Ungqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt uKgosientsho Ramokgopa uthi kufanele i-Eskom ihlanganise umhlahlandela weminyaka eyishumi ezayo. Izithombe: Zithunyelwe

Asiphokophele ukwenza izinguquko ezinqala ukulungisa izinto e-Eskom, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule ungqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt uKgosientsho Ramokgopa ucacise kahle ukuthi yini elindelekile kulesi sigaba esilandelayo e-Eskom. Kade sasisho ukuthi i-Eskom kufanele isebenze kahle ukuze ikwazi ukuhlinzeka ugesi kahle embonini encintisanayo futhi ungqongqoshe ukucacisile loko kwibhodi.

Uthe kufanele ibhodi ibenomhlahlandlela ozosetshenziswa kule minyaka eyishumi ozokwenza kujwayeleke ukuthi kunabaphehli abasha bakagesi nabadayisi. Ungqongqoshe umemezele nokuthi usihlalo uMnu uMteto Nyati uzoqhubeka nokuhola le bhodi eminye iminyaka emithathu. Ngiyambongela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/28/akwanele-ukubanogesi-kufanele-ubize-kahle-futhi-unyati/

Kusho ukuthi izinto zizoqhubeka e-Eskom njengoba nendlela esebenza ngayo isiphucukile. Siyakuthakasela ukuqokwa kwakhe futhi ngikubheke ngabomvu ukuqhubeka nokusebenza noNyati nebhodi yakhe ukweseka ukuphucuka kwezinto, ikakhulu mayelana noR120 billion le nkampani ewukweletwa omasipala nokuqinisekisa ukuthi i-Eskom ikulungele ukuncintisana.

Loku kufanele kwenzeke kuhambisana nenkampani yokusabalalisa ugesi ezimele, yize ungqongqoshe engakushongo kodwa enye into ezodingeka kwibhodi wukusebenzisana nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi uma sekuhlukaniswa izimpahla ezihambisana nale nkampani zihlukaniseka kahle.

Ekuqaleni kwale nyanga, umNyango weziMali, umelwe yiDevelopment Bank of Southern Africa, ukhiphe ithenda yokuqoka abazoyiluleka ngalolu hlelo lokuhlukanisa (i-Eskom), nethe kuzofanele baxoxisane kakhulu nalabo i-Eskom eboleke imali kubo ngokwama-bond.

Umsebenzi wokuhlukanisa i-Eskom usuqalile, njengoba sekuphume nethenda yokuqoka abeluleki ngalo msebenzi

Ukuhlukanisa ingqalasizinda yokusabalalisa ugesi kuzothinta labo abayibona njengesibambiso futhi cishe kuzofanele bavume. Ibhodi ye-Eskom imqoka kulolu hlelo.

Loku kubalulekile ohlelweni lonke lwezinguquko. Okuhle wukuthi ngenyanga edlule umNyango kaGesi namaNdla ushicilele umgomo wokunquma amanani kagesi ozoseka ukuncintisana embonini kagesi. Loku kuzophothulwa ngoMashi wangonyaka ozayo.

Nokho-ke okungahambi kahle wukuthi ukuthula iSouth African Wholesale Electricity Market kuloku kubambezeleka futhi. Sigcina ukuzwa kwakuthiwe izoqala ukuhwebelana nabantu bakwamanye amazwe kodwa lowo mnqamlajuqu usudlulile futhi asikezwa ukuthi sikulindele nini ukusebenza kwayo ngokuphelele.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/31/i-business-leadership-sa-ne-eskom-bakhumelane-umlotha/

Ngiyathemba ungqongqoshe uzosicacisela maduzane. Kubalulekile lokhu ukuze kuncintiswane, nokungagcina kusizile ukunciphisa amanani. SiyiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) esigxile kukona manje wukulandelela ukuthi izinguquko embonini kagesi zenziwa ngendlela okwavunyelwana ngayo nekomiti elingamele ukuxazulula inkinga kagesi. Njengoba uRamokgopa esebenzela ukuthi kwenzeke okuvunyelenwe ngakho ngokomgomo, angasithemba ukuthi sizomeseka.

Ukunyuka kwamanani kagesi osekwenzeke iminyaka engaphezu kweyishumi manje kuyimbangela enkulu yamanani kagesi okucishe kuphindaphindwe kumanani ajwayelekile. Ziningi nezinye izizathu kufanele siqinisekise ukuthi imboni kagesi izokwazi ukuncintisana futhi amanani ayo angakhuphuki mawala. Isinqumo esenziwe yiBhange lomBuso sokunyusa imalimboleko ngo-25 basis points yabawu-7,25% kufakazela umbono wayo wokuthi kufanele anqandwe amanani anganyuki. Okwesibili kulo nyaka inyuka imalimboleko.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/25/lilonke-ubunzima-lo-nyaka-emnothweni-womhlaba-nowaseningizimu-afrika-ukganyago/

Ngiyazi kuthina mabhizinisi ukunyuka kwemalimboleko akukuhle kodwa ngiyakwazi ukubaluleka kokuthi izikhulu zeBhange lomBuso zikwazi ukusebenza ngokuzimela.

Inzalo eqhamuka kuma-bond kwamanye amazwe ithwele kanzima kanti ohulumeni babhekwe ngeso lokhozi ukuthi imogomo yabo ethinta imali bayiqhuba kanjani. Abanye abebaziwa njengabantu abathembekile emhlabeni abenzi okulindelekile. Kodwa thina siyabatshengisa abatshalimali ukuthi bangasithemba nokuthi kuhle ukutshala imali kithina nokusiboleka. Loko kuthenjwa yinto enkulu kanti ukusimama kwamanani yinto amabhizinisi ayiseka kakhulu.

Njengoba sibheke kwiSabelomali esithulwa phakathi nonyaka wezimali ngenyanga ezayo, ngithemba ukuthi izikhulu zethu zemali zizogcwalisa loko kuthembeka kwethu.

UmNyango weziMali usuwenze umsebenzi oncomekayo ukuvuselela isithunzi sethu ngokulawula isikweletu emva kokuthi sidicileke phansi ngesikhathi kuphethe uMnu uJacob Zuma.

Kufanele manje uqhubeke lo mnyango naloku yize kubhekwe okhethweni. Loko kuzokwengeza ekutheni iNingizimu Afrika yizwe okufanele ukusebenzisana nalo nokuseka izinhlelo zokukhulisa umnotho nemisebenzi esizibophezele kukona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page