Kudinga ukushayelwa ihlombe okusha ngezimvume zokusebenza phesheya, kuloba uBusi Mavuso

IZWE lethu lidinga abantu abanamakhono bakwamanye amazwe ngokushesha kodwa uhlelo lokukhipha izimvume ezibavumela ukuzosebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, lwenza kube nzima ukubathola. Loku kwenza kube lukhuni ukuthi osomabhizinisi bakhulise izinkampani zabo.

Izinkampani zakwamanye amazwe azikwazi ukuzibophezela ukutshala imali eNingizimu Afrika uma zingenalo ithemba lokuthi zizokwazi ukuthumela abantu bazo ezibathembile ezweni. 

Kade sasifisa ukuthi kube yithina isango izinkampani zakwamanye amazwe ezingena ngalo e-Afrika ukuze zisungule ikomkhulu lazo kuleli zwe kodwa azikwazi ukwenza loko uma kunzima nokuletha abaholi bazo.

Ziningi izindaba ezibuhlungu esengizizwile abaphathi bamabhizinisi bakwamanye amazwe ababhekana nazo uma bezama ukuthola ama-visa okuzosebenza lapha. Kuphela izinyanga kulindwe izinqumo ngezicelo zama-visa, okusho ukuthi izinkampani azikwazi ukuqhubeka nokutshala imali. Imvamisa imindeni iyahlukana ngenkathi umzali oyedwa ethola i-visa kodwa izingane kufanele kuphele izinyanga zilindile, kuphazamiseke imfundo yazo. 

Ukufaka isicelo se-visa kuthatha cishe izinyanga eziyisithupha uma kungabanga bikho lutho olubambezelayo futhi uma singasinaki isikhathi esidingekayo ukugcwalisa yonke imininingwane edingekayo.

Kade kwabonakala ukuthi loku kuyabaphazamisa abatshalimali kanti uMengameli uCyril Ramaphosa uthembise kwi-2023 South Africa Investment Conference ukuthi indlela okukhishwa ngayo izimvume zokuzosebenza eNingizimu Afrika izoshintshwa. 

Izindaba ezimnandi wukuthi ekuqaleni kwale nyanga kunesinyathelo esikhulu esithathiwe ukuguqula lesi simo. I-Operation Vulindlela, uhlelo okubambisene kulona iHhovisi likaMengameli nomNyango wezeziMali ukushintsha imigomo, ishicilele umbiko onemininingwane eminingi ngama-visa futhi oneziphakamiso ezinhle ngokuthi yini engenziwa ukuphucula isimo. Akuthathanga sikhathi nomNyango wezaseKhaya wamemezela nawo ukuthi uzokwenzani ukuqinisekisa ukuthi lezi ziphakamiso ziyalandelwa.

Umbiko we-Operation Vulindlela uyanaba ngokuhle okuhlonyulwa wumnotho uma kukhona abantu bakwamanye amazwe abanamakhono, okukhona kukho ukuphucula ukuthi kuqasheke abangenamakhono kanjalo nentela engenayo. 

Kukhona nemininingwane yemicikilisho elandelwayo uma kufakwa isicelo semvume yokuzosebenza ezweni, okuningi okwenziwa ngokugcwalisa amafomu ngesandla, angalahleka kalula noma acekeleke phansi. 

Okuningi okufunekayo kulukhuni ukukufeza njengokuthi kufanele ofaka isicelo alethe incwadi yasemaphoyiseni emfakazela ukuthi akakaze abe necala eqhamuka kuwo wonke amazwe ahlale kuwona isikhathi esingaphezu konyaka kusukela eneminyaka ewu-18. Amazwe amaningi adinga umuntu eze yena siqu ukuzofaka isicelo sale ncwadi yasemaphoyiseni. 

Cabanga-ke ukuthi umuntu ofana nesikhulu sebhange oseke wasebenza emazweni ahlukene kufanele enze njani? Lapho yibo kanye abantu abafana nalaba esizama ukubaheha.

Ziningi iziphakamiso ezinhle ezikulo mbiko. Eziningi zithinta ukuphucula indlela okwenziwa ngayo izinto okuthinta nokusebenzisa ubuchwepheshe ukugcwalisa amafomu, ukuwahlunga, ukubuyekeza izicelo nokwandisa isibalo sabantu abasebenza kulolu phiko. 

Iziphakamiso ezimqoka yilezo ezithinta umgomo. Enye yazo ithinta uhlelo lokwenzela abaqashi izinto zibe lula i-trusted employer scheme, labo abayingxenye yalo bazoba nendlela elula yokukwazi ukuletha izisebenzi zazo kalula ngoba nanomthwalo wemicikilisho uzoba semahlombe omqashi (njengokubheka ukuthi umuntu akaze atholwe enecala, into vele abaqashi abayenzayo).

Lokhu kungashintsha indlela izinto ezenzeka ngayo ezinkampanini ezisebenza emazweni ehlukene. Lo mbiko uphakamisa nokuthi kwethulwe indlela esebenzisa amaphuzu ukuphucula indlela izinqumo zama-visa ezikhishwa ngayo ukulekelela nabantu abanamakhono aphezulu futhi abahola kahle bangene kalula ezweni. 

Umbiko uphakamisa nendlela entsha yokubheka abasebenzela emakhaya nezinkampani ezisafufusa ukuze zikwazi nazo ukuheha abantu bakwamanye amazwe abanamakhono amqoka bakwamanye amazwe. 

Konke loku kuzokwenza umehluko omkhulu endleleni izinto ezenzeka ngayo okwamanje kanti kungikhuthaze kakhulu ukubona umNyango wezaseKhaya uphendula masinyane ngohlelo olunemininingwane yokuthi zizolandelwa kanjani lezi ziphakamiso. 

Eziningi zizokwenziwa ezinsukwini eziwu-30 kodwa lezo ezidinga isikhathi zizothatha cishe iminyaka emibili. Okuhle futhi wukuthi umnyango uthe uzokwethula uhlelo lwe-trusted employer scheme ezinyangeni ezintathu, yize uhlelo lwamaphuzu luzothatha iminyaka emibili. 

Lezi zinto zingaphucula indawo osomabhizinisi abasebenzela kuyona kakhulu. Avele maningi amakhono osomabhizinisi abalahlekele ngenxa yabantu abakhethe ukuyosebenza kwamanye amazwe. Umbiko we-Operation Vulindlela uthe ziwu-900 000 izisebenzi ezithuthe ngo-2020 zaya kakhulu e-United Kingdom nase-Australia. 

Ukuphucula indlela okukhishwa ngayo ama-visa izosiza somabhizinisi bakwazi ukuvala lezi zikhala. 

Kuhle ukubona osomabhizinisi benziwa ingxenye yesisombululo ngohlelo i-trusted employer scheme.

Nokho lolu hlelo lusazothembela endleleni uhulumeni enza ngayo izinto, kungaba wukugcina uhlu lwamakhono ashodayo nokubheka izicelo. 

Akulula ukuhlale wazi ukuthi osomabhizinisi badinga maphi amakhono njengoba izinto zishintsha masinyane kanti indlela eyodwa yokwenza lokhu ayenele. 

Sesike sacela phambilini ukuthi izinkampani azidedelwe zizinqumele amakhono eziwadingayo bese kuba khona nezindlela zokukhuthaza ukuthi kuqashwe abantu basezweni kubhekwa izindleko, esikhundleni sokushayelwa umthetho. Isibonelo nje wukuthi kukhokhiswe izisebenzi zakwamanye amazwe i-skills development levy enkulu, okungasiza uhulumeni akhuphule isikhwama sokuphucula amakhono.

Lilonke, ngiyayincoma i-Operation Vulindlela nomNyango wezaseKhaya.

  • UNksz Mavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page