Kucijwa osomabhizinisi abancane ngamakhono azobasiza ukuphumelela
YINTATHELI YOMBELE
UMASIPALA waseThekwini useka osomabhizinisi abancane ngokucija ngamakhono azobasiza ukuphumelela ngokuthi bathole ulwazi embonini ezimele.
Loku kulandela ukwethulwa kohlelo lwezinyanga eziyisithupha i-Enterprise and Supplier Development Training Programme, olwenziwa ngokubambisana neKZN Oils, oluhlose ukulekelela amabhizinisi amancane awu-20 ukuthi akhule.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/23/umasipala-wasethekwini-nezinhlelo-ezinqala-zokusimamisa-umnotho-wabamatafula/
Lolu hlelo luzocija amabhizinisi amancane ngezinto ezizowasiza aphumelele. Imenenja ophikweni lukaMasipala waseThekwini i-Business Support, Tourism and Agri-business uNkk uKhungeka Gojo ithe lolu hlelo lwenzelwe ukusiza osomabhizinisi ukuze izinkampani zabo zisheshe zikhule nokubasiza ukuthi baphumelele uma besebenzisana nemboni ezimele noma besebenzisana nohulumeni.
“Lolu hlelo lugxile ekwakheni amabhizinisi akwazi ukuzimela ngokufeza izidingo zomphakathi, adale imisebenzi ebe ekhulisa umnotho,” kusho yena.

