Ugobe uphondo uhulumeni obezama ‘ukwenzelela’ i-Eskom. USLINDILE KHANYILE uyabika
UHULUMENI ushaye ungqimphothwe ngesinqumo obusenzile sokugunyaza i-Eskom ukuthi ingavezi ukuthi ingakanani imali engasetshenziswanga ngendlela nechithiwe emibikweni wayo wezimali.
Izolo umNyango wezeziMali uthe emva kokubonisana neHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele nabanye abathintekayo kulolu daba ubone kungcono ihoxise ukuthi le nkampani ephehla ugesi ingavezi yonke into uma ishicilela umbiko wezimali.
Ngesonto elidlule uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ushicilela imvume eyisipesheli esebenzisa isigaba 55 (2) (b) (i) somthetho olawula ukuphathwa kwezimali zikahulumeni, i-Public Finance Management Act (iPFMA), lapho athe khona kule minyaka wezimali emithathu ezayo i-Eskom ingabika embikweni wonyaka kuphela ngemali engasetshenziswanga kahle nechithiwe kodwa hhayi embikweni wezimali.
UGodongwana wathi bayabonisana nomcwaningimabhuku-jikelele ukuthi “kusiza ngani ukubika ngale mali kunokufanele kugxilwe kwesolisayo ukuthi kube nenkohlakalo noma isetshenziswe budedengu”.
Wengeze ngokuthi ukubika ngemali kungabanganankohlakalo kwandisa amathuba okuthi inkampani ithole umbiko wezimali ongemuhle, nathe kuzokwenza ukuthi inzalo i-Eskom ekhokhiswa yona ibe nkulu uma iboleka imali.
Isikweletu se-Eskom sicela kuR400 billion kanti uhulumeni uzothatha u-60% waso ukuze le nkampani izokwazi ukuphinde iboleke ukuze iphucule ingqalasizinda yokuphehla ugesi, okungeminye yemizamo yokulungisa inkinga yokushoda kukagesi.
Lesi sinqumo esigxekwe ngapha nangapha ngabezepolitiki nabemboni ezimele njengoba bebesola uhulumeni ngokuzama ukufihla inkohlakalo.
Esitatimendeni esikhishwe izolo, uGodongwana uthe: “Emva kokubonisana nomcwaningimabhuku-jikelele nezikhalo eziqhamuka ezinhlakeni ezihlukene, sesinqume ukusihoxisa okwamanje lesi sinqumo ukuze sizobheka yonke imibono futhi sibonisane nomcwaningimabhuku-jikelele kanjalo neDeloitte ecwaninga amabhuku ase-Eskom ukuze le mvume uma ikhishwa kube kuqikelelwe ukuthi akukho ntuba yenkohlakalo.”
I-Eskom ingenye yamabhizinisi kahulumeni amahlanu amabhuku awo angacwaningwa wumcwaningimabhuku-jikelele. Amanye yi-Air Traffic and Navigation Services, i-Alexkor, Broadband Infraco ne-Industrial Development Corporation. Bacwaningwa ngabacwaningi abazimele ngokugunyazwa yisigaba 4 (3) somthetho olawula ukucwaninga amabhuku i-Public Audit Act.
Izolo umCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke uthe uyasamukela isinqumo sokuhoxisa le mvume futhi ukholwa wukuthi kuzobanika isikhathi esanele sokubonisana nomNyango wezeziMali, iDeloitte ukubheka izinto ezingahle ziqhamuke.

Uthe: “Wungqongqoshe wezezimali onelungelo lokugunyaza ukuthi kube khona izinto ezingagcinwa kwiPFMA, amandla awanikwe isigaba 92 salo mthetho.
“Umsebenzi womcwaningimabhuku-jikelele wukuqinisa intando yabantu ezweni usebenzisa ukucwaninga amabhuku. Kufanele akwenze loku futhi aqinisekise ukuthi akutholayo uyakudalula ngendlela eyenza ukuthi abaphethe baphendule uma kunemibuzo ngendlela abenze ngayo. Kumqoka ukuthi noma ngabe yikuphi okugunyazwayo ukuthi kungenziwa kodwa kungabibikho okufihlwayo futhi abantu baphendule ngokusebenza kukahulumeni.”
Ngokombiko womcwaningimabhuku-jikelele ka-2021/22, imalengasetshenziswanga ngendlela futhi eyachithwa iwuR461.05bn.

