Uphendule inkinga yakhe yesikhumba yabawusizo kwabanye
WUTHOBILE ZWANE
UKUKHULA inenkinga yesikhumba kwenza intokazi yaseThekwini yafunda ukuzixubela izinto zokusigcoba okugcine kuyibhizinisi elisiza abanye abanenkinga efana neyakhe.
Manje umnikazi weSkin Care by NonhleM uNksz uNonhle Mthethwa, oneminyaka ewu-34, unenkampani eyenza imikhiqizo esusa amabala, izisihla nezibazi emzimbeni nasebusweni nemikhiqizo yezinwele.
Le ntokazi yaseLindelani, eThekwini, ithi benza nama-body scrub, ama-lotion, insipho ethakwe nge-turmeric powder ne-tissue oil, okuyiyona ehlukile futhi esiza kakhulu uma unezinkinga ezihlukene zesikhumba.
Into eyamenza aqale leli bhizinisi wukuthi wayengaluboni ushintsho esikhumbeni sakhe was enquma ukuzenzela izinto zokugcoba.
“Nganginamaqhuqhuva ancinzayo. Uma nginwaya, kuqhubeke. Ngangingalali ebusuku. Ngasebenzisa i-deep water scrub, kwagcina kuzisukela. Ngasizakala kanjalo. Ngabona ukuthi angiqale ngizenzele ngibone ukuthi kuzobanoshintsho olunjani esikhunjeni sami. Abantu baqala bangibuza ukuthi ngichachanjiswa yini? Bebuza ukuthi ngisebenzisani, ngabona ukuthi angiqale ibhizinisi ngisize abanye abantu,” kusho yena.
Uthi izimonyo abazenzayo azinawo amakhemikhali noma izinto ezilimaza isikhumba kodwa basebenzisa imikhiqizo yemvelo, okubalwa kuzona ama-herb, i-rosemary, ama-clove ne-olive oil.
Le ntokazi igabe nge-Higher Certificate in Entrepreneurship yase-University of North West ne-Higher Certificate in Cosmetology.

Eminye yemikhiqizo yeSkin Care by NonhleM echachambisa futhi ikhazimulise isikhumba
Uthi imikhiqizo yabo bayidayisa ngayodwa, eminye bayidayisa ngamaqoqo. Ithokakala ezindaweni ezihlukene lapho esuke eyoyidayisa khona eThekwini naseHammarsdale, entshonalanga yaseThekwini.
Imikhiqizo yakhe iqala kuR30 kuya kuR120 kuthi leyo edayiswa ngamaqoqo ebizwa ngama-combo iqala kuR270 kuya kuR720.
UNksz uMthethwa uthe ngesikhathi eqala ibhizinisi kwakuthusa kodwa futhi kwakumjabulisa ngoba wayengazi ukuthi abantu bazolamukela kanjani.
“Ukubona abantu abaningi bengiseka kwangenza ngakhula kakhulu futhi ngifune ukudayisa okuningi nokubanika abakudingayo ngiqinisekise ukuthi bayasizakala ngesikhumba sabo. Ngangenza isiqiniseko sokuthi ngiyabalandelela ukuzwa ukuthi imikhiqizo ibaphatha kanjani ngoba ngaqala ukusekwa ngabantu abasondelene nami,” kusho yena.
Phakathi kwezinselelo ahlangabezana nazo uNksz uMthethwa ubala ukuzikhangisa nokuthola usizo lwemali lokusimamisa ibhizinisi ngoba ubuye athole amakhasimende amaningi kakhulu bese ehluleka ukuhlanganisa imikhiqizo edingekayo
“Ukubabengingathola usizo lwemali nezinsiza zokusebenza, bengingakwazi ukuthenga izidingo ezifana namafutha nokunye ngoba kuyabiza,” kusho yena.
Uthi amakhasimende akhe ngabantu abadala nabancane okuba ngabesifazane nabesilisa abanenkinga yesikhumba nabanye abasuke befuna isikhumba sabo sicace kahle.
UNksz uMthethwa uthi into ehlukile ngebhizinisi lakhe yindlela axuba ngayo imikhiqizo, indlela epakishwa ngayo nezithako zemvelo azisebenzisayo.
“Into engichaza ngebhizinisi lami yizincomo ezinhle engizitholayo, okuyizona ezingikhuthaza ukuthi ngiqhubekele phambili. Ngiyayamukela nemibono esuke ingitshela ukuthi ngilungise okuthile. Enye into engiyithandayo wukuthi akungithathi isikhathi esincane ukwenza imikhiqizo yami nokwenza ibesezingeni eliphezulu,” kusho yena.
Uthi unezisebenzi ezintathu zonke okungabantu besifazane. UNksz uMthethwa ucebisa ofisa ukuqala ibhizinisi ukuthi akaqale, okunye uzokufunda ngendlela.
“Ngiye ngithi lelo bhizinisi elisemqondweni ongaliqali, lisuke liwumkhuleko womunye umuntu. Ukulinda kwakho ukuthi uqale usuke ubambezela omunye umuntu ukuthi athole ithuba lokuqashwa. Ngithi liqale ibhizinisi ungalindi,” kusho yena.
Facebook: Skincare by NonhleM
Tiktok: @NonhleM|Skincare