Imiphumela emenyezelwe yikhomishini yokhetho i-Independent Electoral Commission ngeSonto iqinisekise ukuthi alikho iqembu elilodwa elizokhonya. Isithombe: Sithunyelwe

Sekuyisikhathi sokuthi osopolitiki bacabangele iNingizimu Afrika kuqala, kuloba uBusi Mavuso

NGALESI sikhathi esibucayi embusweni wethu wentando yabantu, kumqoka ukuthi osopolitiki bacabangele izwe kuqala. Yisikhathi sokuthi kuqhamuke amadoda nabesifazane abaqotho abafisa ukuhola leli zwe ukuthi likhule futhi linothe. 

Sidinga uhulumeni osimeme ozoqhubeka umsebenzi omqoka osuvele wenziwe ukuvuselela umnotho wethu ukwakha imisebenzi nokungenisa intela. Asikwazi ukuphazamisa lowo mgqigqo.  

Imiphumela ingabashaqisa osopolitiki abaningi kodwa izinto esizidingayo thina siyizakhamuzi azikashintshi. Sidinga imisebenzi, sidinga umnotho ukhule futhi sidinga ukungenisa imali okungabanjwa intela kuyona.

Ukuze kwenzeke loku sidinga uhulumeni osimeme nothembekile, ozibophezele ekusebenzeni komthetho nokuvuselela umnotho. Njengoba izinhlangano ezizothumela abantu ePhalamende zisazama ukuthola isixazululo, kufanele zicacise ukuthi ziqonde ukuthini uma zikhuluma ngecebo “okungasebenzeka” ngalo. 

Kufanele kube yicebo lesikhathi eside ngoba asidingi kuloku kudlalwa, kukhishwa abantu futhi kuvotwa kaningi, into esiyaye siyibone kwamanye amazwe ajwayele ukubuswa wuhulumeni wobumbano. 

Izivumelwano ezizokwenziwa manje kufanele ziqhubeke iminyaka emihlanu. Okumqoka kakhulu wukuthi izivumelwano ezizokwenziwa manje kufanele zizibophezele ukuqhubeka nemigomo ekhona, kufanele uhulumeni ukwazi ukuqhubeka nokucophelela endleleni osebenzisa imali ngayo, into esesikwazile ukubuyela kuyona kule minyaka edlule futhi kufanele ubambe umgqigqo wokuletha uguquko oluzokhulisa umnotho.

Ukungenelela ngezinhlelo ezifana ne-Operation Vulindlela kufanele kwamukelwe futhi kuqiniswe. Uhulumeni olandelayo kufanele uqhubeke nokuzikhandla ekuvuseleleni izinhlaka, ikakhulukazi ezithinta ukusebenza komthetho. 

Siyizwe kufanele siqhubeke nokuvuselela isithunzi sethu emhlabeni, siphume ohlwini lamazwe okuthiwa awanayo imithetho eqinile ukulwa nokushushumbisa imali, phecelezi i-grey list. 

Kufanele futhi siphucule isimo somnotho ukuze siphinde sikwazi ukuba semazweni akleliswa kahle uma kubhekwa amazwe angabolekwa imali.

Lezi yizinjongo okufanele zicace ngohulumeni olandelayo uma uzokwazi ukulethela abantu baseNingizimu Afrika izidingo. 

Ngikholwa wukuthi izinhlangano eziningi ziyavumelana ngalezi zinjongo kodwa futhi ngiyazi ukuthi ezinye aziboni kanjalo. Kufanele sigade ukwenza izinto esizozenzela ukuthi sithandwe. Abantu abaningi eNingizimu Afrika bazibophezele ekuphatheni ngendlela efanele, ukuvikela isithunzi soMthethosisekelo nokusebenza komthetho nokuqhubeka ukuvikela ukuzimela kwezinhlaka zentando yabantu okufaka ezomthetho neBhange loMbuso. Amabhizinisi nabatshalimali emhlabeni bahambisana naleli ningi.

Ngiyazi ukuthi abantu abaningi ezweni lethu bayahlupheka ezimweni okungafanele bazibekezelele. Sekuphele iminyaka engaphezu kweyisihlanu abantu behlupheka kakhulu njengoba umnotho ukhula kancane kunesibalo sabantu ezweni. 

Ukuntuleka kwemisebenzi kuqhubekile. Yisimo esibi ukuba kuso lesi eminyakeni ewu-30 emva kwentando yabantu, ikakhulukazi ngoba sathi sifika eminyakeni ewu-15, sasikade sikhula ngo-5%, abantu abangasebenzi babengaphansi kuka-20% futhi kwakubonakala ukuthi kunenqubekelaphambili.

Ziningi izizathu zalahlekelwa wumgqigqo, esinye sazo wukuthi izinhlaka nokuphatha zenzelwa phansi. Siqalile kule minyaka edlule ukuvuselela izinhlaka zethu nokwethula izinguquko ezizosiza ukuheha abatshalimali nokuthi imboni ezimele ibambe iqhaza. 

Loku kuthatha isikhathi ukuthi kuphucule umnotho, kufanele kuvuselelwe ithemba losomabhizinisi futhi nabatshalimali kufanele batshale imali kube nabantu abenele abazosebenza uma indawo okusetshenzelwa kuyo isuphucukile. 

Ngiyazi ukuthi sisekuqaleni kokuvuselela njengoba nokusebenza kahle kukagesi sekuqala ukusimama futhi kuneqhinga lokulungisa ezokuthutha nezinye izimboni zokuxhumana. 

Ukwenza izinto ngenhloso yokujabulisa abantu kuzophinde kusibeke engozini yokuphazamisa umgqigqo ngaphambi kokuthi umnotho ukhule futhi uthele izithelo. 

Sidinga ukuthi abantu baphinde bazibophezele ezinguqukweni nemigomo okunobufakazi bokuthi iphokophele ekutheni izinhlaka zisebenze ngendlela efanele. Kufanele siqhubeke nokuthi kube nabantu abayaziyo into abayenzayo kuhulumeni nokuphucula amakhono ezisebenzi zikahulumeni ukuze indlela izidingo ezihlinzekwa ngayo ibe sezingeni elifanele kusukela ezindaweni zasemakhaya kuye emadolobheni amakhulu.  

Sidinga imigomo yenziwe ngendlela efanele kusukela phezulu, indlela okuhlelelwa ngayo umnotho kufanele ihambisane nomgomo wokuphatha izimali ukuze kubenemiphumela efanele. 

Sidinga kutshalwe imali kwingqalasizinda ukuphucula umsebenzi owenzekayo emnothweni.  

Izingxoxo ezizoqhubeka kusukela manje kufanele zibeke lezi zinjongo eqhulwini. Loku kusho ukucabangela iNingizimu Afrika. Yiloku okufanele abantu baseNingizimu Afrika. 

Asidingi izinhlangano ezizosibukisa ibhayiskobho zizicabangele zona kuqala, ikakhulukazi abaziholayo lezo zinhlangano. 

Esingakudingi wuhulumeni ozohlehlisela emuva umsebenzi osuwenziwe. Ngithemba ukuthi sizosheshe sivumelane bese siqhubeka nomsebenzi wokwakha izwe elisifanele sonke.

LALELA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/04/umnu-umpumelelo-zikalala-uchaza-umthetho-olawula-ukubumba-uhulumeni-wobumbano/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page