Umsunguli weDurban Fever Travel and Tours uMnu uThokozani Mngomezulu. Izithombe: Zithunyelwe

Ukufunda kuyisisekelo sebhizinisi lokuvakasha elihlukile

WUTHOBILE ZWANE

UKUBONA izingane zesikole zingenalwazi lomhlaba kwamenza wasungula ibhizinisi lokuvakasha elizovala lelo gebe. 

Umsunguli weDurban Fever Travel and Tours yaseThekwini, KwaZulu-Natali, uMnu uThokozani Mngomezulu uthi ukuqala leli bhizinisi kwakungekona nje ukuvakashisa abantu kodwa kwakumayelana nokufunda, ukufundisa, ukukhuthaza nokwakha ikusasa. 

UMngomezulu, oneminyaka ewu-39 nodabuka eMkhuze, idolobha elincane elisenyakatho yeKZN, uthi ukusebenza ewumxhumanisi wase-eThekwini Maritime Cluster kokhela inhlansi yebhizinisi. Wabona Isidingo sokuthi abafundayo kufanele babenolwazi oluphathekayo ngomhlaba ngokuthi bavakashele izindawo ezihlukene. 

Uthi inkampani yakhe wayisungula ngo-2018, ngenhloso ecacile yokuthi ukuvakasha kubengaphezu kokuncebeleka kodwa kuhlomise ngolwazi. Inkampani yakhe ihlinzeka izinsiza zokuvakasha ezihlukene, kusukela emasikweni, ukuncebeleka ezweni nakwamanye amazwe.

“Ngabona ithuba lebhizinisi lokuhlelela izivakashi uhambo kodwa ezohlela uhambo oluzoxazulula izinkinga njengoba ngihambisa ezindaweni abazofunda okuthile kuzona. Ngenza isiqiniseko sokuthi abafundi baya ezindaweni abafunda ngazo esikoleni noma bavakashele indawo enabakufundayo ukuze babenolwazi olunzulu,” kusho yena.

Izivakashi zithakasela uhambo oluhlelwe yiDurban Fever Travel and Tours

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/02/24/ubeke-phansi-ushoki-negeja-waqala-ibhizinisi-lendawo-yokuvakasha-nokungcebeleka-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

“Okusenza sihluke kwezinye izinkampani wukuthi sinohlelo lokuvakasha oluqonde ngqo kubafundi i-School Educational Tour Package. Lolu hambo lwenzelwe ukutshengisa abafundi ezimbonini ezifana nezasolwandle, ezokuvakasha nezifundo zemvelo. Sibanika isikhathi sokuzibonela mathupha imisebenzi eyenziwa kulezi zimboni. Siyaziqhenya ngaloku ngoba alikho elinye ibhizinisi eligxile ekuvakashiseni izikole njengathi,” kusho uMngomezulu. 

Ngaphezu kwempumelelo abanayo eloku iqhubeka, uthi uhambo lwabo belungelula kodwa kunezingqinamba abake babhekana nazo. Ukubheduka kwe-COVID-19 kwenzeke nje ngemuva kokusungulwa kwebhizinisi, okwenza kubenzima ukuqhubeka.

“Kwakufanele sithobele umthetho lapho, sasingakwazi ukwenza inzuzo ngesikhathi se-COVID-19. Loko kwaba isisivinyo esikhulu ebhizinisini. Ibhizinisi lokuvakasha lidinga imali eningi ukuze likhule. Kwaba yinselelo enkulu ukuthola usizo lwemali ukuze sikhule. Sisebenzisana namahhotela amakhulu nezisebenzi zokuvakasha ezingenantshisekelo yokusebenzisana namabhizinisi amancane abantu abamnyama,” kukhumbula yena.

Ngaphezu kwalezi zingqinamba, uthi bakwazile ukuqhubeka ngokubonakala ngamagalelo abo nokudlondlobala baphuma isibili emcimbini oklomelisa amabhizinisi okuvakasha iDurban Tourism Business Awards emkhakheni i-Tour Operators, babamba iqhaza emicimbini yokukhangisa amabhizinisi efana ne-Africa’s Travel Indaba, iMeetings Africa neWorld Travel Market.

Uthi u-60% wamakhasimende abo ngabantu abavakasha ngaphakathi eNingizimu Afrika, kuthi u-40% kube ngabantu abavakashela amazwe angaphandle kusukela kwabancane kuya kwabadala. Izikole yimakethe yabo enkulu yokuvakasha.

Ukholwa wukuthi uthando nokubekezela yikona okubalulekile ukuze uphumelele. 

 “Izinto ezintathu ezizokuqondisa kuloku, wukungaguquki , ukungaguquki nokungaguquki,” kucebisa uMngomezulu.

Banethimba lezisebenzi elikhulayo, njengoba sebeqashe izisebenzi ezimbili ngokugcwele neziyisishiyagalombili eziyitoho. 

Isifiso sakhe wukubona ibhizinisi ikhula, laziwa emhlabeni wonke futhi lidale amathuba emisebenzi abantu cishe abawu-50 000. 

Facebook: Durban Fever Travel & Tours

Instagram: @durbantravel

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page