Amakhono emboni ezimele angasiza ngengqalasizinda ukuze kutshaleke imali, kuloba uBusi Mavuso
ZIDUMAZILE izibalo zekota yesibili ngomthamo womnotho njengoba unciphe ngo-0,2%. Nokho kulezi zibalo, ngithuswe wukuthi isencane kanjani namanje imali etshalwayo. I-gross fixed capital formation ibiwu-13,6% womthamo womnotho.
Lesi yisibalo esiphansi kunazo zonke eminyakeni eyisihlanu, yize kunomsebenzi omuhle nomkhulu owenziwe ukuphucula izinto embonini kagesi neyezokuthutha izimpahla kusukela ngo-2021.
Siyakwazi loku. Umnotho kufanele utshengise kuqala ukuthi izinto sezingcono ngaphambi kokuthi amabhizinisi azibophezele ukutshala imali isikhathi eside. Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni sizibekele ukuthi okungenani imali etshalwayo ibewu-20% womthamo womnotho nakuba sazi ukuthi u-30% yilona zinga elidingekayo ukuze umnotho ukhule kahle ngempela. Ngiyazi senza okufanele ukuze ingene imali etshalwayo.
Kepha akuyona indaba yemboni ezimele kuphela lena. Uhulumeni nawo utshala imali enkulu. Ethula iSabelomali ngoFebhuwari ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana wathi kunemali engaphezu kwangoR11 trillion uhulumeni ozibophezele ukuyitshala kwingqalasizinda eminyakeni emithathu. Loko kuzokwenza umehluko omkhulu njengoba okwamanje kutshalwa cishe uR1trn ngonyaka.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/04/iningizimu-afrika-ayishodi-ngezinto-ezingatshalwa-emnothweni-ikwazulu-natal-investment-forum/
Inkinga wukuthi le mali eyabiwa wuhulumeni ayigcini ibeyimisebenzi ebonakalayo. I-Infrastructure SA eyingxenye yomnyango wemisebenzi yomphakathi nengqalasizinda ithule ezinye izibalo ngoJuni ePhalamende mayelana nokuthi kunzima kangakanani ukuthi imisebenzi iqhubeke.
Ibike ukuthi kwakhangiswa amathenda kahulumeni awu-2 549 ngo-2025 kodwa awu-433 (okuwu-17%) agcine ekhishiwe ukuze umsebenzi uqhubeke. Awu-279 amisiwe ngaphambi kosuku okwakuthiwe azovalwa ngawo, awu-1 837 avala kodwa akekho umuntu onikwe umsebenzi noma avele ayekwa ngemva kokuhlola izicelo. Uma kuqhuba kanjena ukuthi kukhishwa ithenda eyodwa kwayisithupha, lo R11trn uzogcina ungasetshenziswanga.
Lezi zingqinamba ziyaxazululeka. Amabhizinisi asebenze nohulumeni ngempumelelo ezintweni eziningi okubalwa ukushintsha indlela izinto ezenzeka ngayo embonini kagesi neyokuthutha izimpahla (yize kufanele sisho ukuthi yize ziphucukile izinto kodwa ukutshala imali e-Eskom, ePrasa naseTransnet kuseyinselelo enkulu njengoba inqwaba yamathenda amiswa ingeyawalezi zinkampani zontathu).
Ngikholwa wukuthi simi ngomumo ukuseka uhulumeni ukusheshisa lezi zinhlelo zengqalasizinda. Izinselelo eziningi zibangwa wukushoda kwezinsizakusebenza. Njengoba sengike ngasho kaningi phambilini, ukuhlinzeka izidingo kuhulumeni kuphazanyiswe nawukuhamba kwabantu abanamakhono. Imizamo kamengameli yokuphucula ukusebenza kukahulumeni yiyonandlela yokwenza izinto futhi ushintsho luyabonakala kancane. Yize loko kwenzeka, akukho okungenziwa ngaphandle kokubheka lawo makhono embonini ezimele.
Ukuqhuba izinhlelo zokutshala imali kwingqalasizinda kudinga amakhono. Ukuhlola abafaka izicelo zamathenda, amakhono ezomthetho, osomnotho nonjiniyela abahlukene. Imboni ezimele inawo la makhono futhi ayinqwaba. Laba ngabantu abakwazi ukubheka zonke izidingo zethenda kusukela ekuqaleni kuze kuphothulwe umsebenzi.
Isibonelo saloku yingesikhathi kuqala uhlelo lokuthola abantu abangahlinzeka ngogesi ovuselelwayo ngo-2010 i-Renewable Energy Independent Power Producer Procurement Programme, ihhovisi le-Independent Power Producer lathola abanye babameli nonjiniyela abanamava emhlabeni lahlanganisa ithimba ukulungiselela ukukhipha amathenda nokuhlunga izicelo. Kufanele kubhekwe lapho izinto zingashayisana khona kodwa yizinto ezenzekayo lezi.

Imboni kagesi ngenye yezinezingcweti ezinamakhono afanele
Izinhlangano zamabhizinisi eNingizimu Afrika zibuka ingqalasizinda njengento emqoka ukukhulisa umnotho. Sikulungele ukuseka uhulumeni futhi sesikhombisile ukuthi siyakwazi ukuza namakhono asezingeni eliphezulu ukuxazulula izinselelo uhulumeni obhekene nazo. Loku singakwenza nangengqalasizinda.
Nokho, zikhona izimpawu ezinhle eziqhamukile ngesonto elidlule okufanele siziqhakambise. Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kuyasebenza nakwezinye izimboni njengeyezokuvakasha. Kubekuhle ukubona izibalo ezivela kwiStatistics South Africa ngesonto elidlule ezikhombise ukuthi isibalo sezivakashi sinyuke ngo-7,4% ngo-Agasti uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Ungqongqoshe womNyango wezokuVakasha uNkk uPatricia de Lille ukhulume ngezibalo ze-UN Tourism ezikhombise ukuthi iNingizimu Afrika yilona zwe emazweni ase-Afrika elenze kahle kwezokuvakasha ezinyangeni eziyisithupha zokuqala onyakeni kanti ibalwa namazwe awu-20 aheha kahle izivakashi emhlabeni.
Lokhu yinto engasidonsela abatshalimali kanti ungqongqoshe ukhulume ngalezi zibalo engqungqutheleni i-Tourism Infrastructure Investment Summit. Le mboni ibalulekile futhi itshengisa ukuthi kufanele siwukhulise kanjani umnotho nakwezinye izimboni ezibalulekile njengezolimo nezimayini. Ukutshala imali kumqoka.


