Izibalo zezidingo zamakhasimende zibhekwe ngamehlo abomvu. Isithombe: Sithunyelwe

Izibalo zokudayisa izimpahla nokwehla kwamandla emali kuseqhulwini

YINTATHELI YOMBELE

NGEMVA kokuphuma kwezibalo zomkhiqizo nezinto ezimbiwayo, kuleli sonto amehlo athe njo ohlangothini lwezinto ezidingekayo emnothweni, ikakhulu indlela abathengi abathenge ngayo ngoDisemba. 

Bekuhamba kahle kakhulu ezintweni ezidayisayo ukuvala unyaka ngamandla, okufakazela ukuthi amakhaya abathengi abedinga izinto ngamandla nakuba isimo sezimali besintenga.

I-Statistics South Africa (iStats SA) izokhipha izibalo zokudayisa izimoto ngoDisemba. Lezi zibalo zizokhombisa umdlandla wokukhula komnotho ngokuqhubeka kwalo nyaka.

Phakathi nesonto iStats SA izoshicilela ucwaningo obelubheke amakhaya abantu olucwaninga izibalo zokuqashwa kwabantu ngekota yesine, okubalwa kuyona izinga lokungabibikho kwemisebenzi, okwehlele ku31.9% ngekota yesithathu ngonyaka odlule. 

Nakuba isimo semisebenzi sisantenga kodwa ngekota yesine, cishe kusizile ukusimama komnotho kancane nokuthemba kwamabhizinisi ukudala imisebenzi.

Ngasemananini, kulindeleke ukuthi kwehle kancane ukwehla kwamandla emali kwehlele ku-3.4% ngenyanga odlule, kusuka ku-3.6%. Amanani kaphethroli abuyele ekwehleni kulo nyaka yiwona abehamba phambili kuloku ngemva kokubhebhezela ukunyuka kwamandla ngekota yesine yangonyaka odlule.

Nakuba umthamo wezinto ezimbiwayo wehle ngo-1.2% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga ngoDisemba kodwa wenyuke ngo-2.5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka. Ngekota yesine iyonke umkhiqizo wehle ngo-0.5%, okukhombisa ukuthi imboni cishe izokwehlisa ukukhula komnotho wezwe. Loku ncipha kubangwa kakhulu wumkhiqizo ophansi wegolide, oweqoqo lezinsimbi eziyi-platinum namalahle, nakuba ezinye izinto ezimbiwayo okubalwa i-nickel, i-copper ne- manganese zinyukile. 

Uma kuqhathaniswa ngokwemithamo ephansi, ukudayisa kwezinto ezimbiwayo kunyuke ngo-24% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga ngoDisemba, okunyse izinto ngo-48% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka. Loku kubangwe ngamanani ezinsimbi igolide, isiliva ne-platinum.

Ukudayisa kwegolide kunyuke ngo-270% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, nakuba amanani egolide enyuke ngo-52% ngaleso sikhathi. Amanani eqoqo lezinsimbi ze-platinum enyuke ngo-51%, kwathi amanani e-copper enyuka ngo-52%. 

Lilonke le miphumela isho inzuzo ezintweni ezimbiwayo, amabhonasi nezintela ngokuhamba kwesikhathi futhi kusimamise umnotho ngekota yesine.

NgoDisemba umthamo womkhiqizo wehle ngo-1.2% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, okwehlise ukusimama konyaka ngo-1.4% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka. Ngekota yesine yonke, umkhiqizo wehle ngo-0.5% uma kuqhathaniswa ikota nekota, cishe okuzokwehlisa ukukhula komnotho ngekota yesine.

Loku kwehla ngale kota kubangwe kakhulu wukwehla kokuthengwa kwezimoto nezinsimbi zazo nokwehla kumanani ezinkuni, iphepha nomkhiqizo wokudla. Ukukhiqiza izimoto kwehle ngo-10% uma kuqhathaniswa ikota nekota, okungafani nesidingo sezimoto ngesikhathi esifanayo, okukhomba ukuthi kungenzeka ukuthi izimoto ezithengwa phesheya zisivalile leso sikhali. 

Ngakolunye uhlangothi, ukukhiqizwa kwe-petroleum namakhemikhali kubenegalelo elihle kwasimamisa izinto ngale kota.Izibalo zokuthengwa kwezinto kulahlisa ithemba. Ukuthenga imikhiqizo kwehle ngo-.5% uma kuqhathaniswa ikota nekota ngekota yesine. Loku kuyinkomba yokwehla komthamo wezimpahla, ikakhulu emkhakheni wezimoto.

– Lolu lwazi lucashunwe kwiBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page