UNksz uNaledzani Mosomane, inhloko ye-Enterprise and Supplier Development e-Business & Commercial Banking eStandard Bank South uthi leli bhange lizibophezele ukuseka osomabhizinisi abancane. Izithombe: Zithunyelwe

I-Buy Local Summit and Expo inika osomabhizinisi abasafufusa amathuba 

YINTATHELI YOMBELE 


UKUKHULISA umnotho kudinga ukuthi abantu bathenge izimpahla ezikhiqizwe eNingizimu Afrika. 

I-Standard Bank singabanye babaxhasi bengqungquthela ekhuthaza ukuthenga imikhiqizo eyenziwe ekhaya i-Buy Local Summit and Expo, ehlelwa yiProudly South Africa.

Le ngqungquthela ehlanganisa abantu bezimboni ezihlukene izoba seSandton Convention Centre eGoli, eGauteng, mhlaka-17 no-18 wangoMashi.  

Iyingqungquthela elekelela ukukhangisa ngosomabhizinisi abancane, ibakhulise futhi ibanike izimakethe abazodayisa imikhiqizo yabo kuzona ukuze baphumelele. 

Inhloko ye-Enterprise and Supplier Business Development ye-Business & Commercial Banking eStandard Bank uNksz uNaledzani Mosomane uthe: “Siyibhange elifuna osomabhizinisi baphumelele, iStandard Bank isuke inabo ukubalekelela ukuthi bakhule futhi basimamise nomnotho. I-Buy Local Summit and Expo inika osomabhizinisi abancane ithuba lokuziveza ukuthi bawobani, benzani futhi ibanika nethuba lokwakha ubudlelwano nabantu abazobasiza ukuphumelela. 

“Ukuqinisekisa ukuthi kuthengwa izimpahla zakuleli zwe kusiza osomabhizinisi futhi kusimamisa umnotho, kulethe izindlela ezintsha zokwenza izinto kudale namathuba omsebenzi esiwadingayo,” kusho yena.

Uthi banezinhlelo zokusiza osomabhizinisi ukuhloma ngamakhono abawadingayo kanti babenezinkundla zokucobelelana ngolwazi, lapho osomabhizinisi bechazelwa ngokwenzekayo, banikwe izinsiza ezihambisana namabhizinisi abo futhi baxhumane nabantu abazobasiza ukuthi bakhule.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/13/i-standard-bank-nomkhankaso-wokunakekela-imvelo/

I-Buy Local Summit and Expo isiza nokuthi osomabhizinisi abancane bakwazi ukuthola usizo lwemali futhi baxhumane nezindawo ezifanele ezizobaseka. Kubanezinkundla zokucobelelana ngolwazi ezixoxa ngako konke okuthinta usomabhizinisi, kusukela kosathuthuka, osephumelelele nabayizikhondlakhondla.

Lezi zinkundla zenziwe ngenhloso yokusiza osomabhizinisi bakuleli zwe ukuthi badayise izimpahla zabo ezweni ukuze iNingizimu Afrika izoyeka ukuthenga izimpahla kwamanye amazwe.

Umphathi wezokukhangisa omkhulu eProudly South African uNkk uHappy MaKhumalo Ngidi uthi kubalulekile ukuthenga izimpahla ezikhiqizwa eNingizimu Afrika. 

“Ukukhiqiza izimpahla ekhaya kuwumsebenzi odinga wonke umuntu. Siyajabula ukusebenzisana neStandard Bank kulo nyaka futhi siyaziqhenya ngokwenziwa yileli bhange ukuqinisekisa ukuthi osomabhizinisi bakhiqiza umkhiqizo wabo kuleli zwe. 

Loku kushintsha impilo yosomabhizinisi, kusimamise umnotho futhi kunciphise nesibalo sabantu abaswele umsebenzi. Uma osomabhizinisi, abathengi, nabashaya umthetho bezibophezela ukuthenga izimpahla ezenziwe eNingizimu Afrika kubanomphumela omuhle emnothweni ngoba uyakhula, kudaleke amathuba omsebenzi futhi kusimame izimboni. 

I-Buy Local Summit and Expo ayiyona nje ingqungquthela kodwa iwumkhankaso oseka osomabhizinisi bakuleli zwe, ishintshe nomqondo ngobumqoka bokuthenga izimpahla ezikhiqizwa ekhaya,” kusho uNkk uMakhumalo Ngidi. 

UNkk uMaKhumalo Ngidi uthi i-Buy Local Summit ishintsha izimpilo yosomabhizinisi abasafufusa
Ubalule ukuthi ngaphandle kokungenisa imali, ukuthenga izimpahla ezenziwe eNingizimu Afrika kuqinisa izimboni ezihlukene ezinjengeyokukhiqiza, eyokudayisa izimpahla neyolimo. 

I-Buy Local Summit and Expo ihambisana nemizamo kahulumeni yokusiza ukuthi kubenengxoxo phakathi kosomabhizinisi, izimboni ezinkulu nabashaya umthetho. 

“Ukuthenga izimpahla ezikhiqizwa ezweni akuseki nje amabhizinisi amancane kodwa kukhulisa umnotho wezwe lethu. I-Standard Bank ifaka amabhizinisi amancane lapho kuthengwa khona izimpahla ngoba loku kusiza ukuthi kubenosomabhizinisi abancane abancintisana nabanye ezingeni lomhlaba. Lama thuba bawathola ngokuya kwi-Buy Local Summit and Expo,” kusho yena.

Njengoba osomabhizinisi abancane bezama ukubhekana nokuguquka kwezinto, izithangamani ezinjenge-Buy Local Summit and Expo kuyasiza ukuthi kubabeke endaweni enhle ukuze baphumelele. 

Le ngqungquthela ayigqugquzeli nje ukuthenga izimpahla ezikhiqizwa ezweni kodwa yakha isiko lokusimamisa umnotho lapho amabhizinisi amancane namakhulu esebenzisana, eza nezinto ezintsha ezizokhulisa umnotho weNingizimu Afrika.

Eminye imininingwane nge-Buy Local Summit and Expo nokubhalisa mahhala njengesivakashi nomthengi, ungavakashela le website: https://proudlysa.co.za/buy-local-summit/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page