Izitok’fela zisahamba phambili eNingizimu Afrika – ucwaningo
YINTATHELI YOMBELE
IZITOK’FELA zisaqhubeka nokuba ngenye yezindlela ezihamba phambili ezigqugquzela abantu ukuthi bonge imali eNingizimu Afrika kodwa isekhona inselelo yokuqinisekisa ukuthi imali yazo iphathwa ngendlela efanele ukuze zifeze izinhloso zezisuke zisungulelwe kona.
Usho kanje uNks uCebile Magongo, i-strategic business developer eFNB Cash Investments.
“Izitok’fela zibenesandla esikhulu ekugqugquzeleni umkhuba wokonga nokukhuthaza abantu ukuthi babenenjongo abayongelayo. Sisaloku sikubona loku njengoba abantu abadala beqikelela ngemali yabo futhi bencamela ukuyonga ezitok’feleni ngenxa yokuthi incane ingozi ngazo futhi bayijwayele indlela izitok’fela ezisebenza ngayo,” kusho yena.
Ngokocwaningo olushicilelwe ekuqaleni konyaka yinkampani egxile ekucwaningeni izinto ezenzeka ezimbonini ezihlukene i-Ipsos, ziwu-800 000 izitok’fela eNingizimu Afrika, zinamalungu awu-11 million kanti zingenisa uR50 billion ngonyaka.
Kunobufakazi obutshengisa ukuthi izimfundiso nokuba yilungu lesitok’fela yinto edluliselwa ezizukulwaneni ezilandelayo njengoba imininingwane eqhamuka eFNB ithi u-23% wamalungu ezitok’fela ngabantu abadala kanti eziwu-37% zinabantu abadala ababili noma ngaphezulu.
Leli bhange lithe uma libheka ulwazi elinalo ngezitok’fela ezonga kulona kunezixube abantu abadala nabancane, nokungakho likholwa wukuthi injobo enhle ithungelwa ebandla.
“Ukonga imali ndawonye yinto eyaqala ngoba abantu abadala befuna izindlela zokondla nokukhulisa imindeni nokukwenza loku nabantu abanombono ofanayo nabo futhi abantu abadala bayaqhubeka nokuyisebenzisa le ndlela futhi bebebedlulisela ulwazi ezizukulwaneni ezincane.
“Siyabona ukuthi abantu abadala bonga imali ezitokfeleni ngenxa yezizathu ezihlukene. Abanye baba ngamalungu ezitokfela ngoba benzela ukuzijabulisa njengokuvakashela izindawo ndawonye noma ukuba nemicimbi ezindaweni ezihlukene. Bakholwa wukuthi kumqoka ukuthi abantu abangangabo bahlangane ngoba cishe basuke bengasasebenzi kanti izitokfela ngenye yezindlela yokuhlangana hhayi nje ukuqoqa imali kuphela,” kusho uNks uMagongo.
Kuthiwa izitokfela eziningi ezinabantu abadala ziseMpumalanga Kapa, lapho ziwu-34% khona, kulandele iLimpopo, lapho ziwu-28%.
Leli bhange lithe loku akumangalisi ngoba izitokfela zaqala eMpumalanga Kapa. Lithe ukwanda kwazo eLimpopo kutshengisa ukubamandla komphakathi obambisanayo, nokuyinto ehambisana nokonga ndawonye.