Month: October 2026
Kunabaphathi abasha ezinkampanini zikahulumeni zamabhanoyi
IZINKAMPANI zikahulumeni ezimbili ezisembonini yamabhanoyi sezimemezele izikhulu eziphezulu ezintsha. Zombili zizoqala ngenyanga ezayo. I-Airports Company South Africa (i-Acsa), isikhungo esiphethe izikhumulo zezindiza nenye ingqalasizinda, iqoke uMnu uSiphamandla Mthethwa, kwathi i-Air Traffic & Navigation Services (i-ATNS), elawula imizila yamabhanoyi yamemezela uMnu uMatome Moholola.
Ukudayisa izimoto ezintsha kukhuphuke ngo-3,2% – izibalo ezintsha
IZIBALO ezikhishwe wumkhandlu wemboni yezimoto iNaamsa izolo zikhombisa ukuthi ukudayisa izimoto ezintsha eNingizimu Afrika kubemandla ngenyanga edlule. Izibalo zikhombisa ukuthi ukuthengwa kwezimoto ezintsha kunyuke ngo-3,2% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga ngoSepthemba uma kuqhathaniswa nango-Agasti, lapho kwanyuka khona ngo-0,4%.
Kuphendulwe isoyi eFarrier Business Park emsebenzini wokuthuthukisa iWestown, eThekwini
KUQOPHEKE umlando emsebenzini wokuthuthukisa indawo esentshonalanga yaseThekwini ngenkathi kuphendulwa isoyi eFarrier Business Park ezokwakhiwa ngoR1.3 billion. Lo msebenzi wokwakha indawo ewu-80 000m² yokugcina nokuthutha izimpahla ihambisana nomsebenzi wokuthuthikisa iWestown, eNtshongweni, entshonalanga yaseThekwini.

















