi abantu abangasebenzi sebewu-8.2 million noma bawu-32.9% ngokwezibalo zeStatistics South Africa (i-Stats SA).

“Isimo sibi njengoba kuvela ukuthi imisebenzi iphelile emikhakheni ehlukene. Imisebenzi eminingi idaleke kwi-informal sector. Akuthusi loku ngoba yinto ebesiyilindele uma sibona ukuthi nomnotho awukhuli kahle. Uma sizimisele ngokushintsha isimo kufanele sinyuse izinhlelo ezidala umsebenzi bese kukhula nomnotho,” kusho yena.

Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe uhulumeni awunamasu okudala amathuba emisebenzi kanti loku kuzocaca ngesonto elizayo uma sekuthulwa iSabelomali sesithathu kulo nyaka. 


UGqubule uveze ukuthi empeleni isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika siwu-12.7m, okusho ukuthi bawu-43% abangasebenzi. Kulesi sibalo u-47.5% ngabantu abamnyama. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/18/kudaleke-imisebenzi-ewu-130-000-ngekota-yokugcina/


Ubalule ukuthi uhulumeni unayo imali yokudala imisebenzi ongayisebenzisa kodwa akazi ukuthi kungani ungayisebenzisi. Kule mali ubale imali eyengeziwe noma eyigwaxaza esuke yenziwe yizikhwama ezihlukene zikahulumeni. Kuyona ubale ewuR200 billion esesikhwameni sikahulumeni, ewuR150bn esesikhwameni somshwalense osiza abantu abaphelelwe wumsebenzi, uR15bn we-Sector Education and Training Authority, uR645bn wempesheni yezisebenzi zikahulumeni nenye esesikhwameni sokuthuthukisa amakhono.

Umfelandawonye wezinyuna iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) uthe isimo sokusweleka kwemisebenzi ezweni kufanele sisukunyelwe phezulu njenge-Covid-19 ngoba siyinhlekelele. 


Umkhulumeli weCosatu ezindabeni zasePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe kuyabakhathaza ukuthi isibalo sabantu abasebenzayo sisuke ku-17.1m ngekota yokugcina yonyaka odlule saya ku-16.8m ngekota yokuqala yalo nyaka.

“Okusikhathaza kakhulu wukuthi yintsha eswele umsebenzi kakhulu njengoba u-4.8m wabo ungasebenzi. Yinhlekelele lena futhi kufanele uhulumeni, amabhizinisi nezinyunyana basebenzisane ukuza namasu okudala imisebenzi. Kufanele uhulumeni ulungise ingqalasizinda futhi wandise izinhlelo zokuqeqesha nokuqasha abantu abasha. Ukhokhele osomabhizinisi abancane ngesikhathi ngoba yibona abadala imisebenzi eminingi,” kusho yena.

U-Parks uthe abantu abangasebenzi kufanele balekelelwe ukuvula amabhizinisi abo, wenza isibonelo ngabantu abaqoqa udoti, wathi bangazivulela izinkampani zabo.

 
Uthi kufanele uhulumeni uqinisekise ukuthi izinkampani zawo zisebenza kahle abale kuzo iTransnet, i-Eskom neyezitimela njengoba ethi lezi zinkampani zikwazi ukudala inqwaba yemisebenzi.

“Ezindaweni zasemakhaya nakhona kufanele uhulumeni uqinisekise ukuthi abantu abalimayo bayakwazi ukubanamathuba okudayisa isivuno sabo ezimakethe nokuwenza ezinye izimpahla ezingadayiswa nakwamanye amazwe. 

“Asikwazi ukwenza sengathi asiboni ukuthi yinhlekelele ukungasweleka kwemisebenzi ezweni lethu. Okokugcina kufanele sonke sithenge izimpahla ezenziwe lapha ekhaya ngoba loku kuzogcina abaqashiwe besebenza, kukhulise izinkampani ukuze zandise imisebenzi,” kusho uParks.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page