Akucaci ukuthi yikuphi ukuhlola osekwenziwe okwenza iCentral Energy Fund ithi kunesidingo sokufaka uR115bn eSapref, kuloba uJabulani Sikhakhane
I-CENTRAL Energy Fund, enomlando omude wokuhluleka wukuphatha nenkohlakalo, ihlela ukuvusa nokunweba indawo yokucwenga uphethroli eseThekwini iSapref ngemaili elinganiselwa kwengaphezu kwango$7 billion (uR115bn).
Yimali eningi lena kanti isinqumo sokuthi kufanele yini iNingizimu Afrika ifake imali engako kule ndawo akufanele sithathwe kalula nje. Kufanele senziwe ngemva kokubheka ubuhle nobungozi bokusebenzisa imali engako. Okuthiwa wubuhle bokusebenzisa le mali kufanele kubhekisiswe njengobungozi bako.
Ubuhle bako, ungqongqoshe wezokuMbiwayo uMnu uGwede Mantashe awubhongoza wako, wukuthi iNingizimu Afrika ilahlekelwe amandla ayo awuhhafu wokucwenga uphethroli eminyakeni emihlanu edlule.
INingizimu Afrika inamandla okucwenga imiphongolo ewu-720 000 ngosuku. Lapha sibala amandla okucwenga uwoyela ongahluziwe oyimiphongolo ewu-525 000 ngosuku nemiphongolo ewu-150 000 ngosuku endawo yeSasol yokugcina uketshezi oluphuma emalahleni, okwenza izwe libenamandla okugcina imiphongolo ewu-250 000 ngosuku, okungaphansi kakhulu kwemiphongolo engaphezu kwango-600 000 esetshenziswa ngosuku.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/04/01/iningizimu-afrika-kufanele-isukumele-ukulungisa-imboni-kawoyela-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Ngenxa yaloko, iNingizimu Afrika ibithenga phesheya uphethroli ohluziwe omningi kunowoyela ongahluziwe kusukela ngo-2021, ngokusho kweBhange lomBuso. Ukuthenga uwoyela ongahluziwe kunyuke kusuka kuR100bn, kwaya ngaphezu kwangoR400bn ngaleso sikhathi.
Loku, uma besho, kudale ubungozi ekutholakaleni kukaphethroli. Njengoba izinto izwe elizithenga phesheya zingaphezu kwangohhafu wophethroli osetshenziswa ezweni ngosuku, kusho ukuthi iNingizimu Afrika isengozini yokunyuka kwamanani kaphethroli ohluziwe nokugqoza kokuhamba kwemikhumbi ethwala izimpahla.

UMantashe uthi iNingizimu Afrika ilahlekelwe ngamandla okucwenga uphethroli abawuhhafu eminyakeni emihlanu edlule
Umbhalo ngezomnotho wangoMashi wosomnotho baseBhange lomBuso uthe: “Lolu shintsho lunemiphumela ebanzi emnothweni nasentuthukweni yezwe. Ngale kokulahleka komkhiqizo wokucwenga, imiphumela ifinyelela nakweminye imikhakha yomnotho njengowokukhiqiza, owezolimo owezokwakha, kuthi ukunswinywa wukuthenga izimpahla phesheya emalini yokuhweba yezwe kunyuse izindleko zezokuthutha nokugcina izimpahla futhi kunciphise namandla okugada ingozi. Zonke lezi zinto zifakazela Isidingo sokubheka ukuthi kusho ukuthini loku emandleni eNingizimu Afrika okucwenga.”
Njengoba usho lo mbhalo wosomnotho, ukwehla kwamandla okucwenga eNingizimu Afrika kunobungozi, nokho iphuzu elibalulekile lalo mbhalo lithi loku kudinga ukuhlolisiswa. Akucaci ukuthi yikuphi ukuhlola osekwenziwe okwenza iCentral Energy Fund ithi kunesidingo sokufaka imali engaphezu kwangoR115bn.
Uma sibheka ukuxhumana okukhona ngokomnotho – ukucwenga uwoyela ongahluziwe kuhambisana neminye imisebenzi yokukhiqiza – ngakho ukuhlola Isidingo sokucwenga kufanele kufake eminye iminyango kahulumeni ethintekayo nemboni ezimele. Lapha iminyango kahulumeni emibili emqoka wumNyango wezoHwebo neziMboni nomNyango weziMali.
Ngakho kubalulekile loku kuhlola ngenxa yokuthi umbhalo wosomnotho beBhange lomBuso ucacisa kahle ukuthi esinye isizathu sokuthi imboni ezimele ivale izindawo zokucwenga uphethroli eNingizimu Afrika wukungaqondakali kwenqubo yokwenza izinto – “wukuncipha kwezinto ezihehayo, ngenxa yokuthi ukwakha nokuphucula lezi zindawo kwasekungayingenisi imali”.
“Ngakho umphumela wokuncipha kwamandla okucwenga ukhombisa ushintsho olukhulu endleleni yokutshala, oludalwa wukungabinesiqiniseko kwesikhathi eside, ukwanda kwezindleko neminotho engakhuli.”
Okunye wukuthi umbhalo wosomnotho uxwayisa ngokuthi amandla okucwenga ayinsika eyodwa yamandla. Ezinye izinsika yindlela edidiyele yokuthola uphethroli nodizili, ukugcina umkhiqizo ngobuhlakani, ukushintsha umthetho nokuphucula ingqalasizinda okuhlelekile ukwakha indlela yokudayisa elula nebekezelayo.
Ingqalasizinda emqoka lapha yizindawo zokugcina uphethroli. Loku kubalulekile ngenxa yesimo somnotho waseNingizimu Afrika, lapho izinto zomnotho ezingaphezu kwangohhafu zenzeka eGauteng nezindawo zokugcina uphethroli bese kuthi ezinye zenzeka ezindaweni ezigudle ulwandle, ikakhulu eThekwini neCape Town kancane.
Kuyacaca ukuthi uma izinto sezishintshele ekuthengeni uphethroli phesheya, izimpahla ezithengwa phesheya zizongena ngezindawo ezigudle ulwandle. Konke loku kudinga ukuthi kubenendawo yokugcina uphethroli emaphakathi alingene nomthamo odinga yizwe uma kunenkinga phesheya.
Kepha akuzwakali ukujaha ukufaka imali engaphezu kwangoR115bn, nezonyuka nakanjani ngenxa yezizathu eziningi njengokuhlulwa wumsebenzi nenkohlakalo.


