UNgqongqoshe uNeliswa Peggy Nkonyeni uzokwethula isabelomali esiShayamthetho
UHULUMENI waKwaZulu-Natali uzosebenzisa iSabelomali salo nyaka ukuqinisa umshikashika wawo wokuvuselela umnotho ulwe nobubha esifundazweni.
UNgqongqoshe wezezeMali eKZN, uNkk. Neliswa Peggy Nkonyeni, uzocacisa kabanzi esiShayamthetho ngoLwesihlanu ngezinhlelo zikaHulumeni wesiFundazwe zokufukula umnotho.
UNkk. Nkonyeni uzokwethula iSabelomali sesiFundazwe iKZN esizoveza ukuthi yimalini eyabelwe iminyango eyehlukene ukuvuselela umnotho ukuze kudaleke namathuba emisebenzi.
Lesi Sabelomali sizoveza ukuthi yimalini isifundazwe esiyabele ukuvuselela ingqalasizinda.

Lesi sifundazwe sike sahlaselwa yinhlekelele yezikhukhula ngonyaka odlule nokube yisigameko esihlehlisele emuva isifundazwe ekuthuthukiseni ingqalasizinda.
Thamelani inkulumo kaNgqongqoshe wezeziMali eKZN, ezinkundleni zokuxhumana zesiShayamthetho, nezomNyango wezokuGcinwa kwaMafa KwaZulu-Natali ngoLwesihlanu.
Le nkulumo izosakazwa bukhoma ekhasini likaFacebookelithi KZNTreasury, kuTwitter ku: @KZNTreasury nasekhasini lasesiShayamthetho saseKZN.
Imininingwane imi kanje:
USUKU: ULWESIHLANU
ISIKHATHI: 09h00
INDAWO: ESISHAYAMTHETHO
#KZNBUDGET23/24
* Lolu daba lukhokhelwe wumNyango wezeziMali waseKZN


