UMnu uKarabo Mulungwa, umsunguli weMK Trading and Projects, ipulazi eliseShayandima, eThohoyandou, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Uhlakulela impumelelo nokukhuthaza isizukulwane sangomuso sabalimi

WUTHOBILE ZWANE


UKULIMA nokufuya uthi akulona nje ibhizinisi kuyena kodwa wakhula kuyindlela yokuphila. Uthi ukukhula nomndeni wakhe eShayandima, eThohoyandou, eLimpopo, wayezungezwe imfuyo, izithelo namasimu ombila, okwamenza wabanothando lokulima.

Umnikazi weMK Trading and Projects uMnu uKarabo Mulungwa usewumnikazi oziqhenyayo weMK Trading and Projects enamahekthare ayisikhombisa omhlaba, etshala amaveji futhi ifuye izinkukhu.

“Ngangazi ukuthi ngizobawumlimi. Ukulima kwakuyingxenye yempilo yethu yansuku zonke ekhaya kanti ukukhulela kuleya ndawo (eShayandima) kwangenza ngayithanda kakhulu,” kusho yena.

Ukhulise ibhizinisi ngokufaka amaqanda, izinkukhu, u-anyanisi, iklabishi nesipinashi. Uthi uhambo lwakhe lokulima lwaqala ngokusemthethweni ngo-2014, yize kwakungekho lula. Njengabanye osomabhizinisi abaningi, uthi wabhekana nezingqinamba eziningi, ezambuyisela emuva. 

“Kuningi engikufundile njengoba ngike ngenza iphutha elingilahlekisele ngemali. Ngathemba umuntu ukuthi abheke izinkukhu zami eziwu-700 kuyimpelasonto. Lo muntu wazipha ukudla okuningi ngaphambi kokuphume, wangazishiyela amanzi enele. Izinkukhu eziningi zafa, ezinye zagula, ezinye azizikhulanga kahle. Kwakuyiphutha elibizayo kodwa elashintsha indlela yami yokwenza ibhizinisi,” kusho yena.

Ngemva kokufelwa yizinkukhu, uMulungwa unezinkukhu namaqanda kwekhethelo

Wafunda ukuthi uma ufuna izinto zenziwe ngendlela, kufanele uzenzele. Uthi akekho umuntu ozonakekela ibhizinisini lakho njengawe.

UMulungwa uthi uzimisele ukwenza ipulazi lakhe liphumelele njengoba wakhetha indawo ebalulekile kakhulu yokusebenza, wakhetha eseduze komgwaqo omatasa. Uthi lesi sinqumo simenza ukuthi adayise ngqo emphakathini, okwenza imikhiqizo itholakale kalula emakhasimendeni akhe.

“Amakhasimende ami ayakwazi ukuthenga uma eya ekhaya, ebuya emsebenzini, athenge akudingayo ngoba kulula ukufinyelela kithi,” kusho uMulungwa.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/28/umlimi-omncane-uhamba-endimeni-eyaklanywa-wumsunguli/

Ngaphezu kokwenza izinto zibelula, uMulungwa kwamsiza ukuthi akwazi ukuxhumana ngqo namakhasimende akhe, ikakhulu akhulile. Uma engakwazi ukufika epulazini, uhambisela abawudingayo emakwabo. 

Amaklabishi eMK Trading and Projects atshalwe kudedangendlale womhlaba

Ugcizelela ukuthi ukulima akusiko okwabantu abantekenteke noma abashesha badikibale. Kudinga ukubekezela, ukuzimisela, ukufunda uma kunokukuhlulile.

Uthi ebengakabi nezisebenzi eziqashwe ngokugcwele kodwa usebenza nomndeni wakhe nabantu betoho. 

“Ukukhula kwebhizinisi kuhamba kahle futhi umbono wami ucacile. Ukwakha ipulazi elichumayo elingagcini nje ngokondla abantu kodwa futhi ngigqugquzela abafisa ukuba wosomabhizinisi ukuthi bayeke ukuziqhenya baqale amabhizinisi abo namuhla.  

“Ukudla kuyingxenye yempilo yethu yansuku zonke, ngakho-ke kudinga intsha eningi ukuthi ibeyingxenye yokukukhiqiza,” kuphetha uMulungwa.

Facebook: MK Farming and Project

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page