Ungqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt uKgosientsho Ramokgopa ehalalisela uMnu uMteto Nyati, ozobawusihlalo webhodi ye-Eskom okwesibili. Isithombe: Sithunyelwe

Akwanele ukubanogesi, kufanele ubize kahle futhi – uNyati

WUSLINDILE KHANYILE

UKUZIHLUPHA kwabantu ngokuthi kuzokwenzekani ngesikhundla sikasihlalo webhodi ye-Eskom akwenziwa wukuthi abantu banendaba naleso sikhundla kodwa babuza ngoba befuna ukwazi ukuthi leli zwe lisazimisele yini ukulungisa okubalulekile.

Usho kanje uMnu uMteto Nyati ngesikhathi evuma ukuqhubeka ukubawusihlalo wale nkampani ephehla ugesi ngemva kokuqokwa ukuthi okwesibili. UNyati uthe wazi kahle ukuthi ubaluleke kangakanani lo mbuzo. “Kade kunezinkulumo ngokuthi kungabe ngizolinikwa yini elinye ithuba, kufanele futhi. I-Eskom akusona nje isikhungo esikude le kunathi, sisemakhaya ethu, emabhizinisi ethu, emitholampilo yethu, emafemini nasezimayini zethu. Uma abantu baseNingizimu Afrika bebuza ngaloku ababuzi ngesikhundla, babuza ukuthi leli zwe lisazimisele yini ukulungisa okubalulekile.

“Siphila esikhathini lapho abathengi bengasaceli kuphela ugesi, bacela ugesi abanamandla okuwukhokhela. Umphakathi uyazi ngenkohlakalo. Abantu sebebone kakhulu konakala kodwa kungekho ojezayo. Kunjalo nje, iNingizimu Afrika namanye amazwe ase-Sub-Saharan Africa afuna, futhi kufanele, ukuthi imikhiqizo isize kakhulu amazwe, ikakhulukazi njengoba kubhekwe esikhathi sikagesi ovuselelwayo. Lelo thuba ngeke lisilinde,” kusho yena.

UNyathi uthe isidingo sokuthi kubenogesi obiza kahle siyaphuthuma. Uthe kufanele kusheshiswe imikhiqizo nengqalasizinda kagesi ovuselelwayo kwazise amanye amazwe awazibekile phansi. Uthe i-Eskom engenza loku akuyona i-Eskom yakudala kepha yilena engakwazi ukushintsha izinto masinyane, ibeke amakhasimende ayo eqhulwini.

“Ukubanogesi owanele kodwa obizayo akwanele. Ukuphehla ugesi ngendlela engathembekile ngeke kwenze umphakathi ukuthembe. Wumsebenzi lona ongeke wenzeke ngenxa yezimemezelo, uzokwenziwa abantu base-Eskom.

“Kule minyaka emithathu edlule, izisebenzi zase-Eskom zitshengisile ukuthi yini ezikwazi ukuyenza. Ziyikhiphile inkampani enkingeni enkulu kagesi kusukela izwe labuswa yintando yabantu kwaze kwabanogesi omningi kakhulu, zikwenze loku kungasekho muntu okulindele. Yikho kanye loko kuzimisela esikudingayo futhi, hhayi nje ukukhanyisa kuphela kodwa ukusiza iNingizimu Afrika isebenzise amathuba aphambi kwayo,” kusho uNyati.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/01/25/kuwukucasha-ngesithupha-ukungabuqondisi-ubugwegwe-emsebenzini-ngoba-unqena-ukuthi-kuzothiwa-awunabo-ubuntu-isikhulu-esiphezulu-e-altron-umnu-umteto-nyati-sixoxe-noslindile-khanyile-ngaloku-nokunye/

Ngesikhathi enza lesi simemezelo ungqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt Kgosientsho Ramokgopa ubonge uNyati ngobuholi bakhe esikhathini ebesinzima e-Eskom, nathe ukuphucuka kwezinto kutshengisa umsebenzi webhodi, izikhulu nezisebenzi nathe wumsebenzi okufanele uqhubeke.

Unxuse ibhodi ukuthi ihlanganise umhlahlandlela weminyaka eyishumi ozocacisa ukuthi indlela ugesi ophehlwa ngayo izoxutshwa kanjani, kubhekwe nezidingo emazweni awomakhelwane nokuthi amakhasimende axutshwa kanjani.

“Ugesi othembekile futhi obiza kahle useka ukutshala imali nemisebenzi nokusiza ukwehlisa ingcindezi emakhaya. I-Eskom ineqhaza elikhulu kulowo msebenzi. Umnikazi (uhulumeni) ulindele ukuthi ibhodi ithathe esikuzuzile ukushintsha izinto yenze inkampani enekusasa eliqhakazile futhi esebenzela abantu abathembele kuyona kahle,” kusho uDkt uRamokgopa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page