UMnu uNthato Motlana, umsunguli weMarapyane Farms, egxile ekutshaleni u-green pepper ne-baby marrow yaseLanseria, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Uthando lwemvelo lwatshala intshisekelo yezolimo kwinsizwa yasepulazini esiwumlimi

WUTHOBILE ZWANE

UKUTHANDA imvelo nokukhulela epulazini kwaholela insizwa yaseLanseria, eGauteng, kwezolimo. Namuhla isinepulazi lamaveji elingamahektha awu-150.

UMnu uNthato Motlana, waseLanseria, eGauteng, usungule iMarapyane Farms, ipulazi elitshala ama-baby marrow, u-lettuce, u-green pepper nespinashi. Uthi ukukhulela epulazini kwamenza wajwayelana nokutshala kodwa uthando lwakhe lwalo mkhakha lwaqhubeka lukhula njengoba eqala ukubona ukuthi ukulima kungabayindlela yokuqala ibhizinisi nokusiza nabanye abantu.

Ngemva kweCovid-19, uthi waqala ukucabanga kakhulu ngokudla okuthengwa ezitolo nokuthi kuqala kuphi ngaphambi kokuthi kufike emashalofini. Yilapho abona khona ukuthi angabayingxenye yalo mkhakha ngokutshala ukudla nokudala amathuba omsebenzi kubantu bendawo.

“Ngiwumuntu othanda ukuzihlalela phandle ngizibukele imvelo. Ngazibona ngingena kwezolimo ngaqala ibhizinisi,” kusho yena.

Udedangendlela wepulazi iMarapyane Farms eliseLanseria, eGoli

Uthi ezolimo sezimfundise izinto eziningi, okubalwa kuzona ukungajahi izinto. Isitshalo sikhula ngesikhathi saso. Umlimi angakwazi ukusinakekela kodwa ngeke asiphoqe ukuthi sisheshe sikhule. “Imbewu ngeke ikhule uma ungayinakekeli, ungayiniki amanzi nomanyolo. Uma ufuna okuthile, kufanele uyondle futhi ubekezele.”

Ithuba lokuqhubeka nokufunda lavela ngesikhathi ekhethwa njengomunye wabaphumelele ohlelweni i-Woolies Youth Makers kulo nyaka. Uthi lolu hlelo lwamnika ithuba lokufunda kabanzi ngokusebenza nezimakethe ezinkulu, lwamxhumanisa nabanye abantu abasebenza kwezolimo futhi lwamsiza ukuthuthukisa indlela enza ibhizinisi ngayo.

UMotlana useke wathola ithuba lokukhangisa ohlelweni i-Woolies Youth Makers

UMotlana usebenzisa i-drip irrigation ukonga amanzi kanti nezinyosi azigcini ngokubakhona epulazini kodwa zinomsebenzi wokuthutha impova kwi-baby marrow no-pepper.

Wayefisa ukutshala ngendlela yemvelo kodwa wabona ukuthi kuzobanzima ukuqhubeka ngayo ngenkathi ibhizinisi likhula. UMotlana uthi ezolimo zidinga imali ngaphambi kokuthi umlimi avune. Kufanele kuthengwe imbewu, umanyolo nezinye izinto ezidingekayo kanti imali ibuya uma kuthengiwe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/26/umthwebuli-usekhiqiza-izigaxa-zamaveji-ekhethelo/

UMotlana uthi wenze amaphutha amaningi ngesikhathi efunda lo mkhakha, ikakhulu ngezinto ezifana nokuthola izimakethe, ukupakisha nokudiliva ngesikhathi. Uthi kube wayenomuntu onolwazi owayemluleka ekuqaleni, amanye ala maphutha wayengawagwema.

Ibhizinisi selikhule laze lakwazi ukuqasha izisebenzi ezinhlanu, ezimbili eziyitoho kanti ezintathu eziqashwe ngokugcwele. Iseluleko sikaMotlana kubantu abafisa ukusungula ibhizinisi wukuthi baqale ngabanakho, bangalindi ukuthi babenakho konke bese bekhulisa ibhizinisi kancane, kancane.

Isifiso sakhe wukwandisa amaveji awatshalayo, ikakhulu ama-baby marrow, u-green pepper ne-broccoli, ukuze abe negalelo elikhulu ekuqinisekiseni ukutholakala kokudla ezindaweni ezihlukene eNingizimu Afrika.

“Ngifisa ukuthi iMarapyane Farms ibeyindawo lapho abafundi abafundela ezolimo bengathola khona ithuba lokufunda besebenza. Sifuna ukubasiza bathole ulwazi lokusebenza ukuze bakwazi ukukhula babengabalimi bakusasa,” kusho uMotlana.

Instagram: @marapyane_farms

TikTok: @marapyane farms

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page