Abanamava emboni yokufuya izinyosi bahlangane nomakhelwane basungula umfelandawonye owenza imikhiqizo ehlukene yoju. INTATHELI YESOLEZWE iyabika
SEBEDAYISELA izitolo ezinkulu omakhelwane baKwaMaphumulo, ngasogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natali, abahlangene ngebhizinisi lokufuya izinyosi.
UMnuz uPatrick Nzama, uMnuz Nkosinathi Chamane, uNksz uSnenhlanhla Dube, uMnuz uSakhephi Cele noNksz uVele Mnyandu baKwaMaphumulo abangomakhelwane basungule iMvelo Primary Co-operative, ekhiqiza iMvelo Honey nedayisa i-beeswax, isithako semikhiqizo yokugcoba umzimba, izinwele namakhandlela.
Lo mfelandawonye udayisa nobuthi benyosi bokwelapha, phecelezi i-bee venom, inomfi yezinyosi yokuvala umgodi noma ibhokisi lazo ukuze kungangeni ezinye izilwane nokuvala imifantu ophahleni, amabhokisi ezinyosi futhi isuse izinyosi emakhaya ezibaxakile.

UNzama noChamane basebenze ezinkampanini ezikhiqiza uju isikhathi eside, lapho befunde khona umkhakha wokufuya izinyosi ubanzi.
UNzama uthi baqale ukuzisebenza ngo-2012, umfelandawonye bawubhalisa ngo-2018.
Ngonyaka odlule bebegcine amabhokisi awu-350 ezinyosi akhipha uju olungamathani amathathu nohhafu ngesikhathi sokuvuna.
Kulo nyaka bazimisele ukuthi ukufuya emabhokisini awu-500.
Uthi: “Asigcini ngaloko, siqashisa ngazo izinyosi kubalimi abatshale izithelo ezifana nolamula, ama-orintshi, ukotapeya, namakinati i-macadamia. Ucwaningo olwenziwa ngamanyuvesi luveza ukuthi izinyosi zisiza kakhulu ngokuhambisa impova ezimbalini ukuze kube nesivuno esiningi. Abalimi baqasha amabhokisi ezinyosi ngesikhathi sokuqhakaza kwezimbali.”
Uthi uju baludayisa ngamabhodlela baludayisele izitolo okubalwa oBoxer, uCheckers, uDis-Chem nesibhedlela iNtabeni. Olunye baludayisele abanye abantu abenza imikhiqizo yoju.

Nokho ibhizinisi lokufuya izinyosi linezinselelo zalo. “Inselelo enkulu uma ufuye izinyosi ngamasela antshontsha (amabhokisi),” kusho yena.
Enye inselelo yimishini nenqalasizinda yokuhluza uju, okudinga imali eshisiwe. Uthi basizwe wumNyango wezoLimo wesifundazwe obakhele isikhungo sokuhluza esinakho konke okudingekayo.
“Into enhle ngoju wukuthi aluboli. Uma ufuna ukulugcina uludayise ngemali ethe xaxa selungaseluningi uyakwenza lokho,” kusho uNzama.

