Amabhizinisi asafufusa azosizwa ngoR2.5 billion
WU-AZWIDOHWI MAMPHISWANA
ANGAPHEZU kuka-180 000 amabhizinisi asafufusa azohlomula ngoR2.5 billion kuhulumeni kulo nyaka. Umengameli uCyril Ramaphosa wenze lesi simemezelo ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni ngoLwesine.
“Kulo nyaka sizohlinzeka ngaphezu kukaR2.5bn ukuxhasa amabhizinisi amancane angaphezu kwawu-180 000 futhi silekelele amanye ngesibambiso esiwuR1bn,” kusho umengameli.
URamaphosa usebenzise le nkulumo ukunaba ngokuzokwenziwa ukuvuselela umnotho ngokuseka amabhizinisi amancane, abalimi nezinye izimboni ezisafufusa njengoba uhulumeni uzama ukukhulisa umnotho nokunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi. Uthe unethemba lokuthi izinto ziyashintsha emnothweni wezwe.
Emabhizinisini amancane, leli themba emnothweni limqoka njengoba ukuthola amakhasimende, imali nabatshalimali imvamisa kuncike kokwenzeka emnothweni wonke.
URamaphosa uthe uma amabhizinisi amancane ekwazi ukudala imisebenzi kungakunciphisa kakhulu ukuntuleka kwemisebenzi. “Uma onke amabhizinisi amancane eNingizimu Afrika engaqasha omunye umuntu oyedwa (ngaphezu kwalabo abaqashile), singadala imisebenzi emisha ewu-3 million.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/14/amathuba-avuleka-echina-ayithuba-elihle-lohwebo-kwasafufusa-ase-afrika/
Nokho uvumile ukuthi kunezinselelo ezibhekene namabhizinisi amancane. “Nokho amaningi ala mabhizinisi, inqwaba yawo ephethwe ngabesifazane nentsha, awayitholi imali yokuqala noma ukuwakhulisa amabhizinisi. Amaningi ayatabalasa ukuthola amakhasimende azowadayisela imikhiqizo yawo. Cishe wonke amabhizinisi amancane kufanele abhekane nenqwaba yemithetho neminye imicikilisho,” kusho uRamaphosa.
Uphinde wazibophezela nasekutheni kunezinguquko ezizokwenziwa emthethweni ukwenza izinto zibelula kumabhizinisi amancane adinga ukuxhaswa ngemali.
“Sizochibiyela umthetho wokubolekisa ngemali i-National Credit Act ukwenza kubelula ukuboleka imali ngaphandle kwezindleko ezinkulu,” kusho umengameli.
Wengeze ngokuthi bazobheka neziphakamiso ezenziwe wumphakathi kwi-Business Licensing Bill, ehlose ukuqinisekisa ukuthi ukuthi ukuqala nokubanebhizinisi eNingizimu Afrika kubalula.
Lolu daba luqale lwashicilelwa kwi: www.vutivibusiness.co.za

