Iphumile inqina yokuzingela iphini lomcwaningimabhuku-jikelele omusha
WUSLINDILE KHANYILE
IHHOVISI lomCwaningimabhuku-jikelele lifuna ozovala isikhala sephini likaNks uTsakani Maluleke uMnu uVonani Chauke osesulile kulesi sikhundla.
UChauke uzogcina emsebenzini ekupheleni kwale nyanga, nokho akushiwongo ukuthi usewabhekise kuphi amabombo.
Leli hhovisi elisanda kukhipha isikhangiso salo msebenzi lithe: “UMnu uChauke oshiye isikhungo esihlomule kakhulu ngenxa yobuholi bakhe eminyakeni edlule ubezophothula iminyaka eyisihlanu yenkontileka yakhe ngoJuni kulo nyaka.”
UChauke waqala kulo msebenzi ngoJulayi ngo-2021evala isikhala sikaNks uMaluleke, owayesiphethe ngaphambi kokuqokwa ukuthi abewumcwaningimabhuku-jikelele wokuqala wesifazane. Wayesuka eDeloitte ngesikhathi efika kuleli hhovisi. Uyi-chartered accountant eneminyaka ecela kwewu-30.
Obambile kulesi sikhundla nguNkk uBongi Ngoma, inhloko ye-National Audit
kuleli hhovisi. UNkk uNgoma wake wasebenza e-Ernest & Young nase-Industrial Development Corporation ngaphambi kokusebenza eHhovisi lomCwaningimabhuku-jikelele. Ngo-2021 waqokwa wabayi-Public Sector CFO of the Year yi-African Women Chartered Accountants.
Umbele wake wahlala phansi noNkk uNgoma ewulandisa ukusuka nokuhlala ngohambo lwakhe kule mboni.
Iphini lomcwaningimabhuku-jikelele liphatha lesi sikhundla iminyaka eyisihlanu kanti lingaphatha izikhawu ezimbili. Yize umcwaningimabhuku-jikelele eqokwa yiPhalamende nomengameli kodwa kusukela kwaqokwa umcwaningimabhuku-jikelele omnyama uMnu uTerence Nombembe kuyaqala ukuthi iphini lomcwaningimabhuku-jikelele lingahlali kuze kubelithatha izintambo uma sekuphele isikhathi somcwaningimabhuku-jikelele.
Isikhala sikaNombembe savalwa wuMnu uKim Makwetu (ongasekho emhlabeni), owayeqale wasebenza eyiphini lakhe kanti noNksz uMaluleke ungene kulesi sikhundla ngemva kokubayiphini likaMakwetu.

