Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni uninga ngokuthi uzozikhokhela ngani izinto eziwuhlalele. Isithombe: Sithunyelwe

Izinto azihlehliswanga ngenxa yombango nge-VAT – uGodongwana

WUSLINDILE KHANYILE

EseCape Town

UKWETHULA iSabelomali akuhlehliswanga ngoba kubangwa ukuthi kufanele yini intela ekhokhwa ngezimpahla, phecelezi i-value-added tax (i-VAT) inyuswe yini ngo-2%, kodwa kubengenxa yengcindezi uhulumeni obhekene nayo ngenxa yezinto okufanele uzikhokhele ukuthi zizokhokhelwa kanjani. 

Usho kanje ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana namhlanje ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva kokuhlehliswa kokwethulwa kweSabelomali sango-2025/26, obekufanele kweziwe ngo-2 ntambama namhlanje.

Ungqongqoshe uthe: “Awukwazi ukukhuluma ngo-2% kuphela kodwa ungakhulumi ngokuthi uma kungenzeki, yikuphi okunye ongakwenza. 

“Indaba ayikho ngo-2% kuphela kodwa indaba inokuthi izinto okufanele uzikhokhele uzikhokhela ngani futhi kanjani? Ngabe sizohamba siyoboleka futhi? Uma sizoyoboleka, kusho ukuthini? Ngabe kukhona lapho sinciphisa khona. Uma senza njalo, kusho ukuthini? Ngabe sinyusa intela. Uma senza kanjalo, iyiphi indlela engcono yokukwenza?” 

Usomlomo wePhalamende uNkk uThoko Didiza uthe iSabelomali sesizokwethulwa ngomhlaka-12 wangoMashi ngoba izinhlangano kusadingeka ukuthi ziqhubeke zibonisane ngezinto okungavunyelwana ngazo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/asethulwanga-isabelomali-ebesibhekwe-ngabomvu/

INingizimu Afrika yagcina ukunyusa i-VAT ngo-2018 ngesikhathi inyuka ngo-1% emva kweminyaka eminingi imi ku-14%. Lesi yisikhathi okwakusanda kuqala ukuphatha ngaso umengameli uMnu uCyril Ramaphosa, okusho ukuthi uma kwenzeka iphinda inyuka sekuyobe kungokwesibili inyuka ngesikhathi sikaRamaphosa. 

Uvumile ungqongqoshe ukuthi ukunyusa i-VAT yinto eyingozi uma kubhekwa ezombusazwe. Uthe akulona iqiniso ukuthi kukhona osopolitiki abebeqala ukuzwa namhlanje ngesiphakamiso sokunyusa i-VAT njengoba ethe abanye babo yibona abaputshuze indaba singakethulwa iSabelomali njengoba kukhona elinye iziko lezindaba ebeselike labika ukuthi kuhlongozwa loku. 

“Uma kungabakhona umuntu ongathi ubengazi, ngabe akakhulumi iqiniso. Yingakho abanye babo beyiputshuzile indaba. Okwenzekayo (ukuphikisana) yinto enhle ngoba kuphoqa ukuthi sibonisane futhi kubekhona lapho abanye bezogoba uphondo khona. ISabelomali eseKhabhinethi yonke,” kusho ungqongqoshe.

Echaza ngohlelo abalulandelayo uma behlanganisa iSabelomali, umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe wumsebenzi oqala uma kuqeda ukwethulwa iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (i-MTBPS), okuyiyona ebawumhlahlandlela wokungalindelwa kwiSabelomali.  

“Kunekomiti elibheka imicikilisho yaloku. Emva kwaloko kuboniswana nongqongqoshe ukunquma ukuthi yiziphi izinto eziba seqhulwini neminyango. I-MTBPS iyasitshela esingakulindela kodwa umehluko phakathi kwayo neSabelomali sangoFebhuwari wukuthi kwiSabelomali yilapho sikwazi ukwenza izinguquko ezithinta intela nendlela imali ezosetshenziswa ngayo,” kusho yena. 

Uthe bazoqhubeka babheke ukuthi irandi lizemukela kanjani lezi zindaba njengoba kuthe zisanda kuvela alangazemukela kahle. 

Ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz uKhumbudzo Ntshavheni uthe kumqoka ukuthi umNyango weziMali ubhalansise izidingo zomnotho kodwa futhi kuvikelwe abantu abampofu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page