Ungqongqoshe eHhovisi likaMongameli uNksz uKhumbudzo Ntshavheni uthi iKhabhinethi inxusa izakhamuzi ezilahle omazisi bazo ukuthi zifake izicelo zabasha ngaphambi koKhetho loHulumeni beNdawo. Isithombe: Sithunyelwe

Kunxuswa izakhamuzi ezinenkinga yomazisi ukuthi zithole abasha ngaphambi kokhetho lomasipala

YINTATHELI YOMBELE

UHULUMENI unxusa bonke abavoti abagunyaziwe abalahlekelwe omazisi noma abanomazisi abonakele ukuthi bafake izicelo zokuthola abasha ngokushesha ngaphambi koKhetho loHulumeni beNdawo oluzomhla-4 wangoNovemba.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo ePitoli, ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz uKhumbudzo Ntshavheni uthe abathintekayo bangaya ihhovisi lomNyango wezaseKhaya noma elinye lamagatsha amabhange angaphezu kwawu-450 emukela izicelo zomazisi ukuze bafake izicelo zokusizwa ngokuthola omazisi abasha.

UNksz uNtshavheni ukhumbuze abantu ukuthi sekuvuliwe ukufaka isicelo sevoti eliyisiphesheli kubavoti abangeke bakwazi ukuvota ngomhlaka-4 wangoNovemba ngenxa yezizathu ezibambekayo. “Ukufaka izicelo zokuvota ngokukhethekile okhethweni loHulumeni beNdawo sekuvuliwe kanti kuvalwa mhlaka-12 wango-Okthoba ngo-5 ntambama,” kusho yena.

“IKhabhinethi ikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulu intsha nabavoti okokuqala, ukuthi basebenzise ilungelo labo lokuvota. Ivoti ngalinye libalulekile futhi lisiza ukuqinisa intando yabantu.” Uqhube wathi: “IKhabhinethi inxusa amaqembu epolitiki nabantu abangenele ukhetho ngokuzimela ukhetho ukuthi bahlale behlonipha umgomo wokuziphatha kahle okhethweni futhi babekezelelane kwipolitiki.”

Ngasekuqaleni kwale nyanga, ikhomishini yokhetho yaseNingizimu Afrika (i-IEC) imemezele ukuthi isibalo esiyingqophamlando sabantu abawu-136 790 abazongenela uKhetho loHulumeni beNdawo ezweni.

Ngokusho kwe-IEC, abantu abazobanga izihlalo ezweni lonke komasipala abakhulu abayisishiyagalombili, komasipala bezifunda abawu-44 nakomasipala bendawo abawu-205.

I-IEC ikhiphe ohlwini lwabangenele ukhetho abantu abawu-5 096 ngemva kokuphothulwa kwezidingo zomthetho wokhetho, okubalwa kukhona ukuqinisekisa ukuthi bonke abangenele ukhetho bakhokhe imali edingekayo nokuthi bonke baqokwe ngendlela efanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page