UMnu uSifiso noNkk uNonsikelelo Mncibi, abasunguli benkampani eyenza izicathulo zesikhumba sekhethelo iTatulo Premium Leather Footwear, yaseClairwood, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Baphendule usizi lwayibhizinisi lezicathulo eziyinguganaboya

WUTHOBILE ZWANE

NGEMVA kokudabuka kwezinhliziyo ngoba beshonelwe yingane, indoda nomkayo baseThekwini bathola indlela engajwayelekile yokuzilapha ngokusebenzisa isikhumba ukusungula ibhizinisi lezicathulo.

Okwaqala ngokuthunga izicathulo ngezandla kwaba yindlela yokubhekana nosizi lwabo kwakhula kwagcina kuzale Itatulo Premium Leather Footwear, inkampani ethunga izicathulo zesikhumba sezinga eliphezulu.

Le nkampani kaMnu uSifiso noNkk uNonsikelelo Mncibi isebenzela eClairwood, eThekwini, KwaZulu-Natali.

UMncibi uthi baqala ngokuthunga izicathulo zezingane zesikole besebenzisa isikhumba esiqinile, akusona noma yisiphi. 

Uthi amakhasimende athokozile kakhulu ngoba bawalethela isixazululo ngoba izicathulo zabo azigugi kalula. 

“Sabona ithuba ikakhulukazi kubantu abama isikhathi eside okubalwa kubona onesi nonogada ngoba uma kuza ezingeni lezicathulo zethu zihlala isikhathi eside futhi zintofontofo,” kusho yena.

Izicathulo zesikole zekhethelo ze-Itatulo Premium Leather Footwear

Echaza igama “Itatulo” uthi: “Siqale ibhizinisi lezicathulo zezingane nomkami ngemva kokushonelwa wumntwana eneminyaka emibili nezinyanga. Emva kwaloko umuntu wayesefuna into angayenza ethinta izingane engicabanga ukuthi kwakuyindlela yokuthi umuntu akwazi ukuphola amelane nesimo,” kulanda uMncibi. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/02/08/uqale-ibhizinisi-lamateki-ezama-enye-into-engayidayisa-ngale-kwezimpahla-zokugqoka-abengakulindele-wukuthi-azoba-nesasasa-elingaka-uxoxe-noslindile-khanyile/

Uthi umntwana wabo uma ebiza izicathulo wayethi “itatulo” base bebona ukuthi  ngoba abakwenzayo ingaye nezingane basebeliqamba kanjalo ibhizinisi.  

Baqashe abantu abawu-15 lapho kukhiqizwa khona izicathulo, abathathu abasebenza ngaphandle abahambisela amakhasimende kuthi uma umsebenzi umningi bengeza ngababili.

UMncibi uthi amanani ezicathulo zesikole aqala kuR265 kuya kuR310. Uthi okuhle nabahluke ngako ezimbangini zabo wukuthi bakwazi nokwenza osayizi abakhulu. 

Zikhona nezicathulo zabantu abadala ezintofontofo 

Uthi wunyaka wesibili beliqalile ibhizinisi kodwa umsebenzi uyakhula. Abasigcini ngokwenza izicathulo zesikole nezokusebenza kodwa sebenzela wonke umuntu.

“Into ehlukile ngaleli bhizinisi wukuthi lisungulwe ngabantu abamnyama futhi ibhizinisi lomdeni, konke esikwenzeyo sikwenza ngokulawula okungcwele,” kusho yena.

Izinselelo abahlangabenza nazo wukuthi kunzima ukungena ezitolo ngoba yimakethe evalela abantu abamnyama ngaphandle.

Ululeka abantu abafisa ukubawosomabhizinisi ukuthi bangabuswa wukujaha imali kakhulu emalini kodwa futhi ekugcineni kufanele kubenenzuzo.

“Sinabantu abaningi abaqala ibhizinisi, kuphele iminyaka emibili umuntu useyavala usenza okunye okuhlukile. Uma uqala ibhizinisi ngothando ngisho noma ungahlangana nezinselelo uyaqiniseka embonweni wakho,” kusho yena. 

UMncibi uthi bafisa ukuthi ngelinye ilanga Itatulo Premium Footwear idlondlobale igcine isitholakala nakwezinye izifundazwe naphesheya. 

  • Facebook: Itatulo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page