Uthela izithelo umkhankaso wemeya yaseThekwini wokuvala amanzi avuzayo
YINTATHELI KAMASIPALA
UMKHANKASO oqhubekayo wemeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba wokuvala amanzi avuzayo abikiwe eThekwini uthela izithelo, njengoba esehle awu-3 900, esuka ku-13 000.
Kuthangi, mhlaka-7 Okthoba, imeya ibisensimini ihola ithimba eliphezulu eliqondene nengqalasizinda yamanzi nokuthutha indle eMlaza, eningizimu yaseThekwini kuWadi 80, u-81 no-88.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/28/umasipala-uthenge-amabhasi-amaloli-namaveni-kwamanzi/
Imeya ibheke nomsebenzi wokulungisa izindawo ezinamanzi avuzayo nokuvula izitamkoko ezivalekile ukulungisa ingqalasizinda kamasipala.
Lo mkhankaso owenzeka edolobheni lonke uyingxenye yohlelo lukamasipala lokuphuthumisa usizo emphakathini nokulungisa ingqalasizinda ngokutshala amathimba ezingcweti ezindaweni ezinenkinga yokuhlala zivuzelwa amanzi nezitamkoko.
UXaba uthe: “Kusuleka siqala lolu hlelo ezinyangeni ezimbili ezidlule sibona ukwehla kokuvuza kwamanzi okukhulu. Injongo yethu lapha akusiko ukuvala isikhashana kodwa wukuqinisekisa ukuthi amathimba ezingcweti asheshisa umsebenzi okade wama, abuyisa isithunzi sezakhamuzi zakithi futhi avikela imvelo yethu emanzi angcolile anobuthi obungayilimaza.”
Ukhumbuze izakhamuzi ukuthi ukungasebenzisi ingqalasizinda ngendlela efanele kuyimbangela enkulu yokuvaleka kwezitamkoko kuzo zonke izindawo zikamasipala.
UXaba unxuse umphakathi ukuthi uvikele ingqalasizinda yawo ngokungalahli izinto ezingafana ezitamkokweni. Uphinde wanxusa izakhamuzi ukuthi zibike abantu abaxhuma amanzi ngokungemthetho, okugqilaza ingqalasizinda yamanzi neyokuthutha indle.

