IKhomishini yokuNcintisana iqinisa isandla ngokuvikela amakhasimende nezinkampani ezincane ezindaweni zokukhanda izimpahla. Isithombe: yiMagnific

Amakhasimende nezinkampani ezincane sebezovikeleka kakhudlwana ngezindawo zokukhanda izimpahla – iKhomishini

INTATHELI YOMBELE

UKUGQUGQUZELA ukuncintisana okuhle phakathi kwezinkampani ezigunyaziwe nezizimele nokuthi abathengi babenezindawo eziningi abangazisebenzisa ukulungisa nokunakekela izimpahla zabo, iKhomishini yokuNcintisana isishicilele imihlahlandlela ngokukhanda nokunakekela izimpahla esezithengiwe.

Le mihlahlahlandlela ama-Guidelines on Repair, Service and Maintenance Aftermarkets awokuqinisekisa ukuthi amakhasimende anezindawo eziningi, ezingabiz nezisezingeni eliphezulu lokulungisa izimpahla zawo.

Le mihlahlandlela izolawula izindawo ezidayisa izimpahla okubalwa kuzona amaselula, imishini yokudlala izingane nezinye izinto zikagesi, izinto zokudlala umculo, izinto zikagesi zasendlini, imishini yezempilo nemishini kagesi neyamanzi.

Le mihlahlandlela ibheka izindlela zokusebenza ezinganqinda izindlela zokulungisa izinto ezifile, ezinganyusa imali noma ezivimba izinkampani ezincane ukuqhudelana nezikhondlakhondla ngokulungisa izinto ezifile.

Le mihlahlandlela ishicilelwe emiqulwini yemithetho kahulumeni ngokwesigaba 79 somThetho wokuNcintisana Nombolo 89 wango-1998, ngokuchitshiyelwa, ngemva kokubheka imibono yamabhizinisi nomphakathi emikhakheni ehlukene.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/10/01/kwethulwe-ingqungquthela-yokuqala-yokubheka-ukuphepha-kokudla/

Le mihlahlandlela icacisela abakhiqizi namabhizinisi akhandayo ngezinto ezinqinda ukuqhudelana noma ezinciphisa izindawo amakhasimende angakhetha kuzona. Ezintweni ezikhinyabeza izimbangi kubalwa ukuvimba abathengi ukuthi bathole ezinye izindawo ezidayisa izipele noma ulwazi lokukhanda, ukuvimba izinkampani ezincane ukungena noma ukusimama emakethe nokucindeza abathengi ukuthi bangasebenzisi izinkampani ezincane.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/02/15/zonke-izinsuku-yena-nethimba-aliholayo-bafana-nodavide-ebhekene-nogoliyathi-njengoba-belwa-nezinkampani-ezinkulu-ukusiza-abathengi-futhi-bayazinqoba-lezi-zimpi-ukhomishana-wekhomishini-yokuncintisana/

Ikhomishini inxusa izinkampani ezincane ukuthi ziyazise uma izinkampani eziyizikhondlakhondla zenza okungalungile noma zenza nomakuphi okungalungile ngokusho kwale mihlahlandlela.

Kwenye inkathi ikhasimende kuthiwa kufanele likhokhele ukukhanda ngoba umshwalense awuyibalile nakuba kusuke kufanele engabe uyayikhokhela. Azibalwa izimoto kule mihlahlandlela ngoba vele zivikelwe ngokwemihlahlandlela yemboni yezimoto eNingizimu Afrika.

Uma isibikelwe ikhomishini, iyobheka zonke izikhalo ezihambisana nokukhanda nokunakekela izimpahla bese inquma ukuthi ngabe loko kuphula izigaba 5, u-8  noma u-9 somthetho noma sikhona isizathu esizwakalayo okubalwa ukuvikela abathengi, ubuchwepheshe obungcono, ukuvikela ilungelo lobunikazi noma ukuthobela umthetho.

Ikhomishini inegunya lokuphenya nezinye izinto uma kunesidingo bese ithatha izinyathelo ezifanele uma kunesidingo. Imihlahlandlela itholakala ku: https://www.compcom.co.za/final-repair-service-maintenance-guidelines/.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page