Omasipala banomsebenzi wokuhlinzeka usizo emphakathini uma sebevotelwe. Isithombe: yiShutterstock

Uhulumeni wendawo ubasiza ngani abantu abavotayo?

INTATHELI YOMBELE

SEZIHUBELA sakusha ngoKhetho loHulumeni beNdawo olungomhla ka-4 wangoNovemba eNingizimu Afrika. Isibalo sabantu abazobanga izihlalo sesiyaziwa, sekuvuliwe nokuvota okuyisipesheli nakubantu abangeke bakwazi ukuvota ngosuku lokuvota.

Lolu wukhetho lo hulumeni bendawo. Nokho umbuzo uthi ngabe abavoti bayazi ukuthi kuzovotelwani ngalolu khetho noma yini umsebenzi wabantu abazongena komasipala?

Izakhamuzi zinelungelo eliqinisekiswe wumThethosisekelo lokuthola usizo oluhlinzekwa wuhulumeni wasekhaya nelungelo lokuthi uhulumeni uphendule ngomsebenzi owenzayo futhi usebenze ngokusobala, kungakhathalekile ukuthi zihlala ezindaweni zabantu abacebile noma abantulayo.

Uhulumeni wendawo uqoqa intela ehlukene nezimali zikagesi, ezamanzi nama-rates, ngakho umasipala kufanele uhlinzeke ugesi, amanzi nezinye izinto mahala kwizakhamuzi ezihola ngaphansi kwemali ethile.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/23/imikhandlu-yomasipala-ezokhethwa-izoqhubeka-nokuhluleka-ukuqoqa-izikweletu-kwizakhamuzi-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Ukuhlinzeka ngogesi ngenye yosizo lukahulumeni oluyisisekelo nolubaluleke kakhulu. Lo gesi omasipala bawuthenga kubakhiqizi abafana no-Eskom bese bewudayisela izakhamuzi namabhizinisi.

Omasipala banomsebenzi wokuhlinzeka izakhamuzi nabakhokhintela namabhizinisi ngamanzi ahlanzekile. La manzi omasipala wabathenga ezinkampani ezinjengeRand Water noMngeni-uThukela Water. NgokomThethosisekelo, omasipala kudingeka babenejoka lokuhlinzeka ngesikali esithile samanzi nogesi kwamahhala emizini engakwazi ukukhokhela lezi zinto.

Omasipala kufanele bakhe futhi banakekele izitamkoko ukugwema umonakalo ongadalwa yimvula nezikhukhula. Omasipala banesibopho sokuqoqa indle amanzi angcolile ngendlela ephephile. Kulo msebenzi basizwa wumNyango waManzi nokuThutha iNdle wezwe.

Izindawo zomphakathi ezifana namapaki nemitapo yolwazi yendawo ngezinye zezinto okufanele zihlinzekwe wumasipala emphakathini. Omunye umsebenzi womasipala wukulungisa imigwaqo emincane emadolobheni nasezindaweni ezihlala abantu. Ukunakekela le migwaqo kufaka ukuyihlanza nokuyilungisa, njengokuvala izikhisi.

Izakhamuzi nabakhokhintela kufanele bahlale ezindaweni ezinezindawo zezicishamlilo nezicishamlilo okusebenza ngendlela efanele ukucisha imililo engabakhona.

Omasipala banesibopho sokuhlela ukusetshenziswa komhlaba, ukulawula ukwakha nokuklama umhlaba ozosetshenziswa ngayo. Bagunyaza izinhlelo zokwakha, bengamele izicelo zokwakha futhi baqinisekise ukuthi umhlaba uthuthukiswa ngendlela ehambisana nezinhlelo ezifanele zokuthuthukisa indawo.

UmThethosisekelo uthi ezokuthutha umphakathi ziwumsebenzi kamasipala. Yingakho omasipala abakhulu benamabhasi anjengeRea Vaya eGoli, iMyCiTi eKapa neGO!Durban ehlongozwa eThekwini.

Olunye ulwazi ngamalungelo abantu ngosizo lwamahhala lomasipala ungaluthola kwi-Activist’s Guide to Making Local Government Work.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page