INKANTOLO isichithile isicelo seSakeliga ebifuna ukuphoqa umcwaningimabhuku-jikelele ukuthi adedele imininingwane yamabhuku omasipala abawu-154 ebizwa ngama-management report.

Le nhlangano engenzi inzuzo yayifake lesi sicelo isebenzisa umthetho ogqugquzela ukuthi kutholakale ulwazi, i-Promotion of Access to Information Act

ISakeliga yathi ibingazi ukuthi kanti umcwaningimabhuku-jikelele usuke enanele mibiko enemininingwane ethe xaxa. Yathi ukushicilelwa kwayo kungasiza uma kukhona abantu abafisa ukuthathela omasipala izinyathelo zomthetho.

Inkantolo ithe ayikho into ekumthethosisekelo ephoqa ihhovisi lomcwaningimabhuku-jikelele ukuthi ashicilele ama-management report. 

UmCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ubeshaya phansi 

ngonyawo ephikisa lesi sicelo ngoba ethi ama-management report anezinto eziyimfihlo eziphakathi kwehhovisi lakhe nabasuke bebacwaninga futhi inhloso yawo wukuvusa abaphathi balezo zindawo uma kukhona izinto ezisolisayo ukuze baphenye bezothatha izinyathelo ezifanele. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page