Isazi sihluba udlubu ekhasini ngomlando womhlaba we-Ingonyama Trust
UKUGASELA eChief Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kwequdlwana elalibhiyoza mhlaka-30 wangoSepthemba sekudale uvalo ngokuthi iKwaZulu-Natali ingabuyela emkhutsheni edume ngawo wodlame.
Leli qulu beliholwa ngabantu abadume ngokuphila ngokumasha uMnu uNgizwe Mchunu noMnu uNkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakelumthakathi. Lapha bekuhlangene iNgonyama Trust Board namakhosi aseKZN ngenhloso yokudingida amaqhinga okukhuthaza izinhlelo zokutshala imali nokuthuthukisa umnotho emhlabeni ophethwe yIngonyama Trust Board.
Akekho umuntu ongalwa nomhlangano onjalo. Leli qulu lathi lithunywe yiSilo uMisuzulu ongeneme ngoba “ewumnikazi” womhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust “wayengamenywangwa”. Loku, uma kushiwo yiSilo, kuyishwa ngoba akusilona iqiniso. ISilo samaZulu asiyena umnikazi womhlaba ophethwe yIngonyama Trust.
LALELA LAPHA:
Ingonyama Trust yasungulwa mhlaka-24 wango-Ephreli wango-1994, ngaphambi kwezinsuku ezintathu kubenokhetho oluyingqophamlando lokuqala lwentando yabantu. Uhulumeni waKwaZulu, owawuholwa wuNdunankulu Inkosi uMangosuthu Buthelezi, wawuqale wanqaba ukubamba iqhaza okhethweni lwango-1994, kwadingeka ukuthi uhulumeni wobandlululo weNational Party, ukugwema ukuhlukana kwezwe njengaseBiafra, eNigeria, okwakuzokwenzeka ukuba uButhelezi wayeqhubeke nakufunayo, nako okwakuthiwa kufunwa yiSilo.
Isimo se-Ingonyama Trust kufanele sisiqonde ngokwesimo sokuthathwa komhlaba ngamakoloni okwaholela ekutheni abantu abamnyama basale nomhlaba owu-7% ngo-1913, hhayi ukuthi kubengowabo kodwa kubengowokuhlala kuwona ukuze baphile kuwona. Uma sibheka eZululand, umhlaba owawusemngceleni womfula uThukela ngaseningizimu, uMzinyathi ngasentshonalanga, uPhongolo ngasenyakatho nolwandle ngasenyakatho yadliwa ngo-1887, yafakwa ngaphansi kwekoloni iNatali ngemva kokunqotshwa kwamaZulu enqotshwa yimpi yamaNgisi ngo-1879. Lowo mhlaba, owawukade uzimele, awukaze ubuye kuzekubenamuhla. Ngo-1910 wangena ngaphansi kweNatali, isifundazwe se-Union of South Africa.
Indaba yomhlaba we-Ingonyama Trust kufanele ibukwe ngeso lomlando wezinhlelo zikaTheophilus Shepstone zokusungula iZabelo zaBantu eNatali, ikakhulu emaphethelweni aseThekwini, kusukela ngo-1847. Abantu basuswa eduze kwedolobha laseThekwini, bayolahlwa kude konokhesheni (amalokishi noma izabelo), izindawo ezabelwe abantu ngokobuhlanga, hhayi ukuthi kubewumhlaba wabo kodwa kodwa kubeyizindawo abahlala kuzona.
Ohulumeni abalandelanayo bobandlululo bashaya imithetho eminingi yokuhlukanisa umhlaba. Ngokomthetho nangokomlando, Ingonyama Trust ngokuma iwukuqhubeka kukaHulumeni waKwaZulu ngokusungulwa wuhulumeni wobandlululo. Isungulelwe ukwengamela izimpahla zomhlaba wesabelo esasiziphethe saKwaZulu ngesikhathi sesiqedwa.
Abantu abakhulu abahlomula nge-Ingonyama Trust yilabo abahlala emhlabeni uqobo. Amakhosi, okubalwa neSilo esiyinkosi yasoSuthu, bangababheki bomhlaba abamele izizwe zabo. Abanamhlaba. Isigaba 2(5) somthetho Ingonyama Trust Act asisivumeli iSilo ukuthi sibenamandla angaphundla amandla ezizwe, njengoba sithi: “Ingonyama ayisoze yabambisa, yagunyaza ukusebenzisa impahla, idedele noma idayise lo mhlaba noma igunya noma amandla omhlaba, ngaphandle kokuthola igunya elibhaliwe lobukhosi besizwe noma besizwe esithintekayo.”
LALELA LAPHA:
Ngesikhathi kuphela umBuso kaZulu ngo-1879, imithetho ehlukanisa abantu yenabela eZululand, eyase iyingxenye yeNatali. Lezi mithetho yalandelwa abanye ohulumeni bezifundazwe, phecelezi ama-Republic aseNingizimu Afrika, abayisisekelo soHulumeni beZabelo kusukela ngo-1951 kuya ngo-1994.
Ibhodi ilawulwa ngamalungu ebhodi noma ababheki ababekwe wuhulumeni wezwe. Ibhodi yaba imali engena emhlabeni ngohlelo olunika isizwe u-75%, inkosi ithole u-10%, ibhodi ithole u-10% bese u-5% unikwa izizwe ezinomhlaba owugwadule. Le mali iphuma ezivumelwaneni zokuqashisa umhlaba ezimboninini nemibhoshongo yeTelkom.
Umehluko omkhulu phakathi kwe-Ingonyama Trust nezinye izinhlobo zama-trust aseNingizimu Afrika usekuthini Ingonyama Trust inomthetho oyiphethe yodwa nobudlelwano phakathi kwesifundazwe nohulumeni wezwe.
Ekugcineni lobu budlelwano bungaphansi komThethosisekelo kanti abuvumi ukuthi kunyathelwe amandla omphakathi aqukethwe ekusebenzeni kwe-Ingonyama Trust. Ubukhona bomhlaba we-Ingonyama Trust abusho ukuzimela kwamaZulu ngaphandle kukahulumeni wezwe.


