Imboni yendwangu nezicathulo yemukele abasafufusa
YINTATHELI YOMBELE
IZIMBONI zezingubo, indwangu, izicathulo nesikhumba zizokhula ngesivinini njengoba sekukhethwe osomabhizinisi abawu-20 abazobasohlelweni lokuqeqeshwa izinyanga eziwu-12 iDurban Textile and Leather Incubator (iDTLI).
Lolu hlelo lokubambisana phakathi kukaMasipala waseThekwini neSmall Enterprise Development and Finance Agency luhlose ukudala amathuba omsebenzi nokugqugquzela ukukhula kwalezi zimboni. Abakhethiwe bethulwe emcimbini wokubangenisa obumhlaka-9 wango-Ephreli emahhovisi eDTLI.
Emabhizinisini amancane azoqeqeshwa ngonyaka wezimali u-2024/25 kukhona amabhizinisi amancane naphakathi nendawo awu-20 azoqala uhlelo i-DTLI.
Isikhulu esiphezulu seDTLI uDkt uPoppet Pillay sihalalisela amabhizinisi akhethiwe. Sithe: “Iqoqo lesibili lamabhizinisi awu-30 azoqeqeshwa lizofika ngasekupheleni kwango-Ephreli emva kokuqala isigaba sokuqala samasonto amahlanu esibizwa nge-ideation phase. Okwamanje awu-54 asekulungele ukuphothula bese abanikazi bawo bathole iziqu ngoMeyi.”
Ngesikhathi sokungeniswa kosomabhizinisi kulolu hlelo, uDkt uPillay nethimba leDTLI bethule umsebenzi nezinhloso zohlelo.
Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe uthakasile ngalolu hlelo oluzoshintsha impilo yabantu.