Ophuma phesheya ubuyise isinkwa sombhako esitayeleni
WUTHOBILE ZWANE
UMA ucabanga isinkwa sombhako, kufika isinkwa esidliwa ekhaya esasivame ukwenziwa yizalukazi kudala kodwa intokazi yaseGqeberha ikushintshile loku.
Ngesikhathi uNomzamo Stevens, oneminyaka ewu-37, enguweta eGermany wabona amaJalimane edla isinkwa nako konke ukudla akudlayo.
“Ngiihlale eGermany iminyaka emihlanu. Engikuqaphelile wukuthi amaJalimane ayasazisa isinkwa. Asidla ekuseni, emini nasebusuku. Akukho ukudla akudla ngaphandle kwesinkwa. Amadolobha ahlukene anezinkwa adume ngazo. Ngabona loku ngacabanga ukuthi nathi eNingizimu Afrika siyasithanda isinkwa, sisenza ngezindlela ezihlukene kuya ngemicimbi esuke yenziwa.” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/17/onohlanga-lokubhaka-usenebhikawozi-elingqangqayo/
Emva kwaloko wathi uma ebuya watshela udadewabo ukuthi ufisa badayise izinkwa zombhako. Kwabe wukuqala kweMzansi Bread Bakery ngoJanuwari kulo nyaka.

IMzansi iqale ngokudayisa izinkwa zombhako, ujeqe, amagwinya, isinkwa sombila nezinye kubangani nezihlobo kodwa manje isichumile njengoba isidayisela abantu baseGqeberha. Isinkwa sombhako sibiza uR70, ujeqe ube wuR50.

“Njalo uma ngikhuluma ngokuthi eNingizimu Afrika senza isinkwa ngendlela ethile amaJalimane afuna ngiwenzele. Ngiye ngibase umlilo ngenze isinkwa sombhako, sisidle nenyama eyosiwe. AmaJalimane ayazithanda zonke izinhlobo zezinkwa zaseNingizimu Afrika, kusukela kwidombolo, ujeqe nombhako. Ayazithokozela,” kusho yena.

Uthi ukuxova kukekwamngenisela imali enezifundo zokuxova inhlama abezifundisa abantu abangasebenzi. “Ngaqala ngafundisa abantu ukuxova ngenkundla ya-online ngibabiza uR100, ngibatshengisa ukuthi zenziwa kanjani izinkwa ezihlukene, ukuze bakwazi ukuzivulela amabhizinisi abo,” kusho yena.
Ngaphambi kokusungula iMzansi Bread Bakery uke wazama amabhizinisi amanye amabhizinisi kodwa awangaphumelelanga emva kokufunda i-Hospitality eRussel College eGqeberha kodwa washiya ngenxa yokungabinemali eyanele yokukhokhela izifundo.
Phakathi kwamabhizinisi ake wawaqala ubala elokupheka nemicimbini, elekhishi elidayisa ukudla nelokucwala izinwele. Uthi ebhizinisini lakhe lokugcina elingaphumelelanga wawiswa yisisebenzi esashaya sachitha nemali.
Ekuqaleni ukewabanenselelo yabantu abangafuni ukukhokha idiphozithi, abhake kodwa bangawulandi umbhako. Loku bekwenza asale nombhako angazi ukuthi uzowenzani, okumenze wagcina enendlela ethi ikhasimende elifaka i-oda kufanele likhokhe idiphozithi.
UNkk uSteven ucebisa abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bangalilahli ithemba futhi bakhumbule ukuthi ngeke bathole izinto kalula kodwa kufanele baqale umsebenzi.
Okwamanje usebenza nodadewabo omncane. Unesifiso sokuqeqesha intsha eningi ukuze ikwazi ukuzivulela amabhizinisi ayo.
Ngelinye ilanga uzibona esezingeni elilingana nelezinkampani ezidayisa izinkwa ezweni lonke.
Facebook: Mzansi Bread Bakery