Benza amanzi acolisekile ukunqanda izifo emphakathini
WUTHOBILE ZWANE
UKUBONA abantu abaziyo beguliswa amanzi ababewathola kwatshala umqondo wokudayisa amanzi acolisekile asemabhodleleni.
UMnu uSandile Mokoena, oneminyaka ewu-39, waseLadysmith, KwaZulu-Natali, usungule inkampani eyenza futhi idayise amanzi iYametsi Water, bakhiqiza amanzi i-still ne-purified ice futhi bawagcwalise. Uthi amanzi bawahlola e-laboratory ukuze ahlale ecolisekile.
UMokoena uthi amanzi abo ahluke ngokuthi ahlanzwa izigaba eziyisithupha, phecelezi ama-purification process, bese bengeza i-ozonation, okusho ukufaka umoya emanzini ukuze ahlale ephila, anambitheke kamnandi nokulekelela ukuthi isigubhu singabinokungcola.
Uthi igama lenkampani lisuselwa kwisithakazelo sakwaMokoena esithi “Ke Koena yaMetsi”, okusho ukuthi iNgwenya yaManzi ngesiZulu.
Uthi lo mkhakha webhizinisi akawufundelanga kepha kunesizathu esamholela kuwona. Uthi ibhizinisi waliqala ngo-2020 ngemva kokubona into engeyinhle neze. Uthi umngani wakhe nengane yakhe babeloku begula, bekhishwa yisisu esihambisana nezinkinga zesikhumba okudalwa ngamanzi.
“Iningi lezingane uma zigula, into yokuqala okufanele uyibheke ngamanzi eziwaphuzayo ngoba zikhishwa yisisu bese kubayinkinga yesikhumba noma kubeyizinso. Nomngani wami wayeloku ephathwa isisu, eloku ethola amaphilisi, aphuze ngawo la manzi angasizi.
“Kwahlolwa amanzi ayewaphuza, kwatholakala ukuthi le nto emphethe esiswini netholakala kulawo manzi iyafana, okusho ukuthi loku kugula kwakuvela emanzini angahloliwe,” kusho yena.
Uthi emva kwaloko wayeka ukuphuza amanzi ompompini, waqala wawathenga kanti waqaphela umehluko.
“Yilapho engathatha khona isinqumo sokuthi angifuni ukubona umndeni wami noma abanye abantu bephuza amanzi angahloliwe. Ngathi ngiyafisa ukunqanda le nto emphakathini wakithi. Ukuqala kwenkampani ngingakabi nezinsizakusebenza ngangithole enye inkampani eMgungundlovu ukuthi ingihlanzele amanzi, ngiwathenga kuyo, emva kwaloko ngifake igama lebhizinisi,” kukhumbula uMokoena.
UMokoena ebuya kolanda amanzi eMgungundlovu wabeka ibhodi kubo elibhalwe ukuthi “Sidayisa amanzi”. Uthi akekho noyedwa owawathenga esaqala. “Babethi (abantu) wubani ozothenga amanzi sibe siwathola empompini?
“Ngaqala ngakhuluma nezindawo zobumnandi zangasekhaya. Ngathola omunye owathi ngingawaletha awezwe. Ngawaqhuba ngebhala ngawahambisa ngoba ngangingenayo imoto, wawezwa ukuthi amnandi. Abanye babephuza ngawo iziphuzo ezishisayo,abanye beziphuzela nje uma sebeshayile,” kusho yena.

Amanzi acolisekile eYametsi eselungele amakhasimende
Uthi ngenkathi esazama ukuzakhela igama wagcina equnge isibindi wathatha imali kwi-credit card naku-overdraft wathenga imishini yokuhlanza amanzi.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/11/umasipala-uthule-amapitsi-ezindaweni-ezinenkinga-yamanzi/
“Akekho owayekholelwa kumina. Wonke umuntu wayethi ngeke yenzeke into engangizama ukuyenza. Babethi ‘wubani ozothenga amanzi, ekhona empompini, engabe ngenza okunye okuthile?. Ngaqala ekhaya ngakha igaraji, ngafaka imishini yokuhlanza amanzi cishe ngaleso sikhathi (imishini) yayiwuR50 000,” kusho uMokoena.
Uthi abazange bawathenge kanti kuzobanombhikisho endaweni, kwaphela amanzi. Kwabaphoqa ukuthi bazothenga amanzi kuyena. Yilapho abawuzwa khona umehluko wobumnandi bamanzi aphuma empompini nathengiwe, baqala bawuqonda umehluko.
UMokoena uthi omunye owenza ukuthi bawaqonde kangcono amanzi athengwayo elokishini ngowesifazane owayenesifo sezinso owayeloku egqigqa esibhedlela. Wathenga amanzi eYametsi, kwathi ngelinye ilanga esibhedlela udokotela wambuza ukuthi usizwa yini njengoba isimo sakhe sasesingcono nakuba imithi yakhe yayisafana. Wabona lapho ukuthi sekuyalunga, yabuya ingqondo ukuthi seloku ephuza amanzi eYametsi usephila kahle ngoba usephuza amanzi angenakungcola.
“Abantu abaphuza amaphilisi ezifo eziyimbelesela abadingi ukuphuza amanzi angcolile ngoba bawaphuza zonke izinsuku bese ukungcola kwakhelana. Besisiza kakhulu abantu abadala, omunye atshele omunye nakwistokfela kwase (kubayizingane) zesikole. Ngenhlanhla ezikoleni zabelungu bahlale bekhuthaza ukuthi izingane zifakelwe amanzi. Sachazela othisha nakhona sehlisela izingane zesikole amani kwasetshenzwa kanjalo,” kusho yena.
Uthi okwamanje unezisebenzi ezinhlanu eziqashwe ngokugcwele.

Ithimba leYametsi Water laseLadysmith
Uthi ngokusimama komsebenzi bakwazi ukuthi bagcina bevule enye indawo enkulu edolobheni eseLadysmith.
Uthi izinsuku abamatasa ngazo kakhulu wukuphela kuka-Agasti sekuqala intwasahlobo ngenxa yokuthi chithi saka kwemicimbi ngalesi sikhathi.
UMokoena uthi ziningi izinselelo njengokuthi abantu abamnyama bakholelwa kakhulu ezintweni ezenziwe ngezinye izihlanga kunomuntu omnyama.
“Uyawabuka amakhasimende edlula, ahambe eyogcwalisa amanzi kwezinye izindawo… (ngoba akholwa) wukuthi into eyenziwa wumlungu ilungile,” kusho yena.
Iseluleko angasinika abafisa ukuqala amabhizinisi wukuthi kumele ube wumuntu ozobambelela noma kuthiwa akwenzakali.
“Kufanele ubewumuntu ozokwazi ukubambelela, lingafi iphupho lakho ngoba noma yiliphi ibhizinisi ocabanga ukuliqala akuwena wedwa osuke ulicabanga. Qala kancane, wena okwakho wukungena.
“Into okufanele uyenze wukuya kwamasipala ukuze uthumele abantu babheke indawo osebenzela kuyona ukuze bakunike isitifiketi sokuthi ungakwazi ukusebenza ngabantu (bese) uyowahlola e-laboratory,” kusho yena.
Ufisa ukuba nenkampani epulazini elikhulu lapho ezokwazi ukudonsa amanzi ngaphansi komhlaba awahlanze. “Sizokwazi lapho ukukhiqizela abantu uma benganawo esuka epulazini, futhi siyafisa ukuthi sidale amanye amathuba omssebenzi emphakathini,” kusho yena.
Facebook: Yametsi Still Water