I-Organic and Natural Products Expo, exhaswe yiStandard Bank, iyisigcawu esilekelela osomabhizinisi abancane abenza imikhiqizo yemvelo ukuthi bathole amathuba okuhweba nakwamanye amazwe. Izithombe: Zithunyelwe

Imikhiqizo yemvelo izosimamisa umnotho – umxhasi 

YINTATHELI YOMBELE

BANINGI abantu abafuna imikhiqizo yemvelo engahlanganiswe nazithako abangazi ukuthi zenziwe kanjani. Loku kuvula amathuba amasha okusimamisa amabhizinisi aseNingizimu Afrika. 

Izazi zithi ukudla kwemvelo neziphuzo ezingathakiwe ngamakhemikhali kusho ukuthi le mboni izokhula ngo-13.25% phakathi kuka-2024-2029 kuleli zwe. 

Inhloko ye-Provincial Enterprise Banking eStandard Bank uNks uQaanitah Dollie ithi imikhiqizo yemvelo eyenziwe eNingizimu Afrika iyadingeka nakwamanye amazwe.

“Imboni ekhiqiza izitshalo zemvelo ayiseyona into yabathile kodwa isineqhaza elibalulekile emnothweni futhi ikhula ngesivinini. Sibona osomabhizinisi beza nemikhiqizo edingwa ngabantu. Loku kusimamisa umnotho ezindaweni ezihlukene futhi kuhlomulisa imiphakathi,” kusho yena. 

Uthe beyibhange eliqonda izidingo zabantu, iStandard Bank Business and Commercial Banking inezinhlelo zobuchwepheshe ezisiza osomabhizinisi ngazo zonke izidingo zabo.

“Imboni yemikhiqizo yemvelo ingenisa uR1 billion ngonyaka kanti igxile kakhulu kwezempilo, ekwakheni imikhiqizo engayilimazi imvelo futhi ekhiqizwe ekhaya. Maningi amathuba okudayisa imikhiqizo yakuleli zwe phesheya, ezimakethe zaseMelika naseChina. Okwenza le mboni ihehe kithina wukuthi maningi amathuba okukhula eza nayo,” kusho uNks uDollie.

UNks uDollie uyinhloko ye-Provincial Enterprise Banking eStandard Bank 

Ubalule ukudla okusuka emapulazini kuye emakhaya ngaphandle kokudlula ezitolo nezimonyo nezinto zokugcoba ezenziwe ngemikhiqizo yemvelo, njengezinto ezizosiza le mboni ukukhula.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/25/izosimamisa-uhwebo-phakathi-kwamazwe-ase-afrika-ingqungquthela/

Uthi bayaweseka amabhizinisi akhiqiza imikhiqizo yemvelo, abale kuwona iHaylur Organics ekhiqiza izinto zokugcoba, iThe Nuttery ekhiqiza ama-snack enziwe ngemikhiqizo yemvelo, iXenith AfriXher ekhangisa imikhiqizo nezimonyo zemvelo ezenziwe ngemikhiqizo yase-Afrika neFrench Confectionary eyenza imikhiqizo ebhakiwe yemvelo.

Umsunguli we-Xenith AfriXher nesishoshovu sokonga imvelo sempilo enhle kubantu besifazane nako konke okuthinta ukuya esikhathini uthe: “Imboni yemikhiqizo yemvelo ifuna ulwazi olunzulu. Sengathi ungangena ugxile kulowo mkhakha osuke ukuwona. Ifuna ukuthi silekelelwe ngosizo lwezimali ngendlela efanele ngoba amabhizinisi ethu awajwayelekile. Ukubanomuntu ozokusiza ngezimali okuqondayo ukuthi unezinselelo ezihlukile kubalulekile uma ufuna ukukhula kule mboni.” 

I-Organic and Naturals Expo iwumbukiso obalulekile ohlanganisa osomabhizinisi, abanikazi bezitolo, abadayisa izimpahla phesheya namakhasimende. Isiza ukwakha indlela ezokhulisa imakethe yemikhiqizo yemvelo. 

Ucwaningo luthi imikhiqizo yemvelo yaseNingizimu Afrika ivelele ezimakethe zomhlaba ngenxa yokuthi leli zwe linemvelo ehlanzekile futhi kunezinkathi zokutshala nokukhulisa umkhiqizo ezihambisana nokwenzeka enyakatho okwenza imikhiqizo ibe sezingeni eliphezulu. 

UNks uDollie uthi ngokuxhasa lo mbukiso bazimisele ukusimamisa osomabhizinisi abancane ukuze bakwazi ukudayisa imikhiqizo yabo ezimakethe zakwamanye amazwe. 

“Asilona nje ibhange elijwayelekile kodwa ngokuxhasa imibukiso efana ne-Organic and Naturals Expo silekela amabhizinisi aseNingizimu Afrika ukuthi akhule. Le mboni ihambisana nezinhlelo zethu zokunakekela imvelo sibe sifukula nomnotho,” kusho yena. 

I-Organics and Naturals Expo ibiseCape Town kusukela ngomhlaka-28 kuya mhlaka-30 wangoMashi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page