Kukhona inhlasi yethemba ngenkinga kagesi nokubiza kwezinto. USLINDILE KHANYILE uyabika
UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana wethule iSabelomali azame ngaso ukuxazulula inkinga yokushoda kukagesi nokuphungulela abantu umthwalo wokubiza kwezinto. Nokho ugcizelele ukuthi uhulumeni usabambelele ekutheni awukwazi ukusebenzisa imali budlabha.
Okokuqala kuzoncishiswa isikweletu se-Eskom ngoR254 billion njengoba sizokhokhelwa wuhulumeni. Uthe vele uhulumeni yiwona oyisibambiso sengxenye enkulu yesikweletu salenkampani ephehla ugesi. “Ukukhokhela isikweletu kuzokwenzeka ngezindlela ezimbili. Eyokuqala kuzoba wuR184bn ozokhokhwa izikhawu ezintathu eminyakeni emithathu ezayo.
Eyesibili kuzoba wukuthatha uR70bn wesikweletu se-Eskom ngo-2025/26.”
UGodongwana, ochaze inkinga kagesi njengembangela enkulu “ekhinyabeza umnotho”, uthe imibandela ehambisana naloku wukuthi i-Eskom kuzofanele ngalesi sikhathi itshale imali ekuhambiseni nasekusabalaliseni ugesi, inakekele ngendlela efanele ingqalasizinda yokuphehla ugesi, ikhokhele izikweletu nenzalo kuphela futhi izenze zonke iziphakamiso ezizoqhamuka ethimbeni lomNyango wezeziMali elihlola lenkampani.
Isikweletu se-Eskom sicela kuR400bn. Iziteshi zawo azisebenzi kahle kanti omasipala bawukweleta uR56.4bn. Ukushoda kukagesi kudlulele kunakuqala njengoba ngonyaka odlule ucinywe izinsuku eziwu-207, kanti ngo-2021 wawucinywe izikhawu eziwu-70.
Njengoba umnotho uphazamiseka nje, indlela okulindeleke ukuthi ukhule ngayo isishintshile njengoba kulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.4% kusukela kulo nyaka kuze kushaye u-2025, esikhundleni sika-1.6% owawubekiwe ngo-Okthoba.
Ngale kwaloku, uhulumeni umemezele imininingwane yezindlela ozosiza ngayo amabhizinisi nabanikazi bemizi ukuze bafake ama-solar panel okudonsa ugesi welanga.
Kusukela ngoMashi amabhizinisi azoshintshela kugesi ophehlwa ngelanga azoncishiselwa intela abanjelwa yona ngo-125% wemali azoyikhokhela loku.
Abantu abawafaka emizini yabo bazobuyiselwa u-25% wemali abayikhokhile kodwa engeke yeqe kuR15 000. Lokhu bangakwenza ukunciphisa intela abayikhokhayo ngo-2023/24 kanti wusizo oluzoba khona unyaka owodwa.
Ukuphunguka kwesikweletu se-Eskom kuzolekelela nokunciphisa isikweletu sikahulumeni njengoba kulindeleke ukuthi sehlele ku-73.6% womnotho ngo-2025/26. Isikweletu sikahulumeni kubhekwe ukuthi sikhuphuke sisuka kuR4.73 trillion ngo-2022/23 sifinyelele kuR5.84trn ngo-2025/26 kanti inzalo izosuka kuR366.8bn ifinyelele kuR397.1bn ngo-2025/26.
UGodongwana uthe uhulumeni ulindele ukungenisa uR1.69trn njengoba kuzophela unyaka ka-2022/23, imali engaphezulu kwebilindelekile ngoR903.7bn.
UNkk uPalesa Mabasa, i-business development head ophikweni oluxhasa amabhizinisi asafufusa, uthe iSabelomali sinikeza osomabhizinisi abancane ithemba njengoba kukhona izindlela abazosizwa ngazo ukulungisa inkinga kagesi.
“Loku kusho ukuthi izonyuka imali engeniswa amabhizinisi asafufusa ngoba kuzoncipha ukuhamba kukagesi futhi kuzoncipha nezindleko ezifana nokukhokhela uphethroli we-generator,” kusho yena.

UNkk uMabasa wengeze ngokuthi nezinguquko kwi-Bounce Back Loan Guarantee Scheme nazo zizosiza amabhizinisi amancane akwazi ukhokhela ama-solar panel.
Nokho inhlangano engenzi inzuzo i-AIDC ithe nakuba kubalulekile ukuthi kusizwe i-Eskom kodwa imibandela ebekiwe iyibona kuyindlela yokunikeza abamboni ezimele ukuthi kube yiyo ecanasayo kulenkampani ephehla ugesi.
Ithe imboni ezimele ayisona isisombululo futhi nayo inezayo izinkinga.
Ukuzama ukulekelela abantu bamelane nokunyuka kwamanani ezimpahla ekubeni amandla emali encipha, uGodongwana uthe uzokwehlisa umthwalo wentela ngoR13bn kanti i-general fuel levy neRoad Accident Fund levy ngeke kunyuswe. Umuntu usezoqala ukubanjelwa intela emholweni uma ehola uR95 750 ngonyaka esikhundleni sikaR91 250.
UGodongwana uthe ukulwa nobugebengu nenkohlakalo nakho kumqoka. Ukwabele uR14bn lokhu kule minyaka emithathu ezayo. Uwucaze ngokunika iSouth African Police Service uR7.8bn wokuqasha amaphoyisa amasha awu-5000 ngonyaka; UR1.3bn uya oPhikweni lokuShushisa kuZwelonke ukuze lulandelele iziphakamiso zeKhomishini kaZondo; uR265.3m oya kwiFinancial Intelligence Centre ukulwa nobugebengu obuhleliwe; uR100m uzotholwa yiSpecial Investigating Unit noR3.1bn oya emNyangweni wezokuVikela.
UNks uZukiswa Kota, inhloko yePublic Service Accountability Monitor eRhodes University, uthe: “Kukhona izinto ezikhuthazayo ngeSabelomali. Lapha sikhuluma ngemali eyengeziwe ukulwa nenkohlakalo kuhulumeni.
“Nokho kukhona ezinye izinto angashongo lutho ngazo njengomthethosivivinywa othinta indlela uhulumeni athenga ngayo izimpahla (i-Public Procurement Bill). Ubalulekile lo mthethosivivinywa ngoba unqanda inkohlakalo, ngakho sidumele kancane ngalokho.”

UGodongwana uthe kuzotakulwa iSouth African Airways ngoR1bn, kuthi iPosi lithole uR2.4bn.

