Kuthulwe ingqungquthela yokuqala yokubheka ukuphepha kokudla okuthengwa abantu
INTATHELI YOMBELE
KUQOPHEKE umlando kuleli sonto ngenkathi kuthulwa ingqungquthela yokuqala yokubheka izinto ezithinta ukuphepha kokudla ebiseThekwini, KwaZulu-Natali, lapho bekukhona nekhomishini evikela amalungelo abathengi iNational Consumer Commission (iNCC).
Le ngqungquthela, ebihlelwe wumNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha nezeMvelo esifundazweni, ibigxile ezinyathelweni zokuvikela abathengi ezisetshenziswayo ukuvikela abathengi emikhiqizweni yokudla engaphephile, njengokuphelelwe yisikhathi, okugulisa abantu nokuwumbombayi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/27/abantu-sebezokwazi-ukuvimba-izingcingo-zabadayisi-ezinesicefe/
Le ngqungquthela yenziwe ngesikhathi esifanele kanti ibibheka izikhalo ngokuphepha kokudla ngokuyalela kwemigomo yeNhlangano yeziZwe i-United Nations Product Safety Principles.
I-NCC iyaqhubeka nokuqinisa ubudlelwano namahhovisi ezifundazwe, abalawuli nezinhlaka zomthetho ukuqinisa ukuvikela abathengi.
Ekhuluma kule ngqungquthela, ukhomishana obambile weNCC uMnu Hardin Ratshisusu, uthe: “Kuhlale kunokukhathazeka ngemibhalo ekwimikhiqizo, ukudayisa ukudla osekuphelelwe yisikhathi, abadayisi abangavezi ubufakazi bokuthi bathenge kuphi nezimpahla ezingabhaliwe ngokusho komThetho wokuVikela abaThengi.
“Ukubhekana nalezi zinkinga, iNCC ishicilele imihlahlandlela ukuze umphakathi uphawule ngayo, ngenhloso yokusiza abadayisi, ikakhulu abanikazi bamaspaza ukuthi bangaphuli umthetho.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/24/kuphasisiwe-ukuhlangana-kwemultichoice-necanal/
Kulo mkhankaso wokuvikela abathengi obuseThekwini namaphethelo, iNCC neSouth African Revenue Service Customs bahlole imigodla yezingubo, izindwangu, izicathulo nezinto zesikhumba echwebeni laseThekwini Harbour ukuqinisekisa ukuthi aziphuli imithetho yesigaba 24 somThetho oVikela abaThengi, ngokomgomo 6.
I-NCC idlulele eToyota eSiphingo, eningizimu yaseThekwini, ukuyoqinisa ubudlelwano nale nkampani ngezinto ezithinta ukuvikela abathengi.

