Ubumba ikusasa lomphakathi owaphendula izindaba zabayibhizinisi
WUTHOBILE ZWANE
UMA ungena eCanosa Matsane Ceramic Hub enyakatho yaseTshwane wamukelwa ngamashalofu ezitsha ezinhle namapleti kodwa kufika nomuzwa wokunye okujulile kakhulu. Phela leli yibhizinisi lendoda eyaphendula izindaba zawumsebenzi.
Le nsizwa eneminyaka ewu-39, uMnu uMduduzi Matsane iwumsunguli weCanosa Matsane Ceramic Hub eseBabelegi Industria, ngaphandle nje kwaseHammanskraal, eTshwane. Yaqala leli bhizinisi ngo-2013 emva kokubona imisebenzi emihle yobumba.
Ekhumbula ukuthi waqala kanjani, uthi wayevolontiya ekhaya labadala. Lapho wayezungezwe wubuhlakani babantu abadala nemfudumalo yezindaba ezazixoxwa uma kuphuzwa itiye, wafunda umsebenzi wezandla awunikwa wuyise, okuwukubumba. Yilapho ahlangana khona nobizo lwakhe.
“Iphupho lalingelona nje ukudayisa izitsha zobumba. Benginombono wokuthi angifuni kubeyimina ngedwa onaleli khono lokubumba ngoba nabantu bakithi bayawadinga amathuba,” kusho yena.
Namuhla, ifemu yakhe ayikhiqizi nje izinto ezinhle ezenziwe ngezandla zasemakhaya namabhizinisi endawo, ikhiqiza nokunye okwengeziwe.
Izinkomishi nezinye izitsha ezenziwa eCanosa Matsane Ceramic Hub
Uqashe izisebenzi ezivela emphakathini wendawo eziwu-30 futhi uqhuba izinhlelo zokucija amakhono intsha ehleli emakhaya, abantu abangasebenzi noma asebelahlekelwe yithemba ngempilo.
“Abantu abaningi bathi imisebenzi ayikho kodwa ngikholwa wukuthi kwesinye isikhathi isisombululo sifihlwa ezandleni zakho. Uma unekhono, fundisa omunye. Ngaleyo ndlela kuvuleka amathuba,” kusho uMatsane.
Uthi ukuthola amaciko asebenza ngobumba kunzima, yingakho egxile ekucijeni amakhono abantu. Ngohlelo lwakhe lokudlulisa amakhono, ufundisa yonke into kusukela ekuxoveni ubumba, ukudweba, i-firing, i-glazing nokupakisha.
Yini emgqugquzelayo? Uthi wumoya wase-Afrika. “Izwekazi lethu linothile ngezindaba namasiko. Ngizama ukukhombisa loko emsebenzini wami. Isitsha ngasinye, inkomishi ngayinye kufanele iphathe ingxenye yamagugu ethu.”
Isifiso sikaMatsane asipheleli eHammanskraal kodwa ubona iCanosa ibawuphawu lomhlaba wonke enobuhle base-Afrika kuwo wonke amatafula emhlabeni.
“Uma kuyizandla zami okufanele zenze loko, kuzokwenzeka, ngokubumba kancane kancane,” kusho yena.
Uthi umlayezo wakhe ulula kodwa unamandla. “Ungagcini nje ngokwakha ibhizinisi, yakha abantu,” kuphetha uMatsane.
X: @MduduziMatsane