Isikhulu esiphezulu seFNB Private Segment uMnu uSizwe Nxedlana. I-FNB yethule ifake uR1 billion kwi-ecoEnergy home loan Izithombe: Zithunyelwe

Ibhange iqhamuke nesinye isixazululo ekushodeni kukagesi. USLINDILE KHANYILE uyabika

INSELELO kagesi isivule amathuba emabhizinisini amancane namakhulu. Kuleli sonto elinye lamabhange amakhulu eNingizimu Afrika iFNB limemezele ukuthi selibolekise ngemali ecela kuR1 billion ngohlelo lwayo i-ecoEnergy home loan, eyalwethula ngo-2021 lwabantu abasuke bezofaka ingqalasizinda yokudonsa ugesi ongaphehlwa ngamalahle. 

Lilindele ukuthi le mali ifinyelele kuR2bn ngoJuni ngo-2024 njengoba selethula i-solar energy loan eqala kuR50 000 kanti ize ifinyelele ku-15% wenani lendlu umuntu asuke ezofaka i-solar kuyo. 

Ungayiboleka njengemali yokuthenga indlu noma wengeze esikweletini sendlu ovele unaso. Leli bhange lithe yilona elikhokhela ngqo inkampani osuke uthenga kuyona.  

UMnu uSizwe Nxedlana, isikhulu esiphezulu sePrivate Segment eFNB, uthe: “Sonke siyabazi ububi bokucinywa kukagesi. Sethula (iziko) iNav energy ezokusiza ngako konke okudingayo okuthinta ugesi. 

“Siyafundisana futhi siyelulekana ngezinto ozidingayo, sinezixazululo futhi sinezindlela ezingakusiza uthenge izinto ozidingayo. Amakhasimende ethu awafani, yingakho izixazululo esinazo ziqala nge-UPS ongayikhokhela uR149 ngenyanga, ziqhubeke kuye nezidingo namandla onawo,” kusho yena.

UNxedlana uthe okunye abakuqikelelile wukuhlola kuqala izinkampani abasebenzisana nazo noma abaphakamisa ukuthi amakhasimende abo awazisebenzise ukuze bakwazi ukuhlunga izigilamkhuba esezibona intuba yokuqola abantu. 

Uthe kunezinkampani ezincane abasebenzisana nazo esezithola ithuba lokukhula. Inkinga yokushoda kukagesi yaqala ngo-2008 eNingizimu Afrika kanti yonke leminyaka asikaze sitholakale isisombululo. Ngonyaka odlule ugesi ucinywe izinsuku eziwu-207. 

Ngenyanga edlule kuqokwe uNgqongqoshe kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa ngoba kubonakala ukuthi ayixazululeki le nkinga. 

Khonamanjalo iFNB iphinde yamemezela ukuthi isisinyusile isibalo sabantu abangakwazi ukuthenga umuzi ndawonye njengoba ithe sebengahlanganyela babe wu-12 njengoba ekuqaleni bebegcina kwabayisishiyagalombili. 

UNks uLytania Johnson, isikhulu esiphezulu seFNB Retail, uthe loku bakwenzela ukuphungulela umthwalo amakhasimende okungelula ukuthenga imizi ngemiholo yawo yodwa ngoba kukhona ezinye izindleko ezihambisana nokuthenga umuzi abantu abavame ukuzikhohlwa. 

UNks uJohnson, isikhulu esiphezulu seFNB Retail

UNks uJohnson uthi babone kungaba umqondo omuhle loku ngoba abantu bavele bakujwayele ukubeka imali ndawonye njengoba kukhona izitok’fela.

Nokho-ke ugcizelele ukuthi kufanele abantu abahlanganiselanayo kube ngabantu okuwukuthi amagama abo mahle ukubolekwa imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page