I-product head eFNB Wealth and Investments uMnu uSamkelo Zwane ithi abantu abakuqondi kahle ukongela imfundo. Izithombe: Zithunyelwe

Izifiso nokwenzekayo ukulungiselela izindleko zemfundo kungamanzi namafutha – ucwaningo

WUSLINDILE KHANYILE

Ebika eseGoli

ABAZALI abaningi bacabanga ukuthi benza okwanele ukulungiselela izindleko zemfundo yabantwana babo kodwa empeleni bambalwa kakhulu abenza loku uma kubhekwa zonke izindleko ezihambisana nokufundisa ingane kunoma ngabe yisiphi isigaba.

Yile into enkulu evezwe wucwaningo olubheka ukuthi abantu baziqonda kangakanani izindleko zemfundo i-FNB Education Insights oluthulwe okokuqala yileli bhange ngesonto elidlule.

I-product head eFNB Wealth and Investments uMnu uSamkelo Zwane ithe: “Into enkulu esiyitholile wukuthi abantu bayazithemba ukuthi bayilungiselele kahle imfundo yezingane zabo uma zisaqala ukufunda kodwa loku kuzithemba kuyancipha ingane ikhula, iqhubeka nemfundo. Ucwaningo lusikhombisa ukuthi abantu abawu-87% bakholwa wukuthi bakongele kahle ukufunda kwezingane zabo kodwa uma usubabuzisisa ngazo zonke izindleko ezihambisana nemfundo, lesi sibalo siyancipha sibe wu-27%.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/17/abantu-sebevuleke-amehlo-ngokuhlelela-umhlalaphansi-ucwaningo-olusha/

UZwane uthe okunye okuvezwe wucwaningo wukuthi abantu abawu-55% baqala ukonga uma ingane isiqale isikole esikhundleni sokuqala zisuka nje uma ingane isizelwe.

Enye into ecacile kulolu cwaningo wukuthi abantu bonke abantu, akukhathaleki ukuthi bahola malini, bayikhathalele imfundo futhi bayafisa ukuthi abantwana babo bathole imfundo engcono. Bonke abantu bathe bancamela ukunciphisa ezinye izindleko kuqala ngaphambi kokunciphisa eziqondene nemfundo yezingane zabo. 

Lolu cwaningo lwenziwe ngokukhuluma namakhasimende angu-440 kuzo zonke izifundazwe, ayizinhlanga ezihlukene, abahola ngaphezu kwangoR20 000 ngenyanga nanengane eneminyaka emithathu kuya phezulu.

Isikhulu esiphezulu sophiko lomshwalense eFNB uMnu uHimal Parbhoo sithe abazali abaningi babuka izindleko zesikole njengento yonyaka nonyaka esikhundleni sokuthi kubeyinto abazibophezela kuyona isikhathi eside.

“Abazali bafisa ukunika izingane zabo amathuba amahle kodwa ukulungiselela imfundo kusho ukucabanga ngayo yonke into, hhayi nje imali yesikole. Ukuhlela kahle kusho ukucabanga nangezindleko ezizoqhamuka endleleni nokuthi kwenzekani uma izinto zishintsha esikhaleni, zingahambi ngendlela ocabanga ngayo.

“Abazali abaningi bakholwa ukuthi kufanele babe nazo izinto eziwugada ingozi kodwa imvamisa lezi zinto zithinta ukugada ingozi ngesimo sezimali hhayi izisombululo ezingasiza ukuvikela imfundo yabantwana,” kusho yena.

U-Parbhoo izindleko zesikole akuyona imali kuphela

Inqwaba yabafundi eNingizimu Afrika ifunda ezikoleni okungakhokhwa kuzona noma okukhokhwa imali encane. Lezi yizingane zabazali abaphila ngezibonelelo zikahulumeni nabahola cishe imali okunqunywe ukuthi yimali encane okufanele umuntu osebenzayo eNingizimu Afrika ayihole. Loku kusho ukuthi ngabazali okunzima ukuthi babeke noma batshale imali. 

UZwane uthe bakuqonda kahle kamhlophe loku, njengoba bevele benamakhasimende azo zonke izinhlobo, nokungakho benemikhiqizo ehlukene njengoba umuntu engakwazi ukonga imali engangoR300 ngenyanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page