Ukuguquka kwesimo sezulu kuzanamathuba ebhizinisi – isikhulumi
WUBONISWA MOHALE
WONKE umuntu ukhathazekile ngokuguquguquka kwesimo sezulu kodwa isikhulu esiphezulu nomsunguli wenkampani esiza osomabhizinisi ngemali iSande Capital sithi kuzanamathuba okungenisa imali nokuphucula impilo yabantu.
UNkk uViwe Tini ubeyisikhulumi engqungquthelemni yenhlangano eyengamele imboni esebenza ngemali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) ebiseGoli ngesonto elidlule.
“Ukuguquguquka kwesimo sezulu kuyinto ethusayo kodwa kuyasigqugquzela siwosomabhizinisi ukuthi sizenezinhlelo ezizophucula impilo yabantu sibe senza imali Kufanele kubenemithetho ecacile ezochaza ukuthi osomabhizinisi yini abazoyihlomula ngokwenza amabhizinisi alwa nenkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu,” kusho yena.
Ubesho kanje emva kokuthi inhloko ehlola izikhungo ezisiza ngemali amabhizinisi alwa nokuguquguquka kwesimo sezulu nokuletha impilo engcono kubantu uNks uChwayita Mtebele ethe iFSCA isacubungula ukuthi izozilawula kanjani izimboni ezisiza emkhakheni wokuguquguquka kwesimo sezulu. Ibuka okwenzeka kwamanye amazwe ukuze izoza nezinhlelo ezingcono.
FUNDA NALAPHA:
https://www.umbele.co.za/2025/02/28/usizo-lwemali-yokuguquguka-kwesimo-sezulu-ibeluseqhulwini-kwig20/
UNkk uTini uthe iNingizimu Afrika kufanele icacise ukuthi yiziphi izinhlelo efuna ukuzifeza ukuze osomabhizinisi bezogxila kuzona. Ubalule ukuthi kunenkinga yengqalasizinda engakwazi ukumelana nesimo sezulu, ngakho ukuze osomabhizinisi batshale imali yabo kulo mkhakha kufanele bazi ukuthi bazozuzani.
Isikhulu esiphezulu seParagon Impact, inkampani esiza amabhizinisi ukungenisa imali ebe efeza izinhlelo zokuphucula izwe ezibizwa ngama-sustainable development goal, uMnu uBrett Wellington uthe amabhizinisi ayakuthanda ukuphucula impilo yabantu kodwa ayafuna nokwenza imali.
Uthe kufanele izinhlangano ezilawula imboni esebenza ngemali njengeFSCA zigqugquzele abatshalimali nemboni ezimele ngokuza nemihlomulo ezonikwa izinkampani ezinakekela imvelo.
“Kufanele kubenamaphuzu atholwa yizinkampani ezivikela imvelo zibe zingenisa imali. Kufanele zithole isaphulela nangentela eziyikhokhayo. Okuhle ngemboni yokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu wukuthi akusali muntu ngaphandle. Wonke amakhono ayadingeka, ngisho nathathwa njengawabantu abangafundile. Isibonelo nje kuyenzeka kudingeke umuntu ozofulela indlu yotshani. Ngaloku nje kungaqashwa inqwaba yabantu emakhaya,” kusho yena.
Ungoti wezinsiza zemali yokuguquguquka kwesimo sezulu nokuphucula impilo yabantu eSecurities Exchange Commission eNigeria uDkt uGraham Omenka uthe sebeqalile ukusebenzisa uhlelo olunika osomabhizinisi amaphuzu uma benezinhlelo eziphucula impilo yabantu.
Uphethe ngokuthi bayakuqonda ukuthi ibhizinisi likhona ukwenza imali kodwa kufanele liphucule impilo yabantu linakekele nemvelo, ngakho kufanele kubenendlela yokwenza ukuthi kuhambisane loku.