Amabhizinisi alubheke ngabomvu ukhetho: izikhulumi
WULANGA KHANYILE
UKHETHO oluzayo yisikhathi esimqoka hhayi ezweni nezakhamuzi kuphela, kodwa nasemnothweni nosomabhizinisi. Kuningi ukungaqondakali kwesimo somnotho ngenxa yomphumela wokhetho, ongaqondakali ngokwawo ngenxa yemishado yezinhlangano zepolitiki.
Zisho kanje zonke izikhulumi kwi-Business Breakfast Meeting ebihlelwe yi-University of KwaZulu-Natal Graduate School of Business and Leardership (iGSB&L) namuhla eRiverside Hotel eDurban North, eThekwini, KwaZulu-Natali (eKZN).
Kulesi sithangami bekudingidwa umphumela wokhetho emabhizinisini, ngaphansi kwesihloko esithi The 2024 General Election in South Africa – Its Impact on Business: Where are we going?
Kwizikhulumi ebezikhona kubalwa uMnu uZakhele Ndlovu, ofundisa ipolitiki e-University of KwaZulu-Natali (e-UKZN) nongumhlaziyi, umeluleki kandunankulu uMnu Neville Matjie, isikhulu esiphezulu sePietermaritzburg and Midlands Chamber of Business uNks uMelanie Veness nosihlalo weMinara Chamber of Commerce uMnu u-Ebrahim Patel. Lesi sigcawu besilawulwa wuSolwazi uPurtoshottama Reddy.
“Zonke izinhlangano zepolitiki zithembisa imisebenzi. Cishe wonke umuntu uthembisa imisebenzi kodwa akekho oshoyo ukuthi izovela kuphi kulo mnotho ongakhuli. Iqiniso wukuthi awukhuli umnotho waseNingizimu Afrika. Abavoti abaningi bathola izibonelelo zikahulumeni.
“Amabhizinisi adinga ukuqiniseka (ngezinto). Ngo-2021 kwabanezibhelu. Kwaba nokutapa okukhulu. Ngenxa yokutapa, kwalahleka imisebenzi nezimpilo. Obhongoza abakaze bashushiswe ngempumelelo nanamuhla. Ungusomabhizinisi noma umtshalimali, utshala kanjani ezweni elinjalo?,” ubuze kanje uNdlovu.
Uthe enye inkinga yaseNingizimu Afrika wukungahloniphi umthetho. “Siyizwe kudingeka sikhathazeke ngokungahloniphi umthetho. Yingako singeke sikhulume ngethemba labatshalimali,” kusho yena.
UNdlovu unxuse amabhizinisi ukuthi axine uhulumeni ngemibuzo. Uthe sifikile isikhathi sokuthi amabhizinisi abeneqhaza ekutheni uhulumeni uphendule ngendlela okwenzeka izinto ngayo.
UMatjie ubale inkohlakalo edlangile. Uthe: “Lapho kunenkohlakalo khona kufanele sikhumbule ukuthi kusuke kukhona isikhohlakali nesikhohlakaliswa. Kulula ukusola umuntu (okhohlakele) kanti kukhona nomenza akhohlakale.”
Uthe umphumela wokhetho ungenza ukuthi kushintshe imithetho. Ukushintsha kwemithetho kungenza kubenokungabaza ngezinto. “Amabhizinisi kufanele asebenze kulesi simo. Amabhizinisi angaba neqhaza ekubumbeni izinqubo zokusebenza. Amabhizinisi kufanele akwazi ukushintsha ahambisane nesimo sangaleso sikhathi.”
UNks uVeness uthe ayikho imfihlo ngokufunwa ngamabhizinisi kuhulumeni. “Amabhizinisi adinga indawo ephephile. Osomabhizinisi badinga isiqiniseko sokuthi amabhizinisi abo avikelekile, izisebenzi zabo ziphephile endleleni eya emsebenzini nokuthi izimpahla zabo nendawo abahlala kuyona kuphephile.
“Sidinga isiqiniseko sokuthi kunogesi, amanzi, kuqoqwa udoti nemigwaqo okuhambekayo kuyona. Sidinga isiqiniseko sokuthi izimpahla esizidayisa phesheya ziyafinyelela ezimakethe zakhona. Sidinga ukwazi ukuthi izinto esizithenga phesheya ziyafinyelela kithina. Sidinga indawo ephephile yokusebenza kwamabhizinisi amancane.”
Naye uthinte isihlava senkohlakalo. Ecaphuna isibonelo sempumelelo yeRwanda, uthe: “Sidinga ukungabekezeleli inkohlakalo. Ngeke uqhudelane nabanye (osomabhizinisi) lapho kubhoke inkohlakalo khona.”
Uthe iNingizimu Afrika kufanele ibukele kwiRwanda neChina “lapho khona ingxenye enkulu yomnotho kungamabhizinisi amancane”. Uthe kudingeka nezinhlelo zokusebenzisana kukahulumeni nezinhlangano zosomabhizinisi. Uthe yiyona ndlela yokugwema izinga eliphezulu lokuwa kwamabhizinisi amancane ukudlula wonke amazwe emhlabeni.
“Kuyadumaza ukungaboni izinto ezisobala okufanele sizenze (ukuphucula umnotho),” kusho uNks uVeness.
Isikhulumi sokugcina uPatel, senza isibonelo samazwe anjengeRussia ne-Ukraine, sithe ukudlondlobala kwezinhlangano zepolitiki ezishumayela uqhekeko phakathi kwabantu kuyakhathaza: “Siphila esikhathini sokungabaza nokungaqondakali kwezinto.”
Uthe okokuqala ngqa izinkomba zithi ngeke kusakhonya inhlangano eyodwa kwezombusazwe nokuthi kuzodlondlobala ukuphatha uhulumeni ngokubambisana.
“Sike senza ucwaningo kumalungu ethu. Kwaphendula awu-42. Iningi lomabhizinisi amancane naphakathi nendawo lathi abanandaba ukuthi izwe liphethwe wubani. Amabhizinisi amakhulu (athi) amise izinhlelo zokukhula ngenxa yokungabinesiqiniseko. Wonke (amalungu ethu) akhathazeke ngokuphindeka kwesimo sezibhelu zangoJulayi 2021.
Uthe kudingeka kulungiswe ojantshi bezitimela, kwakhiwe ingqalasizinda yezokuthutha, kuthuthukiswe ingqalasizinda, kushintshe imfundo yezwe bese kuncishiswa imicikilisho yokusebenza kwamabhizinisi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/04/12/ibambe-ngakho-ngohlelo-lwamabhizinisi-ezikhungweni-zemfundo-ephakeme-kuloba-untokozo-biyela/