Ukuqonga kwamanani okudla kube nesandla esikhulu ekunyukeni kokwehla amandla emali Izithombe: yiFreepik nezithunyelwe

Amanani okudla anyuka mihla namalanga athwalise kanzima umnotho. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUNYUKA kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-7.0% ngoFebhuwari kusuka ku-6.9% ngoJanuwari, nobekuqala ukwenzeka ezinyangeni ezine. 

NgokweStatistics South Africa, imbangela enkulu yaloku kube wukunyuka kwamanani okudla, iziphuzo ezingenatshwala nezinto zokuthutha.

Izingqapheli zithi ngeshwa loku kusho ukuthi kusazoqhubeka ukunyuka kwemalimboleko njengoba isimemezelo esilandelayo ngayo silindeleke ngesonto elizayo uma sekuhlangana iMonetary Policy Committee (iMPC) yeBhange loMbuso. 

I-Statistics South Africa ithe njengoba ukunyuka kokwehla kwamandla emali kube wu-0.7% phakathi kukaJanuwari noFebhuwari, iyona ndlela enkulu kakhulu osekuke kwanyuka ngayo kusukela ngoJulayi wango-2022 lapho kwanyuka khona ngo-1.5%.

“Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala anyuke ngo-13.6% ezinyangeni eziwu-12 ezidlule esuka ku-13.4% ngoJanuwari. Loku esikubone ngoFebhuwari yikona okukhulu kakhulu kusukela ngo-Ephreli wango-2009 ngesikhathi nakhona ayewu-13.6%. Amanani esinkwa ne-cereal abewu-20.5%, okungaphansi kancane kwesikubone ngoJanuwari, lapho ayewu-21.8% khona. 

“Impuphu, engenye yokudla okudliwa kakhulu, iyaqhubeka nokunyuka. Inyuke ngo-2.2% phakathi kukaJanuwari noFebhuwari, nokwenze indlela enyuke ngayo ngonyaka yafinyelela ku-34.7%. “Okunye okuqaphelekile indlela okunyuke ngayo ngenyanga ama-rusk (akhuphuke ngo-6.8%), i-macaroni (akhuphuke ngo-4.4%) namakhekhe (anyuke ngo-4.0%),” kusho iStatistics South Africa.

Amanani obisi, amaqanda noshizi anyuke ngo-12.3% ngonyaka odlule esuka ku-10.9% ngoJanuwari. Amanani amafutha aqhubekile nokwehla, nosekuyinyanga yesithupha zilandelana kwenzeka njengoba emi ku-16.7%, inani eliphansi kusukela ngo-Ephreli wango-2021, lapho nakhona ayemi ku-16.7%.

Iziphuzo ezibandayo zikhuphuke ngo-8.5% kanti ngenyanga zinyuke ngo-2.7%. Amanani aqaphelekile ngenyanga ngama-fruit juice (akhuphuke ngo-4.0%), iziphuzo ezihlohlozayo ezidayiswa ngamakani (zinyuke ngo-3.3%), kuthi iziphuzo ezihlohlozayo ezisemabhodleleni (zinyuke ngo-3.1%). 

Usomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthe: “Bese sizitshela ukuthi kuyanqobeka ukunyuka kokwehla kwamandla emali njengoba ngo-Okthoba kwakungu-7.8% kwaqhubeka kwehla njengoba besekuku-6.9% ngoJanuwari. Kuzofaka ingcindezi njengoba ihlangana iMPC ngesonto elizayo. 

“Enye into esikhathazayo wukuthi sisuke sikhuluma ngezilinganiso nokusho ukuthi kukhona abashayeka kakhulu futhi kukhona abashayeka kancane. Abahola kancane futhi abadla imbuya ngothi yibona okuzwela kakhulu kubona.” 

UDumisa

UDumisa uthe ulindele ukuthi iBhange loMbuso linyuse imalimboleko ngo-50 basis points ngenxa yaloku. “Kusafanele sibophe ibhande sibuyekeze impilo esiyiphilayo. Okunye esingakwenza wukushintsha amagama ezinto esizithengayo, kokunye uthola ukuthi kunegama elishibhile le nto oyithengayo kodwa esuke ifana nale ebizayo. Asebesengozini yokudlelwa izinto, ngingabaluleka ngokuthi baxoxisane nalaba bantu okuthiwa abeluleki bezikweletu abakwaziyo ukukusiza ukuthi uncishiselwe imali oyikhokhela izikweletu zakho ngenyanga; asicishwa isikweletu kodwa kululwa isikhathi osikhokhela sona,” kweluleka yena.

I-Statistics South Africa iye sibheke namanani ezindleko zezempilo (odokotela, odokotela bamazinyo nezibhedlela) kanye ngonyaka. La manani anyuke ngo-5.3% ngoFebhuwari esuka ekukhuphukeni ngo-5% ngoFebhuwari wango-2022. Umshwalense wezempilo wona unyuke ngo-4.4% phakathi kwangoJanuwari noFebhuwari.

Uphethroli unyuke ngo-0.9% phakathi kukaJanuwari noFebhuwari.

Isikhulu esiphezulu se-Inkunzi Wealth Group uMnu u-Owen Nkomo sithe: “Sidinga irandi elinamandla elizosiza ukudambisa loku kunyuka kokwehla kwamandla emali. Imalimboleko izonyuka ngo-25 basis points.” 

UNkomo

Usomnotho omkhulu e-Efficient Group uMnu uDawie Roodt uthe ukholwa ukuthi lezi zibalo zizokwenza iBhange loMbuso linyuse imalimboleko ngo-25 basis points emihlanganweni yalo emibili elandelayo. 

Uthe: “Kusithuse kakhulu okwenzekile, ikakhulukazi amanani okudla ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi nobubha obukhona ezweni lethu. 

“Inkinga yethu yipolitiki, hhayi umnotho. Sinohulumeni olandela imigomo okungeyona, uhulumeni okhohlakele futhi uhulumeni ongayazi into oyenzayo. Ishilo ne(International Monetary Fund) ukuthi umnotho wethu ngeke ukhule; siyaqhubeka nokuhlupheka. IBhange loMbuso yilona kuphela elingasisiza.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page